List Headline Image
Updated by lijing88899195 on Jan 18, 2020
Headline for ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu
 REPORT
81 items   2 followers   3 votes   1.57k views

ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu

Manje, iyofika kanjani ngempela iNkosi ezinsukwini zokugcina? Uma abantu bephikelela ekuthini

iNkosi iyobuya ngamafu futhi, ngalokho, belokhu bebheke phezulu ezulwini, bengabheki

uphawu oluyimfihlo lokufika kukaNkulunkulu, bayoke bakwazi ukwamukela ukufika kweNkosi?

Zulu Gospel Song "Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu" God's Sheep Hear the Voice of God

South African Gospel Song "Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu" God's Sheep Hear the Voice of God

I
Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,

kumele sifune intando Yakhe,

Sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.

Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,

kunephimbo Lakhe;

lapho kunezinyathelo Zakhe,

kunemisebenzi Yakhe,

Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe

Kunokuvela Kwakhe,

Futhi lapho kunokuvela Kwakhe,

Kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

II

Nisathungatha izinyathelo zikaNkulunkulu,

Nina nonke niyeke amazwi athi, “Unkulunkulu uyiqiniso, indlela, nokuphila.”

Uma abantu abaningi bamukela iqiniso,

Abakholwa ukuthi bazitholile izinyathelo Zakhe,

Abakhombisi nakancane ukuvuma ukuvela Kwakhe.

Iphutha elingaka! Iphutha elingaka!

Ukuvela kukaNkulunkulu akukwazi ukuhambisana nombono womuntu,

Kukancane la UNkulunkulu engavela khona ngoba ecelwe umuntu.

Uma enza umsebenzi Wakhe,

Ukhetha ngendlela Yakhe, enze izinhlelo Zakhe.

Ngaphezu kwalokho, Unezinhloso zaKhe, nezindlela Zakhe,

Uma enza umsebenzi Wakhe, akadingi ukubonisana nomuntu ngomsebenzi Wakhe,

Efuna iseluleko somuntu, engadingi kwazisa umuntu.

Isona simo sikaNkulunkulu lesi,

Kufanele wonke umuntu akwazi lokhu.

III

Uma nifisa ukufakazela ukuvela Kwakhe,

Uma nifisa ukulandela izinyathelo Zakhe,

Kuqala kufanele nidlule emibonweni yenu.

Akufanele niphoqe Yena ukuthi enze lokhu nalokhu,

Akufanele nakancane nimvalele ngokwenu

Noma nimbophele emicabangweni yenu.

Kunalokho, kufanele nibuze ukuthi ningazithungatha kanjani izinyathelo Zakhe,

Namukele ukuvela Kwakhe,

Nokuthi nizithoba kanjani emsebenzini omusha Wakhe;

Ilokho okufanele ngabe kwenziwa ngumuntu.

Njengalokho engekho omunye oyiqiniso,

Futhi akekho omunye ophethe iqiniso,

Umuntu kufanele athungathe, amukele bese eyalalela.

umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Ungase Uthande Nalezi
South African Music Documentary "Lowo Ophethe Ubukhosi Phezu Kwakho Konke" Musical Documentary

3

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

**UNkulunkulu Ungumthombo Wokuphila Komuntu

Kusuka ngomzuzu ufika ukhala kulo mhlaba uqala ukuwenza umsebenzi wakho. Uqala ukubamba iqhaza lakho ohlelweni nasogcotshweni lukaNkulunkulu. Uqala uhambo lokuphila. Akukhathaliseki ukuthi usuka kuphi nokuthi uhlalelwe yiluphi uhambo, akekho ongaphunyukwa uhlelo olubekwe yiZulu, futhi akekho olawula isiphetho sakhe, yilowo obusa zonke izinto kuphela ongakwazi ukwenza lowo msebenzi. Kusukela ngosuku umuntu aba khona ngalo, uNkulunkulu yilokhu eme waqina emsebenzini Wakhe, ephethe indawo yonke futhi elawula ukuguquka nokunyakaza kwayo yonke. Njengazo zonke izinto, umuntu ngaleya kokuqaphela, ulokhu ondliwa ngobumtoti nemvula namazolo okuvela kuNkulunkulu. Njengazo zonke izinto, umuntu engazi uphila ngaphansi ngokuhlelela kwesandla sikaNkulunkulu. Inhliziyo nomoya womuntu kuphethwe esandleni sikaNkulunkulu, nakho konke ukuphila komuntu kubukwa amehlo kaNkulunkulu. Akunandaba ukuthi uyakukholwa noma awukukholwa lokhu, zonke izinto, eziphilayo noma ezifile, ziyogudluka, ziguquke, zenziwe zintsha futhi zinyamalale ngokuhambisana nemicabango kaNkulunkulu. Lena yindlela uNkulunkulu abusa ngayo zonke izinto.

Njengoba ubusuku buqala isinyelela, umuntu akanakile, ngoba inhliziyo yomuntu ayikwazi ukubona indlela ubumnyama obusondela ngayo noma lapho buqhamuka khona. Njengoba ubusuku buphela kancane kancane, umuntu wamukela ukukhanya kosuku, kodwa akucaci kakhudlwana enhliziyweni yomuntu ukuthi ukukhanya kuvela kuphi nokuthi kubuxoshe kanjani ubumnyama basebusuku. Ukuguquguquka okunjalo okungapheli kwemini nobusuku kususa umuntu kwenye inkathi kumuse kwenye, kuhambise nezikhathi, kube futhi kuqikelela ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu necebo lakhe kuyenziwa isikhathi ngasinye nangazo zonke izikhathi. Umuntu wedlula ezinkathini noNkulunkulu, kodwa umuntu akazi ukuthi uNkulunkulu ubusa zonke izinto eziphilayo noma akayazi indlela uNkulunkulu ahlela ngayo naqondisa ngayo zonke izinto. Yiyo le nto ebilokhu ihlula umuntu kusukela endulo kuze kube yimanje. Mayelana nembangela yalokho, akubangelwa ukuthi izenzo zikaNkulunkulu zifihleke kakhulu, noma ukuthi yima luzofezeka uhlelo lukaNkulunkulu, kodwa kubangelwa ukuthi inhliziyo nomoya womuntu kuqhelelene kakhulu noNkulunkulu. Ngakho, ngisho noma umuntu emlandela uNkulunkulu, ulokhu esebenzela uSathane noma yena engazi. Akekho ofuna ngenkuthalo ukulandela izinyathelo noma ukubonakala kukaNkulunkulu, futhi akekho ofisa ukuphila ekubakekelweni nokugcinwa uNkulunkulu. Kunalokho, abantu bavumela ukuwohlozwa uSathane, nomubi ukuze bamukeleke kuleli zwe nasemithethweni yokuphila elandelwa yisintu esikhohlakele. Kuleli qophelo, inhliziyo nomoya womuntu kunikelwe njengophawu lokubonga kuSathane futhi kuba okokusimamisa uSathane. Ngaphezu kwalokho, inhliziyo yomuntu nomoya wakhe kuba indawo uSathane angahlala kuyo futhi kuba indawo enhle angadlalela kuyo. Ngale ndlela, umuntu engazi, akabe esayiqonda imigomo yokuba umuntu, nokufaneleka kanye nezinjongo zokuba khona komuntu. Imithetho kaNkulunkulu nesivumelwano esiphakathi kukaNkulunkulu nomuntu kushabalala kancane kancane enhliziyweni yomuntu aze umuntu angamfuni noma angamnaki uNkulunkulu. ngokuhamba kwesikhathi, umuntu akabe esaqonda ukuthi kungani uNkulunkulu adala umuntu, futhi akabe esawaqonda amazwi aphuma emlonyeni kaNkulunkulu noma aqaphele konke okuvela kuNkulunkulu. Umuntu uqala ukuphikisa imithetho nezinqumo zikaNkulunkulu; inhliziyo nomoya womuntu kuyafa. … UNkulunkulu ulahlekelwa umuntu wendalo Yakhe yokuqala, futhi umuntu ulahlekelwa yimpande yesiqalo sakhe. Lolu usizi lwalesi sintu. Eqinisweni, kusukela ekuqaleni kuze kube manje, uNkulunkulu wethule imbangalusizi esintwini lapho umuntu eyiqhawe futhi engumgilwa kuyo, futhi akekho owaziyo ukuthi ubani ongumqondisi wale mbangalusizi.

Ezweni elibanzi, sekwenzeke izinguquko ezingenakubalwa ziphindelela. Akekho okwazi ukuhola nokuqondisa lesi sintu ngaphandle kukaNkulunkulu obusa phezu kwazo zonke izinto endaweni yonke. Akekho onamandla amakhulu ongasebenza futhi alungiselele lesi sintu, kuncane kakhulu umuntu angakwenza ukuze aholele lesi sintu endaweni enokukhanya nokusikhulula ekungabini nabulungiswa okusemhlabeni. UNkulunkulu uyadabuka ngekusasa lesintu, futhi uzwa ubuhlungu ngokuwa kwesintu. Uzwa usizi ngokunyathela kwesintu kancane sibheke ekushabalaleni nasendleleni engenakubuyela emuva. Isintu siyiphulile inhliziyo kaNkulunkulu samphika ukuze sifune omubi. Ukhona yini oseke wacabanga ngokuthi isintu esifana nalesi siphikelelephi? Yingakho kungenamuntu oqaphela intukuthelo uNkulunkulu anayo. Akekho ofuna indlela yokujabulisa uNkulunkulu noma ozama ukusondela kuNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, akekho okubonakala eluqonda usizi nobuhlungu ubukaNkulunkulu. Ngisho nangemva kokuzwa izwi likaNkulunkulu, umuntu uqhubeka kule ndlela ekude noNkulunkulu, egwema umusa nokunakekela kukaNkulunkulu, futhi eshalazela iqiniso likaNkulunkulu, futhi angancamela ukuzithengisa kuSathane, isitha sikaNkulunkulu. Futhi ubani oke wacabanga—uma umuntu engase aphikelele nokuba nenkani—ngokuthi uNkulunkulu uyokwenzani kulesi sintu esimlahle ngaphandle kokujeqeza emuva? Akekho owaziyo noma izikhumbuzo eziphindaphindwayo zikaNkulunkulu nokunxusa Kwakhe kwenzeka ngenxa yokuthi ezandleni Zakhe uphethe inhlekelele engakaze ibonwe aseyilungisile, engeyukumelwa yinyama nomphefumulo womuntu. Le nhlekelele ayisona isijesiso senyama nje, kodwa nesomphefumulo futhi. Udinga ukwazi lokhu: Lapho uhlelo lukaNkulunkulu lungafezwa nalapho izikhumbuzo nokunxusa Kwakhe kushaywa indiva, uyodedela luphi uhlobo lwentukuthelo? Lokhu ngeke kufane nalutho oseluke lwenzeka, noma lwezwiwa noma iyiphi indalo. Ngakho-ke ngithi, le nhlekelele ayikaze ibe khona futhi ngeke iphinde ibe khona enjengayo. Lokhu kungenxa yokuthi iyodwa kuphela indalo nensindiso ohlelweni lukaNkulunkulu. Lesi isikhathi sokuqala futhi nesokugcina. Ngakho, akekho ongaqonda inhloso enomusa nokuba nokulangazelela okuvuthayo kukaNkulunkulu ukusindiswa kwesintu.

UNkulunkulu wadala lo mhlaba futhi waletha umuntu, isidalwa esiphilayo afaka kuso ukuphila. Okwalandela, umuntu waba nabazali nezihlobo futhi akaba esaba yedwa. Kusukela ngesikhathi umuntu abona ngaso umhlaba, wayehlelelwe ukuba sogcotshweni lukaNkulunkulu. Umoya wokuphila ovela kuNkulunkulu oweseka isidalwa ngasinye esiphilayo ekukhuleni kuze kube sebudaleni. Phakathi nale nqubo, akekho okholwa ukuthi umuntu uphila futhi akhule ngaphansi kokunakekelwa uNkulunkulu. Kunalokho, umuntu ubambelela ekuthini wakhula ngaphansi kothando nokunakekelwa abazali bakhe, nokuthi ukukhula kwakhe kwakuqondiswa umuzwa wangaphakathi wokuphila. Lokhu kungenxa yokuthi umuntu wazi okuncane ngokuthi ukuphila kwanikezwa ngubani nokuthi kuvela kuphi, akazi ukuthi inqubo yokuphila izidala kanjani izimangaliso. Umuntu wazi kuphela ukuthi ukudla kwakha isisekelo sokuthi umuntu aqhubeke nokuphila, nokuthi ukubekezela kuwumnyobo wobukhona bempilo nokuthi ukukholwa kungumnotho wokuphila kwakhe. Akawuboni umusa nokondliwa okuvela kuNkulunkulu. Umuntu ube esekusaphaza ukuphila akunikwe uNkulunkulu…. Akekho umuntu kubantu uNkulunkulu abalondoloza ubusuku nemini othatha kuqala isinyathelo sokumkhonza. UNkulunkulu uyaqhubeka esebenza kumuntu njengoba ehlelile futhi akalindele okuthile kuye. Lokho ukwenza enethemba lokuthi ngelinye ilanga, umuntu uyovuka emaphusheni bese eyiqonda injongo nokubaluleka kokuphila, aqonde nenani uNkulunkulu anike okuningi ngalo konke umuntu, futhi azi nokuthi uNkulunkulu ukulangazelela kangakanani ukuthi umuntu abuyele Kuye. Akekho oseke wacabanga ngezimfihlo zokuqala nokuqhubeka kwempilo yomuntu. Kodwa, uNkulunkulu kuphela oqonda futhi abekezelele buthule bonke ubuhlungu nokungqutshuzwa okuvela kumuntu, osamukele konke okuvela kuNkulunkulu kodwa akabongi. Umuntu ukuthatha kalula konke okuza nokuphila, futhi “kuyinto efanele nje,” abantu bamlahlile, bamkhohlwa futhi bamsenga uNkulunkulu. Ingabe uhlelo lukaNkulunkulu lubaluleke kangako ngempela yini? Ingabe umuntu, isidalwa esiphilayo esiphuma esandleni sikaNkulunkulu, ubaluleke ngaleyo ndlela? Icebo likaNkulunkulu libaluleke kakhulu; nokho, abantu abaphilayo abadala ngesandla Sakhe baphilela icebo Lakhe. Ngakho, uNkulunkulu ngeke ayeke uhlelo Lwakhe ngenxa yenzondo yalesi sintu. Kungenxa yohlelo Lwakhe nomoya awuphefumulayo okwenza uNkulunkulu abekezelele bonke ukuhlushwa, hhayi ngenxa yenyama yomuntu kodwa ngenxa yokuphila komuntu. Uyafisa ukubuyisa hhayi nje inyama yomuntu kodwa impilo ayiphefumula. Leli icebo Lakhe.

Bonke abafika kulo mhlaba kumele baphile bese beyafa, futhi baningi asebelubonile uchungechunge lokufa nokuzalwa kabusha. Abaphilayo kungekudala bazoshona bese kuthi abafile babuye maduze. Konke lokhu kungumgudu wokuphila ohlelwe uNkulunkulu ewuhlelela sonke isidalwa esiphilayo. Nokho, lo mgudu nochungechunge kungamaqiniso uNkulunkulu afisa abantu bawazi, ukuthi ukuphila uNkulunkulu akufake kubo akupheli futhi akuphazanyiswa inyama, isikhathi, noma umkhathi. Lena imfihlakalo yokuphila uNkulunkulu akufake kumuntu nobufakazi bokuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu. Nakuba abaningi bengase bengakholwa ukuthi ukuphila kwavela kuNkulunkulu, abantu nakanjani bakujabulela konke okuvela kuNkulunkulu, kungakhathaleki ukuthi bayakukholwa noma bayakuphika ukuba khona Kwakhe. Uma ngelinye ilanga uNkulunkulu engake aguqule inhliziyo yakhe noma abuyisele kuye zonke izinto ezisemhlabeni noma athathe ukuphila akunikezile, akekho umuntu oyophila. UNkulunkulu usebenzisa ukuphila Kwakhe ukuze anakekele zonke izinto, eziphilayo nezingaphili, enze konke kuhleleke esebenzisa amandla negunya Lakhe. Leli iqiniso okungekho muntu ongalisungula noma aliqonde kalula, futhi la maqiniso angaqondakali kalula abaluleke kakhulu futhi awubufakazi kanye bokubonakala kwamandla empilo kaNkulunkulu. Manje yithi nginitshele imfihlo: Ubukhulu namandla okuphila kukaNkulunkulu ngeke kuqondwe ngokujulile yinoma yisiphi isidalwa. Kunjena manje, njengoba kwakunjalo nasekuqaleni, kuyoba njalo esikhathini esizayo. Imfihlo yesibili engizoyikhipha yile: Umthombo wokuphila uvela kuNkulunkulu, kwayo yonke indalo, akunandaba ukuthi yakheke ngendlela ehlukile. Kungakhathaleki ukuthi uluhlobo olunjani lwesidalwa, awukwazi ukuhamba uphambane nomgudu uNkulunkulu awubekile. Kunoma ikuphi, engikufisayo ukuthi umuntu aqonde ukuthi ngaphandle kokunakekelwa, ukulondolozwa, kanye nokondliwa nguNkulunkulu, umuntu ngeke athole yonke into okwakufanele ayithole, akunandaba ukuthi uzama noma uzabalaza kangakanani. Ngaphandle kokuthola ukuphila kuNkulunkulu, umuntu ngeke azi ukuthi uphilelani, futhi uyolahlekelwa injongo yokuphila. UNkulunkulu angamvumela kanjani umuntu ochitha ukubaluleka kokuphila Kwakhe ukuba angabi nandaba kanje? Kodwa futhi, ungakhohlwa ukuthi uNkulunkulu ungumthombo wokuphila. Uma umuntu ehluleka ukwazisa konke lokho uNkulunkulu amnike khona, uNkulunkulu ngeke agcine nje ngokubuyisa lokho amnika khona ekuqaleni, kodwa okukhulu kunalokho, umuntu uyokhokha ngokuphindwe kabili ukuze enze isinxephezelo ngakho konke uNkulunkulu akuchithile.
Ngomhla ka-26 Meyi, 2003

Umthombo:[ IBandla LikaNkulunkulu Usomandla](https://zu.kingdomsalvation.org/)
New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)

### New South African Gospel Song "UnguNkulunkulu Wethu" (English Dubbed)
Akekho ngaphandle Kwakhe owazi esikucabangayo.
Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.Akekho omunye owazi ingqikithi nemvelo yethu njengentende yesandla sakhe.
Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.Akekho omunye ongahlulela ukuhlubuka komuntu noma izindlela zakhe ezonakele.
Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.Akekho ongakhuluma nathi noma asebenze kithi kanje egameni likaNkulunkulu osezulwini.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nokuhlakanipha negunya likaNkulunkulu.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nesithunzi sikaNkulunkulu.Akekho ngaphandle Kwakhe ongaba nesithunzi sikaNkulunkulu.
Isimo sikaNkulunkulu nalokho anakho nayikho
kuvezwa ngokugcwele emzimbeni Wakhe ngokuphelela kwakho.kuvezwa ngokugcwele emzimbeni Wakhe ngokuphelela kwakho.
Akukho muntu ngaphandle Kwakhe ongaletha ukukhanya kithina.Akukho muntu ngaphandle Kwakhe ongaletha ukukhanya kithina.
Akukho muntu ngaphandle Kwakhe ongakhomba indlela elungile.Akukho muntu ngaphandle Kwakhe ongakhomba indlela elungile.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongembula izimfihlakalo uNkulunkulu angakaze,
uNkulunkulu angakaze aziveze kusuka esikhathini sokudala kuze kube namuhla.uNkulunkulu angakaze aziveze kusuka esikhathini sokudala kuze kube namuhla.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekuboshweni nguSathaneAkekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa ekuboshweni nguSathane
kanye nasekonakaleni, kwesimo sethu.
Akekho ngaphandle Kwakhe ongasisindisa, asisindise ekuboshweni uSathane,
nasesimweni esonakele, isimo sethu.

Kusuka kuleso sikhathi kuqhubeka, imiqondo yethu iyezwa,
imimoya yethu nayo ibonakala ivuselelwe:
Lo muntu ojwayelekile, lo muntu omncane,
ophila phakathi kwethu futhi owaliwe yithi isikhathi eside kangaka—ungubani nje?ophila phakathi kwethu futhi owaliwe yithi isikhathi eside kangaka—ungubani nje?
Akayena lowo esimlangazelele imini nobusuku,
Lowo okade alindelwa: iNkosi uJesu Kristu?
Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu impela!
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!
Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu impela!
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila! Impela iqiniso, indlela, ukuphila!Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila! Impela iqiniso, indlela, ukuphila!
Akayena lowo esimlangazelele imini nobusuku,
Lowo okade alindelwa: iNkosi uJesu Kristu?
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila! Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila! Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!
Nguye! Nguye ngempela! UnguNkulunkulu wethu impela!
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!
Impela uyiqiniso, indlela, ukuphila!

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

South African Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"

South African Gospel Song "Ukuzuza Ukuphila Okuphakade, Kufanele Wazi Umthombo Wakho"

UNkulunkulu uwumthombo wokuphila komuntu;
izulu nomhlaba kuphila ngamandla Akhe.
Akukho okuphilayo okungazikhulula ekubuseni nasegunyeni likaNkulunkulu.
Akunandaba ukuthi ungubani,
wonke umuntu kufanele alalele uNkulunkulu,
athobele ukubusa Kwakhe, ukuqondisa nemiyalelo Yakhe!
Mhlawumbe ulangazelela ukuthola ukuphila neqiniso,
ukuthola uNkulunkulu ongamethemba ukuze uthole ukuphila okuphakade.
Uma ufuna ukuthola ukuphila okuphakade,
thola umthombo wakho nalapho uNkulunkulu ekhona.
UNkulunkulu ungukuphila okungaguquki,
nguye kuphela onendlela yokuphila.
Ngoba uNkulunkulu uyindlela yokuphila,
uNkulunkulu uyindlela yokuphila okuphakade.

Ezinsukwini zokugcina umsebenzi kaNkulunkulu musha.
Uyinkosi yezulu nomhlaba.
Uyinsika kuzo zonke izinhliziyo,
futhi uyaphila futhi uyaphefumula phakathi kwabantu.
Kulapho kuphela engaletha khona ukuphila okusha bese eholela umuntu endleleni yokuphila.
UNkulunkulu uza emhlabeni azohlala phakathi kwabantu,
ukuze umuntu azuze ukuphila bese ephila.
UNkulunkulu uyala umhlaba ukuba usebenzele umsebenzi Wakhe wokuphatha.
Hhayi ezulwini noma enhliziyweni yomuntu kuphela,
uNkulunkulu uyaphila kulo mhlaba.
Ukuphika leli qiniso ngeke kukulethele indlela yeqiniso noma ukuphila.
Uma ufuna ukuthola ukuphila okuphakade,
thola umthombo wakho nalapho uNkulunkulu ekhona.
UNkulunkulu ungukuphila okungaguquki,
nguye kuphela onendlela yokuphila.
Ngoba uNkulunkulu uyindlela yokuphila,
uNkulunkulu uyindlela yokuphila okuphakade.
Uma ufuna ukuthola ukuphila okuphakade,
thola umthombo wakho nalapho uNkulunkulu ekhona.
UNkulunkulu ungukuphila okungaguquki,
nguye kuphela onendlela yokuphila.
Ngoba uNkulunkulu uyindlela yokuphila,
uNkulunkulu uyindlela yokuphila okuphakade.
UNkulunkulu ulawula izulu nomhlaba,
uyiyo yodwa indlela eya ekuphileni.
UNkulunkulu uyindlela eya ekuphileni okuphakade.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni

heading text

3

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Ukubonakala KukaNkulunkulu Kulethe Inkathi Entsha

Uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lweminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha selufika emaphethelweni, futhi isango lombuso weZulu selivulelwe bonke abafuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Bafowethu nodadewethu abathandekayo, nilindeni? Yini eniyifunayo? Ingabe nilinde ukubonakala kukaNkulunkulu? Ingabe nifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Kwazi kwalangazelezwa ukubonakala kukaNkulunkulu! Futhi kwaze kwaba nzima ukuthola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu! Enkathini efana nalena, emhlabeni ofana nalo, kumele senzeni ukuze sibone usuku lokubonakala kukaNkulunkulu? Kumele senzeni ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Imibuzo enjalo ibhekana nawo wonke umuntu olinde ukubonakala kukaNkulunkulu. Nonke senike nakucabanga kaningi lokhu—kodwa nathola miphi imiphumela? UNkulunkulu ubonakala kuphi? Ikuphi imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ingabe uzitholile izimpendulo? Iningi labantu belingaphendula lithi: UNkulunkulu uvela kulabo abamlandelayo futhi imilobo yezinyawo zakhe iphakathi kwethu; kulula kanjalo! Noma ubani anganikeza impendulo yamazwi aklanyiwe, kodwa uyaqonda yini ukuthi kuyini ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi iyini imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Ukubonakala kukaNkulunkulu kusho ukufika Kwakhe emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe. Ngobuyena kanye nesimo Sakhe, kanye nendlela yokwenza eyimvelo Yakhe, wehlela phakathi kwabantu ukwenza umsebenzi wokusungula inkathi futhi aqede inkathi. Lolu hlobo lokubonakala akusilo uhlobo lomcimbi. Akusilo uphawu, isithombe, isimangaliso noma umbono omkhulu, noma akusiyo nakancane inqubo yenkolo. Kuyinto ekhona ngempela engathintwa futhi ibonwe. Le nhlobo yokubonakala akusiyona nje eyokulandela inqubo, noma indlela yokwenza okwesikhashana, kodwa empeleni yisigaba somsebenzi wohlelo Lwakhe lokuphatha. Ukubonakala kukaNkulunkulu kuhlala kunenhloso, futhi kuxhumana nohlelo Lwakhe lokuphatha. Lokhu kubonakala kuhluke kakhulu kunokubonakala kokuqondisa kukaNkulunkulu, ukuhola, kanye nokukhanyiselwa komuntu. UNkulunkulu wenza umsebenzi omkhulu njalo uma ebonakala. Lo msebenzi uhlukile kowanoma iyiphi enye inkathi. Awunakucatshangwa ngumuntu, futhi awukaze ubonwe ngumuntu. Kungumsebenzi oqala inkathi entsha futhi uqede inkathi yakudala, futhi ngumsebenzi omusha futhi ongcono wensindiso yomuntu; ngaphezu kwalokhu, ngumsebenzi wokuletha isintu enkathini entsha. Lokhu ukubaluleka kokubonakala kukaNkulunkulu.

Esikhathini esisodwa nokuqonda ukubonakala kukaNkulunkulu, ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu? Lo mbuzo akulukhuni ukuwuchaza: Lapho kunokubonakala kukaNkulunkulu, uzothola imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Incazelo enjalo izwakala iqondile, kodwa akulula kanjalo ukukwenza, ngoba abantu abaningi abazi ukuthi uNkulunkulu ubonakala kuphi, futhi abazi nokuthi angafuna ukubonakala kuphi, noma kumele abonakale kuphi. Abanye ngokuthathela phezulu bakholwa ukuthi lapho kunemisebenzi kaMoya oNgcwele, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho kunezithombe zokomoya, kubonakala uNkulunkulu. Noma bakholwa ukuthi lapho abantu bedumile, kubonakala uNkulunkulu. Okwamanje, masingagxili ekuthini izinkolo ezinjalo zilungile noma azilungile. Ukuchaza imibuzo enjalo, kumele sicacise injongo kuqala: Sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Asifuni izithombe zomoya, futhi asilandeli abantu abadumile, silandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Njengalokho, njengoba sifuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele sifune intando kaNkulunkulu, amagama kaNkulunkulu, amazwi kaNkulunkulu—ngoba lapho kunamagama amasha kaNkulunkulu, kunephimbo likaNkulunkulu, futhi lapho kunemilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kunezenzo zikaNkulunkulu. Lapho kunezwi likaNkulunkulu, kubonakala uNkulunkulu, futhi lapho kubonakala uNkulunkulu, kukhona iqiniso, indlela kanye nempilo. Ngenkathi ufuna imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, uzibe amagama athi “uNkulunkulu uyiqiniso, indlela Kanye nokuphila.” Ngakho lapho abantu abaningi bethola iqiniso, abakholwa ukuthi bathole imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu futhi abakuvumi nakancane ukubonakala kukaNkulunkulu. Iphutha elikhulu lelo! Ukubonakala kukaNkulunkulu ngeke kuhlanganiswe nemicabango yomuntu, futhi uNkulunkulu akanakubonakala nakancane ngokuthanda komuntu. UNkulunkulu wenza izinqumo Zakhe futhi unezinhlelo Zakhe uma enza imisebenzi Yakhe; ikakhulukazi, unezinjongo Zakhe, kanye nezindlela Zakhe. Akudingekile ukuthi axoxisane nomuntu ngemisebenzi ayenzayo noma afune izeluleko kumuntu, nokuthi azise wonke umuntu ngemisebenzi Yakhe. Lokhu yisimo sikaNkulunkulu futhi kakhulukazi, kumele sibonwe nguwo wonke umuntu. Uma ulangazelela ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu, uma ufisa ukulandela imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, kumele okukuqala uphume ekucabangeni kwakho. Akumele ufune uNkulunkulu akwenzele lokhu nalokhuya, futhi akumele nakancane umbeke emkhawulweni wakho bese umnciphisela kokucatshangwa nguwe. Kunalokho kumele ubuze ukuthi ungayifuna kanjani imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu, ungakwamukela kanjani ukubonakala kukaNkulunkulu, nokuthi ungazinikela kanjani emsebenzini omusha kaNkulunkulu; yilokho okumele kwenziwe ngumuntu. Njengoba umuntu engesilo iqiniso, futhi engaphethe iqiniso, umuntu kumele afune, amukele, futhi alalele.

Kungakhathaleki ukuthi ungowaseMelika, eBrithani, noma esinye isizwe, kumele weqe imingcele yakho, weqe ubuwena, futhi ubone umsebenzi kaNkulunkulu njengesidalwa sikaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvimbe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu. Ngoba, namuhla, iningi labantu licabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu abonakale ezweni elithile noma esizweni esithile. Ujule kakhulu umsebenzi kaNkulunkulu, futhi kubalulekile kakhulu ukubonakala kukaNkulunkulu! Ingalinganiswa kanjani ngombono nangokucabanga komuntu? Ngakho ngithi, kumele uphule imicabango yezwe nobuzwe bakho uma ufuna ukubonakala kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, ngeke uvinjwe yimicabango yakho, ngale ndlela, uzofaneleka ukwamukela ukubonakala kukaNkulunkulu. Kungenjalo, uzohlala usebumnyameni, futhi ngeke uthole ukuvunywa nguNkulunkulu.

UNkulunkulu unguNkulunkulu waso sonke isintu. Akazenzi owezwe elithile noma owamazwe athile, futhi wenza umsebenzi wohlelo Lwakhe engavinjelwe yinoma isiphi isimo, izwe noma isizwe. Mhlawumbe awukaze usicabange lesi simo noma mhlawumbe uyakuphika ukuba khona kwaso, noma mhlawumbe izwe noma isizwe lapho kubonakala khona uNkulunkulu kuyabandlululwa futhi kuthuthuke kancane kunakho konke emhlabeni. Nokho uNkulunkulu unobuhlakani bakhe. Ngamandla Akhe kanye neqiniso Lakhe kanye nesimo Sakhe uzuze ngokwempela iqembu labantu abanomqondo owodwa Naye. Futhi uzuze iqembu labantu ayefuna ukulenza: iqembu elinqotshwe Nguye, elibekezelela izivivinyo ezibuhlungu kanye nezinhlobo ezahlukahlukene zokuhlupheka futhi elingamlandela kuze kube sekugcineni. Injongo yokubonakala kukaNkulunkulu ngaphandle kokuvinjwa noma kwaluphi uhlobo noma izwe ukuthi akwazi ukuqeda umsebenzi wohlelo Lwakhe. Isibonelo, lapho uNkulunkulu aba yinyama eJudiya, injongo Yakhe kwakuwukwenza umsebenzi wokubethelwa ukuze ahlenge isintu. Kodwa amaJuda ayekholwa ukuthi ngeke ayenze leyo nto uNkulunkulu, futhi acabanga ukuthi ngeke kwenzeke ukuthi uNkulunkulu angaba yinyama athathe isimo seNkosi uJesu. “Okungenakwenzeka” kwabo kwaba isisekelo sokuthi benqabe futhi baphikise uNkulunkulu, futhi ekugcineni kwaholela ekubhidlikeni kuka-Israyeli. Namuhla, abantu abaningi benze iphutha elifanayo. Bamemezela ngokunganaki nje ukusondela kokubonakala kukaNkulunkulu, kodwa futhi bachitha ukubonakala kwakhe; “okungenakwenzeka” kwabo kuphinde kuvimbe ukubonakala kukaNkulunkulu emikhawulweni yemicabango yabo. Futhi sengibone abantu abaningi befa yinsini lapho bezithela phezu kwamazwi kaNkulunkulu. Ingabe lokhu kuhleka kwehlukile yini ekuchitheni kanye nokuhlambalaza kwamaJuda? Awuzinikele ekubhekaneni neqiniso, futhi uyalifuna iqiniso. Ufunda njengempumputhe futhi awuzinaki izinto. Uzozuzani ngokufunda kanye nokulinda kanje? Ungazithola yini ukuqondisa mathupha kukaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ufaneleka kanjani ukuba ngufakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu? Lapho uNkulunkulu abonakala khona, kunobuqiniso, futhi kunezwi likaNkulunkulu. Yilabo kuphela abangamukela iqiniso abangezwa izwi likaNkulunkulu, futhi yilabo bantu kuphela abafanelekile ukuba ngofakazi ekubonakaleni kukaNkulunkulu. Beka imicabango yakho eceleni! Yima ufundisise la mazwi. Uma ulangazelela iqiniso, uNkulunkulu uzokukhanyisela ukuthi uqonde intando Yakhe kanye namazwi Akhe. Beka eceleni “okungenakwenzeka” kwakho! Uma abantu becabanga ukuthi into ngeke yenzeke, yilapho ingenzeka khona, ngoba ubuhlakani bukaNkulunkulu bukhulu budlula amazulu, mikhulu imicabango kaNkulunkulu idlula eyomuntu, futhi umsebenzi kaNkulunkulu weqa umngcele womcabango womuntu. Kaningi uma into ingenakwenzeka, yilapho kumele kufunwe iqiniso, uma into yedlula umcabango nomqondo womuntu, yilapho iqukethe intando kaNkulunkulu. Ngoba noma yikuphi lapho uNkulunkulu ebonakala khona, uNkulunkulu esenguNkulunkulu, futhi ubunjalo bakhe ngeke bushitshe ngenxa yendawo kanye nendlela abonakala ngayo. Isimo sikaNkulunkulu asishintshi, kungakhathaleki ukuthi imilobo yezinyawo zakhe zikuphi. Noma ngabe imilobo yezinyawo zikaNkulunkulu ikuphi, unguNkulunkulu waso sonke isintu. Isibonelo, iNkosi uJesu akasiyena uNkulunkulu wama-Israyeli kodwa unguNkulunkulu wabo bonke abantu e-Asia, eYurophu kanye naseMelika. Futhi ukudlula lokho nguyena Nkulunkulu kuphela emhlabeni wonke. Ngakho masifuneni intando kaNkulunkulu futhi sambulelwe ukuzibonakala Kwakhe ezwini Lakhe, futhi silandele imilobo yezinyawo yakhe! UNkulunkulu uyiqiniso, indlela, kanye nokuphila. Amazwi Akhe kanye nokubonakala Kwakhe kuyahambisana, futhi ukuhlela Kwakhe kanye nemilobo yezinyawo Zakhe kuyohlala kutholakala kubantu. Bafowethu nodadewethu, ngiyethemba ukuthi niyakubona ukuvela kukaNkulunkulu kulawa mazwi, futhi nizoqala ukulandela imilobo yezinyawo zakhe niye enkathini entsha, nasezulwini elihle elisha kanye nasemhlabeni omusha olungiselelwe labo abalindele ukubonakala kukaNkulunkulu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

3

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

UNkulunkulu Wengamela Phezu Kwesiphetho Sesintu Sonke

Njengamalunga ohlanga lwesintu kanye namaKristu azinikele, kuwumthwalo nesibopho sethu sonke ukunikela imiqondo nemizimba yethu ukuze kugcwaliseke umsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu ngoba ubuthina bonke bavela kuNkulunkulu, futhi bukhona ngenxa yobukhosi bukaNkulunkulu. Uma imiqondo nemizimba yethu ingeyona eyomsebenzi ophathiswe nguNkulunkulu kanye nendlela elungile yesintu, ngakho imiphefumulo yethu ngeke ifanele labo ababulawelwa umsebenzi abawuphathiswe nguNkulunkulu, ngeke ifanele uNkulunkulu nhlobo, osihlinzeke ngakho konke.

UNkulunkulu wadala lo mhlaba, wadala isintu, futhi ngaphezu kwalokho, wayengumakhi wesiko lamaGriki lasendulo kanye nokuphucuka kwabantu. UNkulunkulu kuphela oduduza lesi sintu, futhi uNkulunkulu kuphela onakekela lesi sintu ubusuku nemini. Ukuthuthuka komuntu nokuqhubekela phambili kungehlukaniswe nobukhosi bukaNkulunkulu, futhi umlando nekusasa lesintu kungeke kwakhishwa ezinhlelweni zikaNkulunkulu. Uma ungumKristu ngokweqiniso, uzokholwa ukuthi ukuvuka nokuwa kwanoma iliphi izwe noma isizwe kwenzeka ngokuhlela kukaNkulunkulu. UNkulunkulu yedwa owazi isiphetho sezwe noma isizwe, futhi uNkulunkulu yedwa olawula inkambo yale sintu. Uma isintu sifisa ukuba nesiphetho esihle, uma izwe lifuna ukuba nesiphetho esihle, kufanele umuntu aguqe phansi adumise uNkulunkulu, aphenduke futhi avume phambi kukaNkulunkulu, ngaphandle kwalokho isiphetho nesiphetho somuntu ngokungenakugwemeka siyogcina ngenhlekelele.

Bheka emuva esikhathini somkhumbi kaNowa: isintu sasonakele kakhulu, sasidukile esibusisweni sikaNkulunkulu, sasingasanakekelwe nguNkulunkulu, futhi sasesilahlekelwe izithembiso zikaNkulunkulu. Babephila ebumnyameni, ngaphandle kokukhanya kukaNkulunkulu. Ngakho baba nezinkanuko ngokwemvelo, bazilahlela ekonakaleni okusabekayo. Abantu abanjalo babengeke basakwazi ukwemukela isithembiso sikaNkulunkulu: babengafanele ukubona ubuso bukaNkulunkulu, noma ukuzwa izwi likaNkulunkulu, ngoba babemshiyile uNkulunkulu, babelahle kude konke ayekade ebaphe khona, futhi basebezikhohliwe izimfundiso zikaNkulunkulu. Inhliziyo yabo yedukela kude kakhulu noNkulunkulu, futhi njengoba kwenzeka lokho, bonakala ngaphezulu kwakho konke ukucabanga nobuntu, futhi baphenduka baba babi kakhulu. Ngakho baya besondela ekufeni, bawela olakeni nokujezisa kukaNkulunkulu. UNowa kuphela owayekhonza uNkulunkulu futhi ebalekela ububi, ngakho wayekwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu, futhi ezwa nemiyalelo kaNkulunkulu. Wawakha umkhumbi ngokusho kwemiyalelo yezwi likaNkulunkulu, futhi waqoqa zonke izinhlobo ngezinhlobo zezidalwa. Ngale ndlela, kwathi uma yonke into seyilungiselelwe, uNkulunkulu wadedela imbubhiso Yakhe phezu komhlaba. UNowa kuphela kanye namalunga ayisikhombisa omndeni wakhe abasinda kuleyo mbubhiso, ngoba uNowa wayekhonza uJehova futhi ebalekela ububi.

Bese ubheka inkathi yamanje: Abantu abalungile njengoNowa abakhonza uNkulunkulu babalekele ububi, abasekho ngisho ukuba khona. Kepha uNkulunkulu usenomusa esintwini futhi uyasisula icala isintu kule nkathi yokugcina. UNkulunkulu ufuna labo abalangazelela ukuthi aqhamuke. Ufuna labo abakwazi ukuzwa amazwi Akhe, labo abangakhohlwanga yilokho abaphathise khona futhi abanikela inhliziyo nomzimba wabo Kuye. Ufuna labo abalalela okwezingane phambi Kwakhe, futhi abangamelani Naye. Uma ungavinjwa ngamandla athile ekukhonzeni kwakho ngobuqotho uNkulunkulu, uNkulunkulu uzokwenzela umusa, futhi athele izibusiso Zakhe kuwe. Uma usesikhundleni esiphakeme, waziwa ngokuhlonishwa, unolwazi oluchichimayo, unempahla eningi, futhi wesekwe abantu abaningi, kepha zonke lezi zinto zingakuvimbi ukuthi uze phambi kukaNkulunkulu ukwemukela ubizo Lwakhe, nalokho akuphathisa khona, ukwenza lokho uNkulunkulu akucela ukuba ukwenze, konke oyokwenza kuyoba okubaluleke kakhulu emhlabeni futhi uyobe ungolunge kunabo bonke esintwini. Uma wala ubizo lukaNkulunkulu ngenxa yesikhundla kanye nemigomo yakho, konke ozokwenza kuyobe kuqalekisiwe futhi kuyokwenyanywa nguNkulunkulu. Mhlawumbe ungumongameli, noma usosayensi, umfundisi, noma ilunga kodwa noma ngabe siphakeme kangakanani isikhundla sakho, uma wethembele olwazini lwakho, nekhono kulokho okwenzayo, uyoba yisahluleki njalo, futhi uyohlala ungenazo izibusiso zikaNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu akamukeli lutho olwenzayo, futhi akavumi ukuthi umsebenzi wakho ungolungileyo noma emukele ukuthi usebenzela ukusizakala kwesintu. Uzothi konke okwenzayo, ukusebenzisa ulwazi namandla esintu ukuphuca umuntu ukuvikelwa nguNkulunkulu, kanye nokuphika izibusiso zikaNkulunkulu. Uzothi uholela isintu ebumnyameni, ekufeni, futhi ekuqaleni kokuphila okungenamkhawulo lapho umuntu eselahlekelwe uNkulunkulu nesibusiso Sakhe.

Kusukela lapho umuntu waqala ukuba namasayensi okuhlalisana kwabantu, umqondo womuntu wagcwala isayensi nolwazi. Isayensi nolwazi lwase luba amathuluzi okubusa isintu, futhi yayingasekho indawo eyanele yokuba umuntu akhonze uNkulunkulu, kanye nezimo ezikahle zokukhonzwa kukaNkulunkulu. Isikhundla sikaNkulunkulu sashona phansi kakhulu enhliziyweni yomuntu. Izwe enhliziyweni yomuntu elingenandawo kaNkulunkulu limnyama, alinalutho alinathemba. Ngakho kwavela ososayensi bezokuhlalisana kwabantu abaningi, ababhali bezemilando, kanye nosopolitiki ukuveza izichasiso ezicatshangiwe zesayensi yokuhlalisana kwabantu, umcabango ngenguquko yabantu, kanye nezinye izichasiso ezicatshangiwe eziphikisa iqiniso lokuthi uNkulunkulu wadala umuntu, ukugcwalisa inhliziyo nomqondo womuntu. Futhi ngale ndlela, labo abakholelwa ukuthi uNkulunkulu wadala yonke into baba mbalwa kakhulu, futhi labo abakholelwa emcabangweni ngenguquko baba baningi kakhulu. Abantu abaningi kakhulu bathatha imibhalo ngemisebenzi kaNkulunkulu kanye namazwi Akhe ngenkathi yeTestamente Elidala njengezinsomi nezinganekwane. Ezinhliziyweni zabo abantu baphenduka bangabinandaba nesithunzi nobukhulu bukaNkulunkulu, nemfundiso ethi uNkulunkulu ukhona futhi uyabusa phezu konke. Ukuphila kwesintu nesiphetho samazwe nezizwe akusabalulekile kubo. Umuntu uphila ezweni elingenalutho ezikhathaza kuphela ngokudla, ukuphuza nokushisekela intokozo. … Bambalwa abantu abazihluphayo ngokufuna ukwazi lapho uNkulunkulu enza khona umsebenzi Wakhe namhlanje, noma ukufuna ukuthi usengamela kanjani futhi usihlela kanjani isiphetho somuntu. Futhi ngale ndlela, kungazeki kumuntu, impucuko yabantu iya ngokuya ingakwazi ukuhamba ngokwezifiso zomuntu, futhi baningi abantu abezwa ukuthi njengoba bephila emhlabeni onjalo, ukujabula kwabo kuncane kunalokho kwabantu bangaphambilini. Nabantu bamazwe ayephucuke kakhulu imbala baveza izikhalo ezinjalo. Ngoba ngaphandle kokuqondisa kukaNkulunkulu, akukhathaleki ukuthi ababusi nezazi zokuhlalisana kwabantu bazikhathaza kangakanani ukugcina impucuko yabantu, kunhlanga zimuka nomoya. Akekho ongagcwalisa ubuze obusenhliziyweni yomuntu, ngoba akekho ongaba impilo yomuntu, futhi awukho umcabango wezokuhlalisana ongakhulula umuntu ebuzeni obumphethe. Isayensi, ulwazi, inkululeko, intando yeningi, ukungcebeleka, ukunethezeka, lokhu kuyikhefu lesikhashana. Naphezu kwalezi zinto, umuntu uyokona nakanjani futhi akhalele ukwenza okungalungile emphakathini. Lezi zinto ngeke zivimbe ukulangazelela okukhulu nesifiso somuntu sokucwaninga. Ngoba umuntu wenziwa nguNkulunkulu, futhi imihlatshelo engenangqondo kanye nokucwaninga komuntu kuholela kuphela ekuhluphekeni okukhulu. Umuntu uzophila esimweni sokwesaba okungapheli, ngeke azi ukuthi angalimela kanjani ikusasa lesintu, noma angabhekana kanjani nendlela engaphambili. Umuntu uzogcina esaba ngisho isayensi nolwazi, futhi asabe nakakhulu umuzwa wobuze ngaphakathi kuye. Kulo mhlaba, akukhathaleki ukuthi uphila ezweni elikhululekile noma ezweni elingenawo amalungelo esintu, awukwazi nhlobo ukuphunyuka isiphetho sesintu. Noma ngabe ungumbusi noma ungobuswayo, awukwazi nhlobo ukuphunyuka esifisweni sokuthi ucwaninge isimiso, izimfihlakalo kanye nesiphetho sesintu. Akusaphathwa ukuthi awukwazi ukuphunyuka emuzweni odidayo wobuze. Izenzakalo ezinje, ezijwayelekile esintwini sonke, zibizwa ngokuthi imisebenzi ephathelene nokuhlalisana kwabantu yizazi zesayensi yokuhlalisana kwabantu, kepha ayikho indoda eqotho engavela ukuxazulula lezi zinkinga. Umuntu, vele, ungumuntu. Indawo nempilo kaNkulunkulu ayinakuthathwa yinoma ngumuphi umuntu. Isintu asidingi nje kuphela umphakathi onobuqiniso lapho bonke abantu bondlekile futhi belingana futhi bekhululekile, kodwa insindiso kaNkulunkulu kanye nokuhlinzeka Kwakhe impilo kubo. Kulapho umuntu ethola insindiso kaNkulunkulu nokuhlinzeka Kwakhe ngempilo kubo lapho izidingo, ukulangazelela ukucwaninga, kanye nobuze bomoya womuntu kuyoxazululwa. Uma abantu bezwe noma besizwe bengakwazi ukwemukela insindiso kanye nokunakekela kukaNkulunkulu, lelo lizwe noma leso sizwe esinjalo siyohamba indlela eya encithakalweni, eya ebumnyameni, futhi siyobhujiswa nguNkulunkulu.

Mhlawumbe izwe lakho liyaphumelela njengamanje, kodwa uma uvumela abantu ukuthi baphambuke kuNkulunkulu, izwe lakho liyozithola liya ngokuya lingenazo izibusiso zikaNkulunkulu. Impucuko yezwe lakho iyoya ngokuya inyathelwe phansi, kungekudala abantu bayovukela uNkulunkulu futhi baqalekise iZulu. Ngakho, kungazeki kumuntu, isiphetho sezwe siyokwehlelwa incithakalo. UNkulunkulu uzovusa amazwe anamandla ukubhekana nalawo mazwe aqalekiswe nguNkulunkulu, futhi angawasusa ebusweni bomhlaba. Ukuvuka nokuwa kwezwe kukhomba ukuthi ababusi balo bayamkhonza uNkulunkulu noma cha, futhi nokuthi bayabaholela yini abantu babo ukuba basondele kuNkulunkulu futhi bamkhonze. Nokho, kule sikhathi sokugcina, ngenxa yokuthi labo abafuna futhi abakhonza uNkulunkulu ngeqiniso baya ngokuya beba yingcosana, uNkulunkulu uzothela umusa okhethekile kulawo mazwe lapho ukholo olusemthethweni kuwubuKristu. Uwaqoqela ndawonye ukwenza inkambu yabalungile nokho emhlabeni, kuthi lawo mazwe angakholwa nhlobo noma lawo angakhonzi uNkulunkulu weqiniso azoba yizitha zenkambu elungile. Ngale ndlela, uNkulunkulu akanayo kuphela indawo phakathi kwesintu lapho ezokwenza khona umsebenzi Wakhe, kodwa uphinda azuze amazwe angaphatha ngegunya elifanele, ukuze alethe unswinyo nemikhawulo kulawo mazwe amelana noNkulunkulu. Kepha ngale kwalokhu, namanje ababaningi abantu abavelayo ukukhonza uNkulunkulu, ngoba umuntu useduke kakhulu Kuye, futhi uNkulunkulu usenesikhathi eside kakhulu engekho emicabangweni yomuntu. Kusele emhlabeni amazwe enza ukulunga futhi amelane nobubi kuphela. Kodwa lokhu kukude nezifiso zikaNkulunkulu, ngoba abekho ababusi bezwe abangavumela uNkulunkulu ukuthi abuse phezu kwabantu babo, futhi ayikho inhlangano yezepolitiki engaqoqa abantu bayo ndawonye ukukhonza uNkulunkulu; uNkulunkulu uselahlekelwe yindawo Yakhe efanele enhliziyweni yezwe, yesizwe, yeqembu elibusayo, kanye ngisho nasenhliziyweni yawonke umuntu. Nakuba amandla alungileyo ekhona emhlabeni, ukubusa lapho uNkulunkulu engenandawo enhliziyweni yomuntu kuntekenteke. Ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu, umkhakha wezepolitiki uyoba yinhlakanhlaka futhi ube sengozini yokuhlaselwa. Esintwini, ukuhlala ngaphandle kwesibusiso sikaNkulunkulu kufana nokungabi nokukhanya kwelanga. Akukhathaleki ukuthi ababusi banikela ngokukhuthala okungakanani kubantu babo, akusho lutho ukuthi mingaki imihlangano elungile isintu esizenzayo ndawonye, akukho kulokhu okuyolungisa izinto, noma kuguqule isiphetho sesintu. Umuntu ucabanga ukuthi izwe lapho abantu bondlekile futhi begqokile, lapho abantu bephila khona ngokuthula, yizwe elihle, futhi elinabaholi abalungile. Kepha uNkulunkulu akacabangi kanjalo. Ukholwa ukuthi izwe lapho kungekho muntu omkhonzayo Yena yilelo azolibhubhisa. Indlela yomuntu yokucabanga iphikisana kakhulu nekaNkulunkulu. Ngakho, uma inhloko yezwe ingakhonzi uNkulunkulu, isiphetho salelo zwe kuyoba ngesinosizi, futhi izwe ngeke libe nampokophelo.

UNkulunkulu akangeni kwezepolitiki yabantu, kepha isiphetho sezwe noma isizwe silawulwa nguNkulunkulu. UNkulunkulu ulawula lomhlaba kanye nomhlaba wonke jikelele. Isiphetho somuntu kanye nohlelo lukaNkulunkulu kuxhumene ngokusondelelene, futhi akekho umuntu, izwe noma isizwe esikhishelwe ngaphandle ebukhosini bukaNkulunkulu. Uma umuntu efisa ukwazi isiphetho sakhe, kufanele eze phambi kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uzokwenza labo abamlandelayo nabamkhonzayo ukuthi baphumelele, futhi uzoletha ukuncipha nobhubhiso kulabo abamelana Naye nabamalayo.

Khumbula isiqephu eBhayibhelini lapho uNkulunkulu eletha imbubhiso eSodoma, futhi ucabange futhi ukuthi unkosikazi kaLoti waphenduka kanjani isiduli kasawoti. Cabanga emuva ukuthi abantu baseNineva baphenduka kanjani ezonweni zabo bembethe ingubo yamasaka nomlotha, futhi ukhumbule okwalandela emuva kokuthi amaJuda abethela uJesu esiphambanweni eminyakeni eyizi-2,000 eyedlule. AmaJuda axoshwa kwaIsrayeli futhi abalekela emazweni kuwo wonke umhlaba. Amaningi abulawa, futhi isizwe samaJuda sisonkana sabhekana nencithakalo engakaze ibonwe. Babebethele uNkulunkulu esiphambanweni - babenze icala elihlasimulisayo - futhi bachukuluza isimo sikaNkulunkulu. Benziwa ukuthi bakhokhe ngalokho abakwenza, kwafanele bathweswe imiphumela yezenzo zabo. Balahla ngecala uNkulunkulu, bala uNkulunkulu, ngakho baba nesiphetho esisodwa nje: ukujeziswa nguNkulunkulu. Lowo ngumphumela onomunyu ababusi babo abawuletha phezu kwezwe nesizwe sabo.

Namuhla, uNkulunkulu usebuyele emhlabeni ukwenza umsebenzi Wakhe. Isinyathelo Sakhe sokuqala ngababusi abangaphikiswa: iShayina, inqaba eqinile yokungakholelwa kuNkulunkulu. UNkulunkulu usezuze iqembu labantu ngokuhlakanipha namandla Akhe. Ngalesi sikhathi, uyazingelwa yiqembu lababusi eShayina ngayo yonke indlela futhi ufakwa ekuhluphekeni okukhulu, engenandawo yokuphumuza ikhanda Lakhe futhi engakwazi ukuthola isiphephelo. Naphezu kwalokhu, uNkulunkulu usaqhubeka nomsebenzi ahlose ukuwenza: uyakhuluma futhi asakaze ivangeli. Akekho ongaqonda ukuba nguSomandla kukaNkulunkulu. EShayina, izwe elibuka uNkulunkulu njengesitha, uNkulunkulu akakaze ayeke umsebenzi Wakhe. Kunalokho, baningi kakhulu abantu abemukele umsebenzi nezwi Lakhe, ngoba uNkulunkulu wenza konke angakwenza ukusindisa ilunga lesintu ngalinye ngalinye. Sithemba ukuthi alikho izwe noma isizwe esizomelana nalokho uNkulunkulu afisa ukukufeza. Labo abavimba umsebenzi kaNkulunkulu, abamelana nezwi likaNkulunkulu, abaphazamisa futhi balimaze uhlelo lukaNkulunkulu, bayojeziswa nguNkulunkulu ekugcineni. Lowo oweyisa umsebenzi kaNkulunkulu uyothunyelwa esihogweni; noma iliphi ilizwe eleyisa umsebenzi kaNkulunkulu liyobhujiswa; noma isiphi isizwe esivukayo ukumelana nomsebenzi kaNkulunkulu siyoshabalaliswa emhlabeni, futhi singabe sisaba khona. Ngiyagqugquzela abantu bazo zonke izizwe, amazwe, ngisho nezimboni ukuthi nilalele izwi likaNkulunkulu, nibone umsebenzi kaNkulunkulu, ninake isiphetho sesintu, ngaleyo ndlela nenze uNkulunkulu abe ongcwele kakhulu, ohlonishwa kakhulu, ophakeme kakhulu nokunguyena kuphela ofanele ukukhonzwa phakathi kwesintu, futhi nivumele isintu sisonkana ukuthi siphile ngaphansi kwesibusiso sikaNkulunkulu, njengoba inzalo ka-Abrahama yabe iphila ngaphansi kwesithembiso sikaJehova, futhi njengoba u-Adamu no-Eva ababenziwe uNkulunkulu ekuqaleni, babephila eNsimini yase-Edeni.

Umsebenzi kaNkulunkulu ufana namagagasi agubha kakhulu. Akekho ongamvalela, futhi akekho ongamisa izinyathelo Zakhe. Yilabo kuphela abalalela amazwi Akhe ngokucophelela futhi abafuna baphinde bomele Yena, abalandela ezinyathelweni Zakhe futhi bazuze isithembiso Sakhe. Labo abangakwenzi bayobhekana nenhlekelele enamandla kakhulu kanye nesijeziso esifanele.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

South African Gospel Dance Song "Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani" Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu

** South African Gospel Dance Song "Injabulo Ezweni Elihle LaseKhanani" Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu

**
I
Ngibuyele emndenini kaNkulunkulu, ngijabulile futhi ngithokozile.
Izandla zami zibambe isithandwa sami, inhliziyo yami engeyaKhe.
Nakuba ngidlule esiGodini seziNyembezi, ngilubonile uthando lukaNkulunkulu.
Uthando lwami ngoNkulunkulu lukhula usuku nosuku, uNkulunkulu ungumthombo wenjabulo yami.
Ngibanjwe ubuhle bukaNkulunkulu, inhliziyo yami inamathele Kuye.
Ngeke ngikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele, kunezingoma zokudumisa enhliziyweni yami.
Ngibanjwe ubuhle bukaNkulunkulu, inhliziyo yami inamathele Kuye.
Ngeke ngikwazi ukuthanda uNkulunkulu ngokwanele, kunezingoma zokudumisa enhliziyweni yami.
II
Kule lizwe elibusisekile laseKhanani, konke kusesimweni esihle, konke kusha,
kuchichima amandla okuphila.
Amanzi okuphila ageleza esuka kuNkulunkulu, angenza ngibe nokuphila.
Ngiyazijabulela izibusiso ezivela ezulwini, hhayi ukufuna, ukucinga, ukungeneliseki.
Ngifikile endaweni ebusisekile yaseKhanani, injabulo engenakuqhathaniswa enginayo!
Uthando lwami ngoNkulunkulu lunginika amandla angapheli.
Umsindo wokudumisa usho phezulu, ngimtshela ngothando ngaphakathi.
Yeka ukuthi sihle kanjani isithandwa sami! Ubuhle baKhe buthatha inhliziyo yami.
Amakha esithandwa sami angenza ngizwe kunzima ukusishiya.
III
Izinkanyezi ziyamomotheka esibhakabhakeni, ilanga livumelana nami liphezulu.
Ngokukhanya kwelanga, ngemvula namazolo, isithelo sokuphila sikhula siqinile futhi sivuthwe.
Izwi likaNkulunkulu, liyinala futhi licebile, letha izikhathi zedili kithi.
Ubukhulu bukaNkulunkulu nokusekela kwaKhe okugcwele kuyasenelisa.
Izwe laseKhanani, umhlaba wamazwi kaNkulunkulu; uthando lwaKhe luletha injabulo engapheli.
Izwe laseKhanani, umhlaba wamazwi kaNkulunkulu; uthando lwaKhe luletha injabulo engapheli.
Iphunga lezithelo ligcwala emoyeni.
Uma uphila lapha izinsuku ezimbalwa, uzokuthanda ukudlula noma yini.
Angeke usafuna ukuhamba.
IV
Inyanga eyisiliva isusa ukukhanya kwakhe. Ukuphila kwami kuhle futhi kuyajabulisa.
Isithandwa sami sisenhliziyweni yami, uthando lwaKho ludlula wonke amazwi,
"Inhliziyo yami isothandweni olumnandi Ngawe,
akukho engingakwenza ngaphandle kokuba ngijabule ngigxumagxume."
Uhlale usenhliziyweni yami, ngizoba Nawe ukuphila kwami konke.
Inhliziyo yami ilangazelela Wena ngaso sonke isikhathi; ukuthanda Wena kujabulisa inhliziyo yami nsuku zonke.
O isithandwa sami sisenhliziyweni yami! Ngikunikeze lonke uthando lwami.
Inhliziyo yami ilangazelela Wena ngaso sonke isikhathi; ukuthanda Wena kujabulisa inhliziyo yami nsuku zonke.
O isithandwa sami sisenhliziyweni yami! Ngikunikeze lonke uthando lwami.

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

Zonke bonke gospel music: South African Gospel Music 2018

2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

**2019 Zulu Gospel Worship Song “Zilandelwa kanjani izinyathelo zikaNkulunkulu” (Lyrics Video)

**

Njengoba sifuna izinyathelo zikaNkulunkulu,
kumele sifune intando Yakhe,
sifune amazwi nokukhuluma Kwakhe.
Ngokuba lapho kunamazwi amasha Akhe,
kunephimbo Lakhe;
lapho kunezinyathelo Zakhe,
kunemisebenzi Yakhe.
Lapho kunokuzwakalisa Kwakhe,
kunokuvela Kwakhe,
futhi lapho kunokuvela Kwakhe,
kuneqiniso, nendlela, nokuphila.

Nisathungatha izinyathelo zikaNkulunkulu,
nina nonke niyeke amazwi athi,
Unkulunkulu uyiqiniso, indlela, nokuphila.”
Uma abantu abaningi bamukela iqiniso,
abakholwa ukuthi bazitholile izinyathelo Zakhe,
abakhombisi nakancane ukuvuma ukuvela Kwakhe.
Iphutha elingaka! Iphutha elingaka!
Ukuvela kukaNkulunkulu akukwazi ukuhambisana nombono womuntu,
kukancane la UNkulunkulu engavela khona ngoba ecelwe umuntu.
Uma enza umsebenzi Wakhe,
ukhetha ngendlela Yakhe, enze izinhlelo Zakhe.
Ngaphezu kwalokho, Unezinhloso zaKhe, nezindlela Zakhe.
Uma enza umsebenzi Wakhe, akadingi ukubonisana nomuntu ngomsebenzi Wakhe,
efuna iseluleko somuntu, engadingi kwazisa umuntu.
Isona simo sikaNkulunkulu lesi,
kufanele wonke umuntu akwazi lokhu.

Uma nifisa ukufakazela ukuvela Kwakhe,
uma nifisa ukulandela izinyathelo Zakhe,
kuqala kufanele nidlule emibonweni yenu.
Akufanele niphoqe Yena ukuthi enze lokhu nalokhu,
akufanele nakancane nimvalele ngokwenu
noma nimbophele emicabangweni yenu.
Kunalokho, kufanele nibuze ukuthi ningazithungatha kanjani izinyathelo Zakhe,
namukele ukuvela Kwakhe,
nokuthi nizithoba kanjani emsebenzini omusha Wakhe;
ilokho okufanele ngabe kwenziwa ngumuntu.
Njengalokho engekho omunye oyiqiniso,
futhi akekho omunye ophethe iqiniso,
umuntu kufanele athungathe, amukele bese eyalalela.

kwethi Landelani Iwundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

**South African Gospel Song "Qaphelani isiphetho sesintu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

**

UNkulunkuluukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
zinak’isiphetho sesintu;
zimenz’uNkulunkulu abe ongcwele,
ophakeme kakhulu ohlonishwayo;
zivumele isintu siphile esibusisweni sikaNkulunkulu,
njengalokh’isizukulwane
sika-Abraham saphil’esibusisweni sikaJehova,
njengendalo kaNkulunkulu u-Adamu noEva baphil’engadini yase-Edeni.

Umsebenzi kaNkulunkulu unjengamagagasi agubha kakhulu;
akekho ongamgcina noma abophe izinyawo Zakhe.
Ngokulalel’iphimbo Lakhe Balandele Yena
izinyathelo Zakhe zilandeleke nezithembiso Zakhe zamukelwe.
Bonke abanye bayobhekana nokubhujiswa bamukel’isijeziso esibafanele.
UNkulunkulu ukhuthaza izinhlanga zonke, amazwe kanye nezimboni:
Zilale’iphimbo Lakhe zibon’umsebenzi Wakhe;
ziqaphel’isiphetho sesintu.
Qaphelani isiphetho sesintu.

kusuka Ezwini Elivela Lisenyameni

Zonke bonke gospel music: South African Gospel Song "Uyawazi Umsebenzi KaNkulunkulu"

Zulu Gospel Song "Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

**Zulu Gospel Song "Uphawu Lwesimo SikaNkulunkulu" Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu

**

Isimo sikaNkulunkulu sihlanganisa uthando Lwakhe nokududuza Kwakhe isintu,
sihlanganisa ukuzonda Kwakhe nokuqonda Kwakhe ngokugcwele isintu.
Isimo sikaNkulunkulu,
isimo sikaNkulunkulu siyinto uMbusi wazo zonke izinto eziphilayo
noma iNkosi yayo yonke indalo enayo.
Isimo sikaNkulunkulu
simele ukuhlonipheka, amandla, nesithunzi,
simele ubukhulu nokuphakama.
Isimo sikaNkulunkulu.
UNkulunkulu uphakeme futhi uhlonipheka kuze kube phakade.
futhi umuntu, uphansi futhi akanakubaluleka kuze kube phakade.
Ngoba uNkulunkulu uzinikela kumuntu kuze kube phakade,
kodwa umuntu uyathatha futhi azisebenzele yena kuze kube phakade.
II
Isimo sikaNkulunklu siwuphawu lwegunya, lwakho konke ukulunga,
nakho konke okuhle nakho konke okulungile.
Isimo sikaNkulunkulu,
siwuphawu lokuthi uNkulunkulu akakwazi ukucindezelwa
noma ahlaselwe ubumnyama noma yimaphi amandla obutha.
Asikho isidalwa esingakwenza noma esivunyelwa ukumcasula.
Isimo sikaNkulunkulu siwuphawu lwamandla aphezulu kakhulu.
Isimo sikaNkulunkulu.
Akekho noma abekho abantu abangaphazamisa umsebenzi Wakhe noma isimo Sakhe.
UNkulunkulu usebenzela ukuphila komuntu kuze kube phakade,
kodwa umuntu akaniki lutho nhlobo ekukhanyeni noma ekulungeni.
III
Umuntu angasabenza okwesikhahi esithile, kodwa akakwazi ukumela igalelo elilodwa.
Ngoba ukusebenza komuntu kuvame ukuba ngokwakhe, hhayi okwabanye.
UNkulunkulu uphakeme futhi uhlonipheka kuze kube phakade.
futhi umuntu, uphansi futhi akanakubaluleka kuze kube phakade.
Ngoba uNkulunkulu uzinikela kumuntu kuze kube phakade,
kodwa umuntu uyathatha futhi azisebenzele yena kuze kube phakade.
Umuntu unomhobholo kuze kube phakade, uNkulunkulu akazicabangeli kuze kube phakade.
UNkulunkulu uwumthombo wakho konke okunobulungiswa, okulungile, nokuhle,
kanti umuntu ungumlandeli nomvezi wabo bonke ububi nokubi.
Ukulunga nengqikithi yobuhle bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka.
UNkulunkulu uphakeme futhi uhlonipheka kuze kube phakade.
futhi umuntu, uphansi futhi akanakubaluleka kuze kube phakade.
Ngoba uNkulunkulu uzinikela kumuntu kuze kube phakade,
kodwa umuntu uyathatha futhi azisebenzele yena kuze kube phakade.
UNkulunkulu usebenzela ukuphila komuntu kuze kube phakade.
kodwa umuntu akanikezi lutho nhlobo ekukhanyeni noma ekulungeni.
Futhi umuntu angasabenza isikhahi esithile, kodwa akakwazi ukumela igalelo elilodwa,
ngoba umuntu uhlala ezenzela yena.
UNkulunkulu uphakeme futhi uhlonipheka kuze kube phakade,
futhi umuntu, uphansi futhi akanakubaluleka kuze kube phakade.
Ukulunga nengqikithi yobuhle bukaNkulunkulu akusoze kwaguquka,
Akasoze aguqula ingqikithi anayo.
Nokho noma nini noma kuphi umuntu angafulathela
ukulunga, futhi anhlanhlathe kude noNkulunkulu.

kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Ungase Uthande Nalezi;Zulu gospel song "UNkulunkulu Uphatha Umuntu Njengothandiweyo Kakhulu Wakhe"

3

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

Ukwazi Izigaba Ezintathu Zomsebenzi KaNkulunkulu Kuyindlela Yokwazi UNkulunkulu

Umsebenzi wokuphatha isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu, okusho ukuthi umsebenzi wokusindisa isintu uhlukaniswe waba izigaba ezintathu. Lezi zigaba ezintathu azihlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, kodwa kunalokho izigaba ezintathu zeNkathi Yomthetho, iNkathi Yomusa, kanye neNkathi Yombuso. Umsebenzi wokudala umhlaba kwabe kuwumsebenzi wokudala sonke isintu. Kwakungewona umsebenzi wokusindisa isintu, futhi awuphathelene nomsebenzi wokusindisa isintu, ngoba ngesikhathi umhlaba udalwa isintu sasingakhonakaliswa uSathane, ngakho sasingekho isidingo sokwenza umsebenzi wokusindisa isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu waqala kuphela lapho isintu sesonakaliswe uSathane, ngakho umsebenzi wokuphatha isintu nawo waqala kuphela lapho isintu sesonakalisiwe. Ngamanye amazwi, ukuphatha kukaNkulunkulu isintu kwaqala ngenxa yomsebenzi wokusindisa isintu futhi akuvelanga emsebenzini wokudala umhlaba. Umsebenzi wokuphatha isintu ngaphandle kwesimo esonakele waba khona kuphela ngemva kokuba isintu sibe nesimo esonakele, kanye nomsebenzi umsebenzi wokuphatha isintu onezingxenye ezintathu, kunokuba ube nezigaba ezine, noma izinkathi ezine. Lena iyona ndlela kuphela elungile yokukhuluma ngokuphathwa kwesintu nguNkulunkulu. Lapho inkathi yokugcina ifika ekupheleni, umsebenzi wokuphatha isintu uyobe usufike ekugcineni ngci. Ukuphethwa komsebenzi wokuphatha kuchaza ukuthi umsebenzi wokusindisa sonke isintu sewuphele nya, nokuthi isintu sesifike ekupheleni kohambo lwaso. Ngaphandle komsebenzi wokusindisa sonke isintu, umsebenzi wokuphatha isintu ubungeke ube khona, noma izigaba ezintathu zomsebenzi ngabe azikho. Kwakungenxa yokonakala kwesintu, nokuthi isintu sasinesidingo esiphuthumayo sokusindiswa, ingakho uJehova aphothula ukudalwa komhlaba futhi waqala umsebenzi weNkathi Yomthetho. Ilapho kuphela umsebenzi wokuphatha isintu waqala khona, okuchaza ukuthi yilapho kuphela okwaqalwa khona umsebenzi wokusindisa isintu. “Ukuphatha isintu” akuchazi ukuqondisa impilo yesintu esisanda kudalwa emhlabeni (okusho ukuthi, isintu esasingakhonakaliswa). Kunalokho, kungukusindiswa kwesintu esesonakaliswe uSathane, okusho ukuthi kungukuguqulwa kwesintu esonakalisiwe. Lena incazelo yokuphatha isintu. Umsebenzi wokusindisa isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, ngakho-ke umsebenzi wokulawula isintu awuhlanganisi umsebenzi wokudala umhlaba, futhi uhlanganisa kuphela izigaba ezintathu zomsebenzi ezehlukene kunokudalwa komhlaba. Ukuze uqonde umsebenzi wokuphatha isintu, kuyadingeka ukuba ube nolwazi ngomlando wezigaba ezintathu zomsebenzi—lokhu ikona okufanele wonke umuntu akwazi ukuze asindiswe. Njengezidalwa zikaNkulunkulu, kufanele nikhumbule ukuthi umuntu wadalwa nguNkulunkulu, futhi kufanele nikhumbule isisusa sokonakaliswa komuntu, futhi ngaphezu kwalokho, kufanele nikhumbule inqubo yokusindiswa komuntu. Uma wazi kuphela ukwenza ngokuhambisana nemfundiso yokholo ukuze uzuze umusa kaNkulunkulu, kodwa ungenalwazi ngisho oluncane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu, noma isisusa sokonakaliswa kwesintu, ngakho yikho lokhu okuswele njengesidalwa sikaNkulunkulu. Akufanele waneliswe ukuqonda lawo maqiniso angenziwa kuphela, kuyilapho ulokhu ungenalwazi ngesilinganiso esibanzi kakhulu somsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha—uma kunjalo, ubambelele ezimfundisweni ezingaphikiswa. Izigaba ezintathu ziyindaba yangaphakathi kokuphatha kukaNkulunkulu umuntu, ukuqala kwevangeli lomhlaba wonke, imfihlakalo enkulu kunazo zonke esintwini, futhi kuyisisekelo sokusabalalisa ivangeli. Uma ugxila ekuqondeni amaqiniso alula kuphela aphathelene nempilo yakho, futhi ungazi lutho ngalokhu, izimfihlakalo ezinkulu kunazo zonke kanye nemibono, ngakho impilo yakho ayifani yini nomkhiqizo ongasebenzi, ongelusizo lwalutho ngaphandle kokuthi uwubuke nje?

Uma umuntu egxila ekwenzeni kuphela, futhi ebona umsebenzi kaNkulunkulu nolwazi lomuntu njengolusekelayo, akukhona yini ukuthi unengqondo encane futhi awuhlakaniphile? Lokho okufanele ukwazi, kufanele ukwazi, futhi lokho okufanele ukwenze, kufanele ukwenze. Yilapho kuphela uyoba umuntu okwaziyo ukulwela iqiniso. Uma usuku selufika ukuba usabalalise ivangeli, uma kuphela ukwazi ukuthi uNkulunkulu unguNkulunkulu omkhulu futhi olungile, ukuthi unguNkulunkulu Ophakemeyo, uNkulunkulu ongefaniswe namuntu omkhulu, nokungekho ophakeme kuNaye…, uma ungasho kuphela lawa mazwi angenamsebenzi futhi akha phezulu, uphinde ungakwazi nhlobo ukusho amazwi asemqoka kakhulu, futhi anohlonze, uma ungenalutho ongalusho ngokumazi uNkulunkulu, noma umsebenzi kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungakwazi ukuchaza iqiniso, noma ulethe lokho okuswelekayo kumuntu, ngakho umuntu onjengawe akakwazi ukwenza umsebenzi wakhe kahle. Ukufakazela uNkulunkulu nokusabalalisa ivangeli lombuso akuyona into elula. Kufanele kuqala uhlome ngeqiniso, kanye nemibono okufanele iqondwe. Uma ucaciselekile ngemibono kanye neqiniso lezingxenye ezehlukene zomsebenzi kaNkulunkulu, enhliziyweni yakho ugcina uwazi umsebenzi kaNkulunkulu, futhi akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu wenzani—noma ukwahlulela okulungile noma ukucwengwa komuntu—unombono omkhulu njengesisekelo sakho, futhi uneqiniso okuyilo ongalenza, uyokwazi ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni. Kufanele wazi ukuthi akukhathaleki ukuthi imuphi umsebenzi awenzayo, inhloso yomsebenzi kaNkulunkulu ayiguquki, inhliziyo yomsebenzi Wakhe ayiguquki, futhi intando Yakhe ngomuntu ayiguquki. Ngisho noma amazwi Akhe enzima kangakanani, ngisho noma siphikisa kangakanani isimo, imiyalelo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke, futhi nenhloso Yakhe yokusindisa umuntu ngeke iguquke. Inqobo nje uma kungesona isambulo sokuphela komuntu noma isiphetho somuntu, futhi akuwona umsebenzi wesigaba sokugcina, noma umsebenzi wokufikisa ekugcineni uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu lulonke, futhi inqobo uma kusesesikhathini lapho esebenza kumuntu, ngakho inhliziyo yomsebenzi Wakhe ngeke iguquke: iyohlale iyinsindiso yesintu. Lokhu kufanele kube isisekelo sokholo lwakho kuNkulunkulu. Inhloso yezigaba ezintathu zomsebenzi ukusindisa sonke isintu—okuchaza ukusindiswa okuphelele komuntu ekubuseni kukaSathane. Nakuba ngasinye sezigaba ezintathu sinenjongo kanye nokubaluleka kwaso, ngasinye siyingxenye yokusindisa umuntu, futhi siwumsebenzi ohlukile wensindiso owenziwe ngokuvumelana nezidingo zesintu. Uma sewazi inhloso yalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, uyobe sewazi ukuqonda ukubaluleka kwesigaba ngasinye somsebenzi, futhi uyokwazi ukuthi wenze njani ukuze wanelise isifiso sikaNkulunkulu. Uma ungafinyelela kuleli banga, ngakho lokhu, umbono omkhulu kunayo yonke, uyoba isisekelo sokukholwa kwakho kuNkulunkulu. Akufanele ufune kuphela izindlela ezilula zokwenza, noma amaqiniso ajulile, kodwa kufanele uhlanganise imibono nokwenza, khona kuzoba khona kokubili, amaqiniso ongawenza kanye nolwazi olunesisekelo emibonweni. Yilapho kuphela uyoba umuntu oshisekela iqiniso ngokupheleleyo.

Izigaba ezintathu zomsebenzi zisekujuleni kwenhliziyo yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, futhi kuzo kuvezwa isimo sikaNkulunkulu nalokho ayikho. Labo abangazi ngezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukubona ukuthi uNkulunkulu usiveza kanjani isimo Sakhe, futhi ababazi ubuhlakani bomsebenzi kaNkulunkulu, futhi baqhubeka nokungabi nalwazi ngezindlela eziningi asindisa ngazo isintu, kanye nentando Yakhe ngesintu sisonke. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuvezwa okuphelele komsebenzi wokusindisa isintu. Labo abangazazi izigaba ezintathu zomsebenzi bazohlala bengenalwazi ngezindlela nemiyalelo ehlukene yomsebenzi woMoya oNgcwele; labo ababambelela kakhulu kuphela emfundisweniemfundisweni esalayo esigabeni esisodwa somsebenzi ngabantu abakhawulisa uNkulunkulu emfundisweni, kanti ukholo lwabo kuNkulunkulu aluqondakali futhi alunasiqiniseko. Abantu abanjalo abasoze bathola insindiso kaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kuphela ezingaveza ngokuphelele isimo sikaNkulunkulu sisonke, futhi ziveze ngokuphelele inhloso kaNkulunkulu yokusindisa isintu sisonke, kanye nenqubo yonke yokusindiswa kwesintu. Lokhu ubufakazi bokuthi usemhlulile uSathane waphinde wazuza isintu, kuwubufakazi bokunqoba kukaNkulunkulu, futhi kungukuvezwa kwesimo sikaNkulunkulu sisonke. Labo abaqonda isigaba esisodwa ezigabeni ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu bazi ingxenye kuphela yesimo sikaNkulunkulu. Ekucabangeni komuntu, kulula ukuthi lesi sigaba esisodwa somsebenzi siphenduke imfundiso, kuyabonakala ukuthi umuntu angamisa imigomo ngoNkulunkulu, futhi umuntu usebenzisa le ngxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu njengokuthi imele isimo sikaNkulunkulu sisonke. Ngaphezu kwalokho, okuningi ukucabanga ngamehlo engqondo komuntu kuhlangene lapho, ngendlela yokuthi uyasikhawula ngokuqinile isimo, ubuyena, kanye nobuhlakani bukaNkulunkulu, kanye nemiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, ngaphakathi kwemikhawulo enyinyekile, ekholelwa ukuthi uma uNkulunkulu wabe enje ngokunye, uzohlala enjalo sonke isikhathi, futhi ngeke aphinde ashintshe. Kuphela yilabo abaziyo futhi abazinanelayo izigaba ezintathu zomsebenzi abangamazi uNkulunkulu ngokuphelele futhi ngokuyikho. Okungenani, ngeke bamchaze uNkulunkulu njengoNkulunkulu wama-Israyeli, noma amaJuda, futhi ngeke bambone njengoNkulunkulu oyohlala ebethelwe esiphambanweni ngenxa yomuntu. Uma ufinyelela ekwazini uNkulunkulu kusukela esigabeni esisodwa somsebenzi Wakhe, ulwazi lwakho luncane kakhulu. Ulwazi lwakho luyiconsi olwandle. Uma kungenjalo, kungani abaningi bamakholwa ohlobo oludala esabethela uNkulunkulu esiphambanweni ephila? Akungenxa yokuthi umuntu ufaka uNkulunkulu emikhawulweni ethile? Abantu abaningi abaphikisani yini noNkulunkulu futhi bavimbe umsebenzi woMoya oNgcwele ngoba bengazi umsebenzi kaNkulunkulu onhlobonhlobo futhi ohlukahlukene, ngaphezu kwalokho, banengcosana yolwazi nemfundiso abakala ngayo umsebenzi woMoya oNgcwele? Nakuba abadlule kukho laba bantu kukha phezulu, bayaqhosha futhi bathanda ukuzitika ngokwemvelo, futhi babuka umsebenzi woMoya oNgcwele ngokudelela bashaya indiva ukuqondisa koMoya oNgcwele futhi, ngaphezu kwalokho, basebenzisa izinkulumo zabo ezindala neziyize ukuqinisekisa umsebenzi woMoya oNgcwele. Bayazenzisa, futhi banelisekile ngokuphelele ngolwazi lwabo uqobo kanye nokufunda kwabo, nokuthi bayakwazi ukuhamba banqamule umhlaba. Abantu abanjalo akubona labo abazondwayo futhi abalahlwe uMoya oNgcwele futhi ngeke yini bakhishwe yinkathi entsha? Akubona labo abeza phambi kukaNkulunkulu bamphikise imbaba abantu abancinyane ababona eduze kuphela, abazama ukumane bakhombise ukuthi bahlakaniphe kangakanani? Ngolwazi oluwubala lweBhayibheli, bazama ukugxamalaza “imikhakha yezemfundo” yomhlaba, benemfundiso ekha phezulu nje abayifundisa abantu, bazama ukuphindisela emuva umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bazame ukuwenza uzungeze lapho inqubo yabo yokucabanga ikhona, futhi, njengoba benokubukela eduze nje, bazama ukujeqeza kanye nje umsebenzi kaNkulunkulu weminyaka eyizi-6,000. Laba bantu abanaso isizathu abangakhuluma ngaso! Empeleni, lapho ulwazi lwabantu lulukhulu ngoNkulunkulu, yilapho bephuza ukwahlulela umsebenzi Wakhe. Ngaphezu kwalokho, bakhuluma kancane kuphela ngomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, kodwa abanawo amawala ekwahluleleni kwabo. Lapho kukuncane abantu abakwaziyo ngoNkulunkulu, yilapho beqhosha khona futhi benokuzethemba okweqile, futhi yilapho bememezela ngokungabi namahloni okukhulu ubukhona bukaNkulunkulu—kepha bakhuluma okucatshangwayo nje kuphela, futhi abalethi ubufakazi bangempela. Abantu abanjalo abalusizo kwalutho. Labo ababona umsebenzi woMoya oNgcwele njengomdlalo abanangqondo! Labo abangaqapheli uma behlangabezana nomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, abakhuluma noma ikanjani nje, abasheshayo ukwehlulela, abavumela isazela sabo semvelo ukuphika ukulunga komsebenzi woMoya oNgcwele, nabaphinde badelele futhi bawuhlambalaze—abantu abangahloniphi kanjalo anganalwazi ngomsebenzi woMoya oNgcwele na? Akubona, ngaphezu kwalokho, labo bokuqhosha, abaziqhenyayo ngokwemvelo, futhi abangaphatheki? Noma ngabe usuku luyafika lapho abantu abanjalo bemukela umsebenzi omusha woMoya oNgcwele, nakalokhu, uNkulunkulu ngeke ababekezelele. Ababukeli phansi labo abasebenzela uNkulunkulu nje kuphela, kodwa bahlambalaza uNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abanobuwula kanje ngeke baxolelwe, noma kulenkathi noma enkathini ezayo futhi bayobhubha ingunaphakade esihogweni! Abantu abanjalo, abangahloniphi, abathanda ukuzitika bayazenzisa ukuthi bakholelwa kuNkulunkulu, futhi lapho beqhubeka nokwenze njalo, yilapho bengazithola bephula izinqumo zikaNkulunkulu zokuphatha. Akuve bonke labo abaqhoshayo, abangalawuliwe ngokwemvelo, futhi abangakaze bahloniphe muntu, bonke behamba le ndlela? Abaphikisani noNkulunkulu usuku nosuku, Yena ohlala emusha futhi engagugi? Namuhla, kufanele niqonde ukuthi kungani kufanele nazi ukubaluleka kwezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Amazwi engiwashoyo awokusiza nina, futhi awalona ize. Uma niwafunda nje sengathi nibuka izimbali ngenkathi nedlula ngejubane nisemhlane wehhashi, ngeke wonke umsebenzi Wami onzima ube ngowamahhala? Ngamunye wenu kufanele ayazi imvelo yakhe. Abantu abaningi banekhono lokuqophisana, izimpendulo zemibuzo yezinto ezicatshangwayo iphimiseka kalula niyisho, kodwa aninakho eningakusho mayelana nemibuzo ephathelene nezinto ezinohlonze. Nanamuhla, nisaba nezingxoxo ezinobuwula, anikwazi ukushintsha imvelo yenu yakudala, futhi iningi lenu alizimisele ukushintsha indlela enishisekela ngayo ukuze nithole iqiniso eliphakeme, kuphela niphila izimpilo zenu ngokungabi nentshisekelo. Abantu abanjalo bangakwazi kanjani ukulandela uNkulunkulu kuze kube sekugcineni ngci? Ngisho noma ningaphikelela nize nifike ekupheleni kwendlela, kuyokuzuzisa ngani? Kungcono ukushintsha imibono yenu ningaze nishiywe isikhathi, noma nishiseke ngokweqiniso, noma nidikibala nishiya kusekhona isikhathi. Uma isikhathi sihamba niyoba yimbungulu ehamba idla mahhala—nizimisele ukudlala indima ephansi nengenasithunzi kanjalo?

Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumlando ngomsebenzi wonke kaNkulunkulu, ziwumlando wokusindiswa kwesintu futhi aziqanjiwe nje. Uma nifisa ngempela ukuthola ulwazi ngesimo sikaNkulunkulu sisonke, kufanele nizazi izigaba ezintathu zomsebenzi owenziwa nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, akufanele neqe inoma isiphi isigaba. Lesi yisiqalo nje okufanele babe naso labo abafuna ukwazi uNkulunkulu. Umuntu uqobo akakwazi ukuzakhela ngokwakhe ulwazi lweqiniso lukaNkulunkulu. Akuyona into umuntu uqobo angayicabanga nje, futhi akuwona umphumela womusa okhethiwe uMoya oNgcwele awunike umuntu oyedwa. Kunalokho, kuwulwazi olufika emuva kokuthi umuntu esezizwele umsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngulwazi lukaNkulunkulu olufika kuphela emuva kokuzizwela amaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ulwazi olunje ngeke lutholakale ngomcabango ozifikelayo nje, futhi aluyona into engafundiswa. Luphathelene ngokupheleleyo nodlule kukhona mathupha. Ukusindisa isintu kukaNkulunkulu kuwumnyombo walezi zigaba ezintathu zomsebenzi, kepha emsebenzini wensindiso kutholakala izindlela eziningi zokusebenza namasu isimo sikaNkulunkulu esivezwa ngawo. Yilokhu okunzima kakhulu kumuntu ukuthi akukhombe, futhi kunzima kumuntu ukuthi akuqonde. Ukuhlukaniswa kwezinkathi, izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, izinguquko esizindeni somsebenzi, izinguquko kubemukeli balo msebenzi, njalo njalo—konke lokhu kutholakala ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ikakhulukazi, umehluko endleleni uMoya oNgcwele asebenza ngayo, kanye ngezinguquko esimweni sikaNkulunkulu, isiqu, igama, ubunjalo, noma ezinye izinguquko, konke kuyingxenye yezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba esisodwa somsebenzi singamela ingxenye eyodwa kuphela, futhi sigcina esilinganisweni esithile. Asifaki ukwehlukana kwezinkathi, noma izinguquko emsebenzini kaNkulunkulu, kungasaphathwa okwezinye izingxenye. Leli iqiniso elisobala. Izigaba ezintathu zomsebenzi ziwumsebenzi kaNkulunkulu wokusindisa isintu sewuwonke. Umuntu kufanele awazi umsebenzi kaNkulunkulu kanye nesimo sikaNkulunkulu emsebenzini wensindiso, futhi ngaphandle kwaleli qiniso, ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lungamazwi ayize, aluyilutho ngaphandle kokubeka imibono engasho lutho. Ulwazi olunjalo alukwazi ukugqugquzela noma ukunqoba umuntu, ulwazi olunjalo luphambene nokuyikhona, futhi akusilona iqiniso. Lungaba luningi kakhulu, luphinde lube mnandi uma uluzwa kodwa uma lumelene nesimo sikaNkulunkulu semvelo, ngakho uNkulunkulu ngeke akuhawukele. Ngeke kuphela angaluncomi ulwazi lwakho, kodwa futhi uyoziphindiselela kuwe ngokuba isoni esimhlambalazayo. Amazwi okwazi uNkulunkulu awakhulunywa kalula. Noma ungaba nolimi olulula futhi uyigagu, futhi amazwi akho engavusa abafileyo, futhi enze abaphilayo bafe, kodwa awunakho okudingekayo uma sekuza ekutheni ukhulume ngolwazi lukaNkulunkulu. UNkulunkulu akayena lowo ongamehlulela ngamawala, noma umncome ngokunganaki, noma umlulaze ngokunganaki. Uncoma noma ubani nowonke wonke, kepha uyazabalaza ukufika emazwini afanelekile ukuchaza ubukhulu bobuhle nomusa kaNkulunkulu—yilokhu okufundwa izo zonke izehluleki. Nakuba kunochwepheshe bezilimi abaningi abangakwazi ukuchaza uNkulunkulu, ubuqiniso kwalokho abakushoyo, kuncane ngangesilinganiso sekhulu kuneqiniso elikhulunywa abantu baNkulunkulu futhi abanolwazi lwamagama olimi olunomkhawulo, kepha bebe benolwazi nokubona okuningi. Ngakho kuyabonakala ukuthi ulwazi lukaNkulunkulu lutholakala ngokushaya esikhonkosini nokuba yikho uqobo, hhayi ukusetshenziswa kwamagama okuhlakanipha noma ukuba nolwazi lwamagama olimi olunothile, nokuthi ulwazi lomuntu nolwazi lukaNkulunkulu akuhlobene neze. Isifundo sokwazi uNkulunkulu siphakeme ukudlula noma isiphi esesayensi yesintu. Kuyisifundo esingafunyanwa abambalwa kakhulu balabo abafuna ukwazi uNkulunkulu, futhi ngeke kwatholwa inoma umuphi nje umuntu onethalente. Ngakho akufanele nibheke ukwazi uNkulunkulu nokushisekela iqiniso njengokuthi kungamane kwenziwe yingane. Mhlawumbe ube nempumelelo ngokuphelele empilweni yomndeni wakho, noma emsebenzini wakho, noma emshadweni wakho, kodwa uma sekuza eqinisweni, nesifundo sokwazi uNkulunkulu, awunalutho esandleni, awufezanga lutho. Ukwenza iqiniso, kungashiwo, kunzima kakhulu kini, futhi ukwazi uNkulunkulu kuyinkinga enkulu impela. Lokhu ubunzima benu, futhi ubunzima isintu sisonke esibhekene nabo. Phakathi kwalabo ababe nokuphumelela okuthile emkhakheni wokwazi uNkulunkulu, cishe abekho abasezingeni elifanele ncamashi. Umuntu akazi ukuthi kuchaza ukuthini ukwazi uNkulunkulu, noma ukuthi kungani kunesidingo ukwazi uNkulunkulu, noma iliphi izinga elisho ukuthi sewuyamazi uNkulunkulu. Yilokhu okukhungathekisayo esintwini, futhi ngempela nje kuyimpicabadala enkulu kunazo zonke isintu esibhekene nayo—futhi akekho okwazi ukuphendula lo mbuzo, futhi akekho ozimisele ukuphendula lo mbuzo, ngoba, kuze kube namuhla, akekho phakathi kwesintu osewake waba nempumelelo ekufundeni lo msebenzi. Mhlawumbe, uma impicabadala yezigaba ezintathu zomsebenzi isiveziwe esintwini, kuyovela ngokulandelana iqembu labantu abanamathalente abamaziyo uNkulunkulu. Empeleni, ngethemba ukuthi kunjalo, futhi, ngaphezu kwalokho, Ngiphezu kwenqubo yokwenza lo msebenzi, futhi ngithemba ukubona ukuvela kwabaningi abanamathalente anjalo maduzane. Bazoba yilabo abafakazela iqiniso lalezi zigaba ezintathu zomsebenzi, futhi, empeleni, bayoba ngabokuqala ukufakaza ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Uma abantu abanawo la mathalente anjalo bengekho, ngosuku lokuphela komsebenzi kaNkulunkulu, noma kukhona oyedwa noma ababili, futhi bevumile mathupha ukupheleliswa nguNkulunkulu othathe isimo sesintu, akukho okubuhlungu futhi esinokuzisola ngakho okudlula lokhu—nakuba kuyisithombe sesimo esibi kunazo zonke ezingenzeka. Noma kwenzekani, ngisethemba ukuthi lapho abashisekela ngokweqiniso bangasizuza lesi sibusiso. Kusukela ekuqaleni kwesikhathi, awukaze ubekhona umsebenzi onje ngaphambilini, umsebenzi onje awukaze wenzeke emlandweni wokuthuthuka komuntu. Uma ngempela ungaba omunye wabokuqala kulabo abazi uNkulunkulu, ngeke lokhu kube wudumo oluphakeme kakhulu kuzo zonke izidalwa? Singaba khona esinye isidalwa phakathi kwesintu esingathola ukunconywa okukhulu okudlula lokho kuNkulunkulu? Umsebenzi onje awulula ukuwufeza kodwa usayovuna imivuzo ekugcineni. Ngale kobulili noma ubuzwe babo, bonke labo abakwazi ukuthola ulwazi lukaNkulunkulu ekugcineni, bayothola amaqhuzu amakhulu kakhulu kuNkulunkulu, futhi kuyoba yibo kuphela abayoba negunya likaNkulunkulu. Lokhu umsebenzi wanamhlanje, futhi umsebenzi wangesikhathi esizayo; owokugcina, futhi uphakeme kunayo yonke imisebenzi ezofezwa eminyakeni eyizi-6,000 yokusebenza, futhi uyindlela yokusebenza eveza lonke uhlobo lomuntu. Ngomsebenzi wokwenza umuntu ukuthi azi uNkulunkulu, izigaba ezehlukene zabantu ziyavezwa: labo abazi uNkulunkulu bafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu futhi bemukele izithembiso Zakhe, kuthi labo abangamazi uNkulunkulu abafanelekile ukuthola izibusiso zikaNkulunkulu nokwamukela izithembiso Zakhe. Labo abazi uNkulunkulu bangabangani abakhulu bakaNkulunkulu, kanti labo abangamazi uNkulunkulu angeke babizwa ngabangani abakhulu bakaNkulunkulu; abangani abakhulu bakaNkulunkulu bangathola noma iziphi izibusiso zikaNkulunkulu, kodwa labo abangebona abangani Bakhe abakhulu akufanele bathole noma imiphi yemisebenzi Yakhe. Noma ngabe izinhlupheko, ukucwengwa, noma ukwahlulelwa, konke ngokokuvumela umuntu ukuthola ekugcineni ulwazi lukaNkulunkulu nokuthi umuntu athobele uNkulunkulu. Yilo mphumela kuphela oyofezeka ekugcineni. Ayikho into ezigabeni ezintathu zomsebenzi efihliwe, futhi lokhu kuwusizo ekwazini komuntu uNkulunkulu, futhi kusiza umuntu ukuthi athole ulwazi lukaNkulunkulu oluphelele futhi olugcwele. Wonke lo msebenzi uwusizo kumuntu.

Umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe ngumbono umuntu ekufanele awubone, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu ngeke ufezwe ngumuntu, futhi akuwona owomuntu. Izigaba ezintathu zomsebenzi zingukuphatha kukaNkulunkulu sekukonke, futhi awukho umbono omkhulu ukudlula lona ofanele ukwaziwa ngumuntu. Uma umuntu engawazi lo mbono omkhulu kangaka, ngakho akulula ukuthi azi uNkulunkulu, futhi akulula ukuqonda intando kaNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, indlela umuntu ahamba kuyo iya ikhuphukela ukukhandla. Ngaphandle kwemibono, umuntu ubengeke akwazi ukuhamba aze afike lapha. Imibono eqaphe umuntu kwaze kwaba inamuhla, futhi yiyo ehlinzeke umuntu ngokuvikeleka okukhulu kakhulu. Esikhathini esizayo, ulwazi lwenu kufanele lujule kakhulu, futhi kufanele nazi intando Yakhe isiyonke kanye nengqikithi yomsebenzi Wakhe ohlakaniphile ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Yilesi kuphela isiqu senu sangempela. Isigaba sokugcina somsebenzi asimile sodwa, kodwa siyingxenye yendikimba eyakhiwe izigaba ezimbili zangaphambilini ndawonye, okusho ukuthi ngeke kwenzeke neze ukuthi uqede umsebenzi wonke wokusindisa ngokwenza esinye sezigaba ezintathu zomsebenzi sodwa kuphela. Nakuba isigaba sokugcina somsebenzi siyakwazi ukusindisa umuntu ngokuphelele, lokhu akusho ukuthi kudingeka kwenziwe lesi sigaba sisodwa kuphela, nokuthi lezi zigaba zomsebenzi ezimbili zangaphambilini azidingeki ukusindisa umuntu ethonyeni likaSathane. Asikho isigaba ezigabeni ezintathu esingaphakanyiswa njengombono okuyiwona kuphela ofanele waziwe isintu sonke, ngoba umsebenzi wensindiso sewu wonke uyizigaba ezintathu zomsebenzi, hhayi isigaba esisodwa phakathi kwazo. Inqobo uma umsebenzi wensindiso ungakafezeki, ukuphatha kukaNkulunkulu ngeke kukwazi ukufika ekupheleni okuphelele. Ubuyena, isimo, kanye nokuhlakanipha kukaNkulunkulu buvezwa emsebenzini wensindiso sewu wonke, abuvezwanga kumuntu ekuqaleni kakhulu, kodwa kuvezwe kancane kancane emsebenzi wensindiso. Isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso siveza ingxenye yesimo sikaNkulunkulu, kanye nengxenye yobuyena; Akuzona zonke izigaba zomsebenzi ezingaveza ngqo futhi ezingaveza ngokuphelele Ubuyena sebubonke bukaNkulunkulu. Ngakho, umsebenzi wensindiso ungaphethwa uma izigaba ezintathu zomsebenzi seziphothuliwe, ngakho ulwazi lo muntu ngakho konke ngoNkulunkulu, lungehlukaniswe nezigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu. Lokho umuntu akuzuzayo esigabeni somsebenzi esisodwa kumane kuyisimo sikaNkulunkulu esivelayo engxenyeni eyodwa yomsebenzi Wakhe. Akukwazi ukumela isimo nobuyena okuvela ezigabeni ezingaphambili noma ezingemuva. Lokhu yingoba umsebenzi wokusindisa umuntu ngeke uqedwe khona manjalo esikhathini esisodwa, noma endaweni eyodwa, kodwa kancane kancane uya ujula ngangezinga lokuthuthuka komuntu ezikhathini nasezindaweni ezihlukene. Kuwumsebenzi owenziwa ngezigaba, futhi awupheli ngesigaba esisodwa. Ngakho, ukuhlakanipha kukaNkulunkulu sekukonke kucaciswa ezigabeni ezintathu kunasesigabeni esisodwa. Ubuyena bubonke nobuhlakani Bakhe bubonke bendlalwe kulezi zigaba ezintathu, futhi isigaba ngasinye siphethe ubuyena Bakhe, futhi siwumbhalo wokuhlakanipha komsebenzi Wakhe. Umuntu kufanele azi isimo sisonke sikaNkulunkulu esivezwa kule zigaba ezintathu. Konke lokhu ngobuyena bukaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela esintwini sonke, futhi uma abantu bengenalo lolu lwazi uma bekhonza uNkulunkulu, abahlukile kulabo abakhonza uBuddha. Umsebenzi kaNkulunkulu phakathi kwabantu awufihliwe kumuntu, futhi kufanele waziwe yibo bonke labo abakhonza uNkulunkulu. Njengoba uNkulunkulu esezenzile lezi zigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso phakathi kwabantu, umuntu kufanele azi ukuvezwa kwalokho anakho nayikho ngezikhathi zalezi zigaba ezintathu zomsebenzi. Ilokhu okufanele kwenziwe umuntu. Akufihlayo uNkulunkulu kumuntu yilokho umuntu angeke akwazi ukukwenza, nalokho umuntu angafanele ukukwazi, kanti lokho uNkulunkulu akukhombisa umuntu yilokho umuntu ekufanele akwazi, nalokho umuntu ekufanele abenakho. Isigaba ngasinye sezigaba ezintathu zomsebenzi senziwa phezu kwesisekelo sesigaba esingaphambilini; asenziwa ngokuzimela, sehlukanisiwe emsebenzini wensindiso. Nakuba kunomehluko omkhulu enkathini nenhlobo yomsebenzi owenziwayo, emnyombeni wawo, kuseyinsindiso yesintu, futhi isigaba ngasinye somsebenzi wensindiso sijulile kakhulu kunesigcinile. Isigaba ngasinye somsebenzi siqhubeka esisekelweni sesigaba esigcinile, esingaqedwanga. Ngale ndlela, emsebenzini Wakhe ohlale umusha futhi ongabi mdala neze, uNkulunkulu uhlala eveza ingxenye yesimo Sakhe engakaze ivezwe ngaphambilini kumuntu, futhi uhlala eveza kumuntu umsebenzi Wakhe omusha, nobuyena Bakhe obusha. Futhi nakuba amakholwa ahambisa ngokudala enza konke okusemandleni ukumelana nalokhu, futhi aphikisana nakho imbaba, uNkulunkulu uyawenza njalo umsebenzi omusha ahlose ukuwenza. Umsebenzi Wakhe uhlale ushintsha, futhi ngenxa yalokhu, uhlale uhlangabezana nokuphikiswa ngumuntu. Naso, ngokunjalo, isimo Sakhe sihlale sishintsha, njengenkathi nabamukeli bomsebenzi Wakhe? Ngaphezu kwalokho, njalo uhlale enza umsebenzi ongakaze wenziwe ngaphambilini, wenza ngisho umsebenzi obukeka uphambene nomsebenzi obuwenziwa ngaphambilini, ahambise ngokuphambene nawo. Umuntu ukwazi ukwemukela indlela eyodwa kuphela yokusebenza noma indlela eyodwa yokwenza. Kunzima kumuntu ukwemukela umsebenzi noma izindlela zokwenza, ezingavumelani nabo, noma eziphakeme kunabo—kodwa uMoya oNgcwele uhlale enza umsebenzi omusha, ngakho kuye kuqhamuke amaqembu ngamaqembu ochwepheshe kwezokukholwa abamelana nomsebenzi omusha kaNkulunkulu. Laba bantu sebebe ngochwepheshe ngenxa kanye yokuthi umuntu akanalo ulwazi lokuthi uNkulunkulu uhlala emusha futhi akabi mdala nhlobo, futhi akanalwazi ngezimiso zomsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde, okudlula lokho, akanalwazi ngezindlela eziningi uNkulunkulu asindisa ngazo umuntu. Ngakho, umuntu akakwazi nhlobo ukubona noma umsebenzi ovela kuMoya oNgcwele, noma umsebenzi kaNkulunkulu Uqobo Lwakhe. Abantu abaningi babambelela kule simo sengqondo lapho, uma uhambisana namazwi angaphambilini, babe sebeyawemukela, futhi uma kunomehluko kunomsebenzi wangaphambilini, bayamelana nawo futhi bawukhahlele. Namuhla, akuve nonke nibambelele kuleyo miyalelo? Izigaba ezintathu zomsebenzi wensindiso azizange zibe nomphumela otheni kini, futhi kunalabo abakholwa ukuthi izigaba ezimbili zangaphambilini ziwumthwalo ongenasidingo ngempela sokuthi bawazi. Bacabanga ukuthi lezi zigaba akufanele zithulwe kuquqaba futhi kufanele zihoxiswe ngokushesha kakhulu, ukuze abantu bangazizwa bekhungathekile yizigaba ezimbili zangaphambilini kule zigaba ezintathu zomsebenzi. Abaningi bakholelwa ukuthi ukwenza izigaba ezimbili zangaphambilini ukuthi zaziwe, sekwedlulele, futhi akunasizo ekwazini uNkulunkulu—nicabanga kanjalo. Namuhla, nonke nicabanga ukuthi kulungile ukwenza kanjalo, kodwa usuku luyofika lapho niyobona ukubaluleka komsebenzi Wami: Yazini ukuthi angenzi msebenzi ongabalulekile. Njengoba ngimemezela izigaba ezintathu kuwe, ngakho kufanele zibe wusizo kuwe; njengoba le zigaba ezintathu ziyingqikithi yokuphatha kukaNkulunkulu kukonke, ngakho kufanele bonke abantu bagxile kuzona emhlabeni jikelele. Ngelinye ilanga, nonke niyobona ukubaluleka kwalo msebenzi. Yazini ukuthi nimelana nomsebenzi kaNkulunkulu, noma nisebenzisa imibono yenu siqu ukukala umsebenzi wanamhlanje, ngoba anizazi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu, futhi ngoba aniwuthathi ngokuthi ubalulekile ngokwanele umsebenzi woMoya oNgcwele. Ukumelana kwenu noNkulunkulu kanye nokuvimbela umsebenzi woMoya oNgcwele kudalwa imibono yenu kanye nokukhukhumala okusemvelweni yenu. Akukhona ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu awulunganga, kodwa yingoba anilaleli kakhulu ngokwemvelo. Emuva kokuthola ukholo lwabo kuNkulunkulu, abanye abantu abakwazi ngisho ukusho ngesiqiniseko ukuthi umuntu waqhamuka kuphi, kepha bayalokotha bathule izinkulumo emphakathini behlola ukulunga nokungalungi komsebenzi woMoya oNgcwele. Futhi baze bafundise abaphostoli abanomsebenzi omusha woMoya oNgcwele, bephawula futhi bekhuluma kungafanele; ubuntu babo buphansi kakhulu, futhi abanangqondo kwakona. Ngeke lufike na usuku lapho abantu abanjalo beyolahlwa umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi bashe emililweni yasesihogweni. Abawazi umsebenzi kaNkulunkulu, kodwa kunalokho bayawugxeka umsebenzi Wakhe, futhi baphinde bazame ukutshela uNkulunkulu ukuthi asebenze kanjani. Bangamazi kanjani abantu abangenangqondo kanjalo uNkulunkulu? Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngesikhathi senqubo yokumfuna nokuzizwela Yena; ufika ekumazini uNkulunkulu ngokukhanyiselwa uMoya oNgcwele, hhayi ngokumgxeka ngomathanda. Uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luya ngokucophelela, bayanciphisa ukumelana Naye. Uma siqhathanisa, uma ulwazi lwabantu ngoNkulunkulu luphansi, yilapho kulula ukuthi bamelane Naye. Imibono yakho, imvelo yakho endala, nobuntu, isimilo kanye nesimo sakho sokuziphatha, “isamba” omelana ngaso noNkulunkulu, futhi ngangokukhohlakala, ukonakaliswa kanye nokubaphansi oyikho, ingangokunyukela kokuba kwakho isitha sikaNkulunkulu. Labo abanemibono emibi kakhulu futhi abanesimo sokuzithwala banobutha ngisho nakakhulu noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi abantu abanjalo abaphikikristu. Uma imibono yakho ingaguqulwanga, iyohlala njalo imelene noNkulunkulu; awusoze wazwana noNkulunkulu, futhi uyohlala uhlukene Naye.

Ungakwazi ukuthola ulwazi olusha kuphela uma ubeka eceleni imibono yakho emidala, kepha ulwazi oludala alusho ngempela imibono emidala. “Imibono” ikhuluma ngezinto ezicatshangwa ngumuntu ngamehlo engqondo ezingavumelani neqiniso. Uma ulwazi oludala bese luvele lusemuva ngenkathi endala, futhi lwavimba umuntu ukuthi angene emsebenzini omusha, ngakho ulwazi olunjalo nalo luwumbono. Uma umuntu engakwazi ukulubuka ngendlela efanele lolo lwazi, futhi akwazi ukufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngezindlela eziningi ezihlukene, ulwazi oludala luphenduka usizo kumuntu, futhi luphenduka isisekelo umuntu angena ngaso enkathini entsha. Isifundo sokwazi uNkulunkulu sidinga wena ukuthi uqondisise imiyalelo eminingi: ungena kanjani endleleni yokwazi uNkulunkulu, imaphi amaqiniso okufanele uwaqonde ukuze wazi uNkulunkulu, nendlela yokulahla imibono nemvelo yakho endala ukuze uthobele wonke amalungiselelo omsebenzi omusha kaNkulunkulu. Uma usebenzisa lezi zimiso njengesisekelo sokungena esifundweni sokwazi uNkulunkulu, ulwazi lwakho luyoya lujula. Uma unolwazi olucacile ngezigaba ezintathu—okusho ukuthi, uhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu selulonke—futhi uma ungahlanganisa ngokuqhathanisa izigaba ezimbili zangaphambilini zomsebenzi kaNkulunkulu nesigaba samanje, futhi ukwazi ukubona ukuthi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu oyedwa, uyoba nesisekelo esiqinile kakhulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi zenziwa uNkulunkulu oyedwa; lokhu umbono omkhulu kunayo yonke, futhi iyona kuphela indlela yokwazi uNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi bezingenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi akekho umuntu ongamenzela lo msebenzi—okusho ukuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe kuphela obengenza umsebenzi Wakhe siqu kusukela ekuqaleni kuze kube manje. Nakuba izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu zenziwe ezinkathini nasezindaweni ezehlukene, futhi nakuba umsebenzi wazo ngasinye uhlukile, wonke umsebenzi wenziwe nguNkulunkulu oyedwa. Emibonweni iyonke, lona umbono omkhulu kunayo yonke umuntu okufanele ayazi, futhi uma uqondwa ngokuphelele umuntu, ngakho uyokwazi ukuma aqine. Namuhla, inkinga enkulu kakhulu izinkolo namahlelo ezibhekene nayo ukungawazi umsebenzi woMoya oNgcwele, futhi awakwazi ukuhlukanisa phakathi komsebenzi woMoya oNgcwele nomsebenzi okungewona owoMoya oNgcwele—ngakho azikwazi ukubona noma lesi sigaba somsebenzi, njengalezi zigaba ezimbili zomsebenzi ezigcinile, naso senziwa nguNkulunkulu uJehova. Nakuba abantu belandela uNkulunkulu, abaningi abakwazi ukubona noma yindlela elungile yini. Umuntu uyakhathazeka ngokuthi le ndlela yindlela eholwa nguNkulunkulu Ngokwakhe mathupha, nokuthi ukuthatha kwesimo sesintu kukaNkulunkulu kuyiqiniso, futhi abantu abaningi namanje abakwazi ukwehlukanisa uma sekuza ezintweni ezinjalo. Labo abalandela uNkulunkulu abakwazi ukucacisa indlela, ngakho imilayezo ekhulunywayo inomphumela ongaphelele phakathi kwala bantu, futhi ayikwazi ukusebenza ngokuphelele, ngakho lokhu kuyakuthikameza ukungena empilweni kwabantu abanjalo. Uma umuntu engabona ezigabeni ezintathu zomsebenzi ukuthi zenziwa nguNkulunkulu Uqobo ezikhathini ezehlukene, ezindaweni ezehlukene, kanye nakubantu abahlukene, uma bengabona ukuthi nakuba umsebenzi uhlukile, wonke wenziwa uNkulunkulu oyedwa, nokuthi njengoba kuwumsebenzi owenziwa uNkulunkulu oyedwa, khona-ke kufanele ukuthi ulungile, futhi awunawo amaphutha, nokuthi noma ungavumelani nemibono yabantu, akukho ukungabaza ukuthi umsebenzi waNkulunkulu oyedwa—uma umuntu engasho ngokuqiniseka ukuthi ngumsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, ngakho imibono yomuntu izomane iphenduke ubala nje, engafanelekile ngisho ukuthi ungakhuluma ngakho. Ngenxa yokuthi imibono yomuntu ayicacanga, futhi umuntu wazi uJehova njengoNkulunkulu, noJesu njengeNkosi, futhi unemiqondo emibili mayelana noNkulunkulu othathe isimo sesintu wanamhlanje, abantu abaningi baqhubeka nokuzinikela emsebenzini kaJehova noJesu, futhi bakhungathwe imibono ngomsebenzi wanamhlanje, abantu abaningi bahlale bengabaza, futhi abawuthathi umsebenzi wanamhlanje ngokuthi ubalulekile. Umuntu akanayo imibono mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, ezazingabonakali. Yingoba umuntu akaliqondi iqiniso mayelana nezigaba ezimbili zokugcina zomsebenzi, futhi akazange azibonele zona mathupha. Yingoba azibonakali yingakho umuntu ezicabangela njengoba ethanda; akukhathaliseki ukuthi uvezani, awekho amaqiniso azifakazelayo, futhi akekho ozozilungisa. Umuntu unikezela ngokungenamkhawulo ukuzibonela kwakhe ngokwemvelo engakhathaleli lutho futhi evumela ukucabanga ngamehlo engqondo kwakhe kukhululeke, ngoba akunamaqiniso ongaqinisekisa ngawo, ngakho ukucabanga komuntu kuphenduka “iqiniso,” akukhathaliseki noma bukhona yini ubufakazi kukhona. Ngakho umuntu ukholelwa kuNkulunkulu wakhe emqondweni wakhe, futhi angamfuni uNkulunkulu weqiniso. Uma umuntu oyedwa enenkolelo ethize, ngakho phakathi kwabantu abalikhulu abanezinkolelo kunezinhlobo eziyikhulu zezinkolelo. Umuntu unalezo zinkolelo ngoba akaliboni iqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu, ngoba usawuzwe ngezindlebe zakhe kuphela futhi akakawuboni ngamehlo akhe. Umuntu usezwe izinganekwane nezindaba kodwa—akavamisile ukuzwa ulwazi ngamaqiniso omsebenzi kaNkulunkulu. Ngalokho kungenxa yemibono yabo ukuthi abantu osekuphele unyaka owodwa nje bengamakholwa, ukuthi bakholwe nguNkulunkulu, lokhu kuyiqiniso futhi nakulabo asebekholwe kuNkulunkulu iminyaka yabo yonke. Labo abangawaboni amaqiniso abasoze bakwazi ukuphunyuka okholweni lapho benemibono ngoNkulunkulu. Umuntu ucabanga ukuthi usezikhululile ezibophweni zemibono yakhe emidala, futhi usengene endaweni entsha. Umuntu akazi ukuthi ulwazi lwalabo abangabuboni ubuso beqiniso bukaNkulunkulu luyimibono nenzwabethi nje kuphela? Umuntu ucabanga ukuthi imibono yakhe ilungile, futhi ayinaphutha, futhi ucabanga ukuthi le mibono ivela kuNkulunkulu. Namhlanje, lapho umuntu ebona umsebenzi kaNkulunkulu, udedela imibono eseyakheleke eminyakeni eminingi. Imicabango yokubuka ngomqondo kanye namacebo akudala aphenduka abayisithiyo emsebenzini wale sigaba, futhi kwaba lukhuni kumuntu ukuthi ashiye imibono enjalo futhi aphikise amacebo anjalo. Imibono ngalo msebenzi ohambisa ngesinyathelo nesinyathelo sabaningi balabo abakade belandela uNkulunkulu kuze kube namuhla seyiye ngokunyukela yabanzima kakhulu futhi laba bantu kancane kancane sebakhe ubutha obunenkani noNkulunkulu othathe isimo sesintu, futhi isisusa sale nzondo yimibono nokucabanga ngamehlo engqondo kwabantu. Ingenxa kanye yokuthi amaqiniso akamvumeli umuntu ukuthi akhulule ukubuka kwakhe ngamehlo engqondo, futhi, ngaphezu kwalokho, akulula ukuthi aphikiswe ngumuntu, futhi nemibono nokubona ngamehlo engqondo komuntu, akuvumeli ukubakhona kwamaqiniso, phezu kwalokho, ngoba umuntu akacabangi ngokulunga nokunemba kwamaqiniso, futhi ngokuzicabangela yedwa umane adedele imibono yakhe, futhi asebenzise ukubona kwakhe ngamehlo engqondo, ukuthi imibono nemicabango yomuntu isiphenduke isitha somsebenzi namhlanje, umsebenzi ongavumelani nemibono yamuntu. Lokhu kungathiwa nje kuphela iphutha lemibono yomuntu, futhi ngeke kuthiwe iphutha lomsebenzi kaNkulunkulu. Umuntu angacabanga noma yini ayithandayo, kodwa akakwazi ukuphikisa ngokukhululeka nanoma isiphi isigaba somsebenzi kaNkulunkulu noma ucezu lwaso; ukubakhona komsebenzi kaNkulunkulu akunakoniwa ngumuntu. Ungakhulula ukucabanga kwakho ngamehlo engqondo, futhi ungaqoqa ndawonye izindaba ezinhle ngoJehova noJesu, kodwa awukwazi ukuphikisa iqiniso nganoma isiphi isigaba somsebenzi kaJehova noJesu ngasinye; lokhu isimiso, futhi njalo kuyisimemezelo sokuphatha, futhi kufanele niqonde ukubaluleka kwalezi zindaba. Umuntu ukholwa ukuthi le sigaba somsebenzi asihambisani nemibono yomuntu, futhi nokuthi lokhu akunjalo mayelana nezigaba zomsebenzi ezimbili ezingaphambilini. Ekubukeni kwakhe ngamehlo engqondo, umuntu ukholwa ukuthi umsebenzi wezigaba ezimbili zangaphambilini ngokuqinisekile awufani nomsebenzi wanamhlanje—kodwa wake wacabanga ukuthi imiyalelo yomsebenzi kaNkulunkulu zonke ziyafana, ukuthi umsebenzi Wakhe ungobonakalayo njalo, nokuthi, akukhathali inkathi, kuyohlala kukhona inkindlane yabantu abamelana futhi baphikise iqiniso lomsebenzi Wakhe? Bonke labo namuhla abamelana futhi baphikise le sigaba somsebenzi akungabazeki ukuthi babeyophikisana noNkulunkulu ezikhathini zakudala, ngoba abantu abanjalo bayohlala beyizitha zikaNkulunkulu. Abantu abazi iqiniso ngomsebenzi kaNkulunkulu bazobona izigaba ezintathu zomsebenzi njengomsebenzi kaNkulunkulu oyedwa, futhi bazoshiya phansi imibono yabo. Laba ngabantu abamaziyo uNkulunkulu, futhi abantu abanjalo yilabo abalandela uNkulunkulu ngeqiniso. Uma ukuphatha kwaNkulunkulu sekukonke sekusondela ekupheleni, uNkulunkulu uzohlela zonke izinto ngohlobo lwazo. Umuntu wenziwa izandla zoMdali, futhi ekugcineni kufanele Abuyisele umuntu ngaphansi kombuso Wakhe; lesi isiphetho sezigaba ezintathu zomsebenzi. Isigaba somsebenzi ezinsukwini zokugcina, nezigaba ezimbili ezingaphambilini kwa-Israyeli naseJudiya, ziwuhlelo lokuphatha lukaNkulunkulu emhlabeni jikelele. Akekho ongakuphika lokho, futhi kuyiqiniso lomsebenzi kaNkulunkulu. Nakuba abantu abakawuboni noma bazizwele okuningi ngalo msebenzi, amaqiniso aselokhu engamaqiniso, futhi lokhu kungephikiswe nanoma imuphi umuntu. Abantu abakholwa kuNkulunkulu emazweni wonke emhlabeni jikelele bonke bazokwemukela izigaba ezintathu zomsebenzi. Uma wazi isigaba esithile somsebenzi, futhi ungaziqondi lezi ezinye izigaba ezimbili, ungaqondi umsebenzi kaNkulunkulu ezikhathini ezedlule, ngakho awukwazi ukukhuluma iqiniso lonke lohlelo lokuphatha lukaNkulunkulu, futhi ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lunohlangothi olulodwa, ngoba okholweni lwakho kuNkulunkulu Awumazi, noma Awumqondi, ngakho awufanele ukufakazela uNkulunkulu. Akukhathaliseki ukuthi ulwazi lwakho lwamanje lwalezi zinto lujulile noma lukha phezulu, ekugcineni, kufanele nibe nolwazi, futhi nikholiseke ngokucophelela, futhi bonke abantu bayowubona umsebenzi kaNkulunkulu usuwonke futhi bathobe ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. Ekupheleni kwalo msebenzi, zonke izinkolo ziyohlangana, zonke izidalwa ziyobuyela ngaphansi kombuso woMdali, zonke izidalwa ziyokhonza uNkulunkulu oyedwa oyiqiniso, futhi zonke izinkolo ezimbi ziyophela, futhi zingaphinde zivele.

Kungani kulokhu kukhulunywa ngalezi zigaba ezintathu zomsebenzi? Ukudlula kwezinkathi, ukuthuthuka kwezokuhlalisana kwabantu, kanye nobuso bemvelo obushintshayo konke kulandela izinguquko ezigabeni ezintathu zomsebenzi. Ngokuhamba kwesikhathi isintu siyashintsha ngokuhambisana nomsebenzi kaNkulunkulu, futhi asithuthuki ngokwaso sisodwa. Ukuzisho izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu kwenzelwa ukuze kuqoqwe zonke izidalwa, nabantu kuzo zonke izinkolo namahlelo, ngaphansi kombuso kaNkulunkulu oyedwa. Akukhathaleki ukuthi ukuyiphi inkolo, ekugcineni nonke niyothoba ngaphansi kokubusa kukaNkulunkulu. UNkulunkulu uqobo Lwakhe kuphela ongenza lo msebenzi; awunakwenziwa inoma iyiphi inhlokho yenkolo. Ziningi izinkolo ezinkulu emhlabeni, futhi ngayinye inenhloko yayo, noma umholi, futhi abalandeli basabalele emazweni ngezifunda ezihlukene emhlabeni wonke; wonke amazwe, angaba mancane noma makhulu, anezinkolo ezihlukene ngaphakathi kwawo. Nokho, akukhathaliseki ukuthi zingaki izinkolo ezikhona emhlabeni jikelele, bonke abantu emhlabeni uhlangene namazulu ekugcineni baphila ngaphansi kokuqondiswa nguNkulunkulu oyedwa, futhi impilo yabo ayiqondiswa ikhanda noma umholi wenkolo othile. Okungukusho ukuthi isintu asiholwa inhloko noma umholi wezenkolo othile; esikhundleni salokho isintu sisonke siholwa nguMdali, owadala amazulu nomhlaba, kanye nezinto zonke, futhi wadala nesintu—futhi lokhu kuyiqiniso. Nakuba umhlaba unezinkolo eziningi ezinkulu, akukhathaliseki ukuthi zinkulu kangakanani, zonke zikhona ngaphansi kokubuswa uMdali futhi azikho kuzona ezingadlula isilinganiso salo mbuso. Ukuthuthuka kwesintu, inqubekela phambili kwezokuhlalisana kwabantu, ukuthuthuka kwezesayensi yemvelo—ngakunye kungehlukaniswe namalungiselelo oMdali, futhi lo msebenzi akuyona into engenziwa umholi wenkolo othile. Izinhloko zezinkolo zimane zingabaholi benkolo ethile, futhi ngeke zimele uNkulunkulu noma lowo owadala amazulu nomhlaba kanye nezinto zonke. Izinhloko zenkolo zingahola bonke labo abakuleyo nkolo iyonke, kodwa ngeke zikwazi ukubusa zonke izidalwa ngaphansi kwamazulu—leli iqiniso elivunywayo emhlabeni wonke. Izinhloko zenkolo zimane zingabaholi, futhi ngeke zime zilingane noNkulunkulu (uMdali). Zonke izinto zisezandleni zoMdali, futhi ekugcineni zonke ziyobuyela ezandleni zoMdali. Isintu senziwa nguNkulunkulu ekuqaleni, futhi akukhathaliseki inkolo, wonke umuntu uyobuyela ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu—lokhu akunakugwemeka. UNkulunkulu kuphela okunguye oPhezukonke phakathi kwezinto zonke, futhi umbusi ophakeme kunabo bonke phakathi kwezidalwa zonke kufanele naye abuyele ngaphansi kokubusa Kwakhe. Noma ngabe isikhundla somuntu siphakeme kangakanani, ngeke akwazi ukuletha isintu esiphethweni esifanele, futhi akekho okwazi ukuhlela zonke izinto ngohlobo lwazo. UJehova Uqobo Lwakhe owadala isintu futhi wasihlela ngohlobo, futhi uma isikhathi sokuphela sifika uyokwenza umsebenzi Wakhe Uqobo Lwakhe, ehlela zonke izinto ngohlobo lwazo—futhi lokhu ngeke kwenziwe inoma ubani ngaphandle kukaNkulunkulu. Izigaba ezintathu zomsebenzi ezenziwe kusukela ekuqaleni kuze kube namuhla zonke zenziwa nguNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi zenziwa nguNkulunkulu oyedwa. Iqiniso ngezigaba ezintathu zomsebenzi yiqiniso lobuholi bukaNkulunkulu besintu sonke, iqiniso ongekho ongaliphika. Ekugcineni kwezigaba ezintathu zomsebenzi, zonke izinto ziyohlelwa ngohlobo futhi zibuyele ngaphansi kokubuswa nguNkulunkulu, ngoba emhlabeni jikelele kukhona lo Nkulunkulu oyedwa kuphela, futhi azikho ezinye izinkolo. Ongazange awudale umhlaba ngeke akwazi ukuwufikisa ekugcineni, kepha Lowo owadala umhlaba ngokuqinisekile uzowufikisa ekugcineni, ngakho uma umuntu engakwazi ukuletha inkathi esiphethweni futhi wazi nje ukusiza umuntu ukuthi alungise umqondo wakhe, impela ngeke abe uNkulunkulu, futhi ngokuqinisekile ngeke abe yiNkosi yesintu. Ngeke akwazi ukwenza umsebenzi omkhulu kanjalo; munye kuphela ongenza lo msebenzi onjalo, futhi bonke labo abangakwazi ukwenza lo msebenzi ngokuqinisekile izitha ngaphandle kwaNkulunkulu. Zonke izinkolo ezimbi azihambisani noNkulunkulu, futhi njengoba zingahambisani noNkulunkulu, ziyizitha zikaNkulunkulu. Wonke umsebenzi wenziwa yilo Nkulunkulu oyedwa oyiqiniso, kanti nomhlaba wonke nezulu lonke likhuzwa ngulo Nkulunkulu oyedwa. Akukhathaliseki ukuthi usebenza kwa-Israyeli noma eShayina, akukhathaliseki ukuthi umsebenzi wenziwe uMoya oNgcwele noma inyama, konke kwenziwa uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, futhi kungenziwe omunye. Yingoba kanye unguNkulunkulu wesintu sonke yingakho Yena esebenza ngokukhululeka, engacindezelwe yinoma imiphi imibandela-futhi lokhu umbono omkhulu kunayo yonke. Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ufisa ukwenza umsebenzi wesidalwa sikaNkulunkulu futhi uqonde intando kaNkulunkulu, kufanele uqonde umsebenzi kaNkulunkulu, kufanele uqonde intando kaNkulunkulu ngezidalwa, kufanele uqonde uhlelo Lwakhe lokuphatha, futhi kufanele uqonde konke ukubaluleka komsebenzi awenzayo. Labo abangakuqondi lokhu abafanelekile ukuba izidalwa zikaNkulunkulu! Njengesidalwa sikaNkulunkulu, uma ungaqondi ukuthi wavelaphi, ungaqondi umlando wesintu kanye nawo wonke umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi, ngaphezu kwalokho, ungaqondi ukuthi isintu sithuthuke kanjani kuze kube inamuhlanje, futhi ungaqondi ukuthi ubani olaya isintu sisonke, awukwazi ukwenza umsebenzi wakho. UNkulunkulu usehole isintu kwaze kwaba inamhlanje, futhi selokhu Adala umuntu emhlabeni akakaze amshiye. UMoya oNgcwele akayeki ukusebenza, akakaze ayeke ukuhola isintu, futhi akakaze asishiye isintu. Kodwa isintu asiboni ukuthi kukhona uNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi sazi uNkulunkulu, futhi ikhona yini enye into edumaza ukudlula le ezidalweni zikaNkulunkulu zonke? UNkulunkulu uhola umuntu mathupha, kodwa umuntu akawuqondi umsebenzi kaNkulunkulu. Uyisidalwa sikaNkulunkulu, kepha awuwuqondi umlando wakho siqu, futhi awazi ukuthi ubani okuholile kulolu hambo, awuwazi umsebenzi owenziwe nguNkulunkulu, futhi ngeke umazi uNkulunkulu. Uma ungazi manje, awusoze wafaneleka ukuba unike ubufakazi ngoNkulunkulu. Namuhla, uMdali uhola abantu mathupha futhi, wenza bonke abantu babone ubuhlakani, ukuba ngusomandla, insindiso kanye nokumangalisa Kwakhe. Kepha namanje awuboni noma awuqondi—ngakho awuyena lowo ongeke aze athole insindiso? Laba abangaba kaSathane abawaqondi amazwi kaNkulunkulu, futhi labo abangaba kaNkulunkulu bayakwazi ukuzwa izwi likaNkulunkulu. Bonke labo ababonayo futhi abaqondayo amazwi engiwakhulumayo yilabo abazosindiswa, futhi bafakazele kuNkulunkulu; bonke labo abangaqondi amazwi engiwakhulumayo ngeke bakwazi ukufakazela uNkulunkulu, futhi bayilabo abayobhubhiswa. Labo abangaqondi intando kaNkulunkulu futhi abangawuboni umsebenzi kaNkulunkulu ngeke bakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, kuphinde abantu abanjalo ngeke bafakazele uNkulunkulu. Uma ufisa ukufakazela uNkulunkulu, kufanele wazi uNkulunkulu, futhi ulwazi lukaNkulunkulu lugcwaliseka ngomsebenzi kaNkulunkulu. Sekukonke, uma ufisa ukwazi uNkulunkulu, kufanele wazi umsebenzi kaNkulunkulu: Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kubaluleke kakhulu impela. Uma izigaba ezintathu zomsebenzi zifika ekupheleni, kuyokwenziwa iqembu lalabo abafakazela uNkulunkulu, iqembu lalabo abamaziyo uNkulunkulu. Bonke laba bantu bayomazi uNkulunkulu futhi bayokwazi ukwenza iqiniso. Bayoba nobuntu nomqondo, futhi bonke bayozazi izigaba ezintathu zomsebenzi kaNkulunkulu wensindiso. Lona umsebenzi oyogcwaliseka ekugcineni, futhi la bantu bangukucaciswa komsebenzi wokuphatha weminyaka eyizi-6,000, futhi bangubufakazi obunamandla bokuhlulwa kukaSathane ekugcineni. Labo abangafakazela uNkulunkulu bayokwazi ukuthola isithembiso nesibusiso sikaNkulunkulu, futhi bayoba iqembu eliyosala ekugcineni ngci, elinegunya likaNkulunkulu futhi lifakazela uNkulunkulu. Mhlawumbe abalapha phakathi kwenu bonke bayoba amalunga aleli qembu noma mhlawumbe uhhafu kuphela, noma abambalwa kuphela—kuncike entandweni yenu nokushisekela kwenu.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

3

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

Yilabo Abazi Umsebenzi KaNkulunkulu Namuhla Kuphela Abangasebenzela UNkulunkulu

Ukuze unikeze ubufakazi ngoNkulunkulu futhi uhlazise udrako omkhulu obomvu kumele ube nesimiso, kanye nomgomo: Enhliziyweni yakho kumele uthande uNkulunkulu, futhi ungene emazwini kaNkulunkulu. Uma ungangeni emazwini kaNkulunkulu, awunakuba nayo nhlobo indlela yokuhlazisa uSathane. Ngokukhula ekuphileni kwakho, ulahla udrako omkhulu obomvu futhi umhlazisa ngokuphelele, futhi yileyo kuphela indlela yokuhlaza ngempela udrako omkhulu obomvu. Uma ulangazelela kakhudlwana ukwenza amazwi kaNkulunkulu, buba bukhulu ubufakazi bothando lwakho ngoNkulunkulu kanye nokunengwa udrako omkhulu obomvu; uma ulalela kakhudlwana amazwi kaNkulunkulu, buba bukhulu ubufakazi bokulangazelela kwakho iqiniso. Abantu abangawalangazeleli amazwi kaNkulunkulu bangabantu abangenakuphila. Abantu abanjalo yilabo abangaphandle kwamazwi kaNkulunkulu, futhi abangabenkolo. Abantu abakholelwa kuNkulunkulu ngokwempela abanolwazi olunzulu ngamazwi kaNkulunkulu ngokudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu. Uma ungawalangazeleli amazwi kaNkulunkulu, angeke ukwazi ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ngokweqiniso, futhi uma ungenalo ulwazi ngamazwi kaNkulunkulu, awunakuba nendlela yokufakaza ngoNkulunkulu noma yokwanelisa uNkulunkulu.

Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, iyiphi indlela okumele wazi ngayo uNkulunkulu? Kumele wazi uNkulunkulu ngokusekelwe emazwini nasemsebenzini Wakhe wanamuhla, ngaphandle kokuchezuka noma inkolelo-mbono, futhi ngaphambi kwakho konke kumele uqale wazi umsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu kuyisisekelo sokwazi uNkulunkulu. Zonke lezi zinkolelo-mibono ezingenakho ukwamukeleka okuhlanzekile kwamazwi kaNkulunkulu ziyimibono yenkolo, ziwukwamukela okulahlekisayo nokunamaphutha. Osaziwayo kwezenkolo bawompetha kakhulu ekuthatha amazwi kaNkulunkulu ayemukelekile endulo bese beqhathanisa amazwi kaNkulunkulu anamuhla nawo. Uma ngesikhathi sokusebenzela uNkulunkulu namuhla, unamathela ezintweni ezazikhanyiswe uMoya oNgcwele kudala, khona-ke umsebenzi wakho uzoba ngophazamisayo, kanti nokwenzayo kuzophelelwa isikhathi futhi akunakuba okunye ngaphandle kwenkonzo yenkolo nje. Uma ukholelwa ukuthi labo abasebenzela uNkulunkulu kumele babe nentobeko nokubekezela ngaphandle…, futhi uma uthatha lolu hlobo lolwazi ulwenze namuhla, khona-ke lolo lwazi lungumbono wenkolo, futhi ukwenza kanjalo kuba ukwenza kokuzenzisa. "Imibono yenkolo" ibhekisela ezintweni eziphelelwe isikhathi nokungasasebenzi namuhla (okubandakanya ukwamukela amazwi akhulunywa uNkulunkulu ngaphambilini kanye nokukhanya okudalulwe ngokuqondile uMoya oNgcwele), futhi uma kwenziwa namuhla, khona-ke kuba yiziphazamiso emsebenzini kaNkulunkulu, futhi akunanzuzo kumuntu. Uma umuntu ehluleka ukususa lezo zinto ezingaphakathi kuye eziyimibono yenkolo, khona-ke zizoba yisithiyo esikhulu ekutheni umuntu asebenzele uNkulunkulu. Abantu abanemibono yenkolo abanayo indlela yokuhambisana nezinyathelo zomsebenzi woMoya oNgcwele, basilele emuva ngesinyathelo esisodwa, bese ziba zimbili - ngoba le mibono yenkolo yenza umuntu azibone engolunge ngokweqile futhi abe nenkani. UNkulunkulu akakulangazeleli lokho akukhuluma nakwenza endulo; uma kungasasebenzi namuhla, khona-ke uyakususa. Ingabe uzokwazi ngempela ukudedela imibono yakho? Uma ubambelela emazwini kaNkulunkulu awakhuluma endulo, ngabe lokhu kufakazela ukuthi uyawazi umsebenzi kaNkulunkulu? Uma ungakwazi ukwamukela ukukhanya kukaMoya oNgcwele namuhla, futhi kunalokho unamathele ekukhanyeni kwasendulo, ingabe lokhu kungafakazela ukuthi ulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu? Ingabe usehluleka ukudedela imibono yenkolo? Uma kunjalo, uzoba ngumuntu ophikisana noNkulunkulu.

Uma umuntu engadedela imibono yenkolo, khona-ke angeke asebenzise umqondo wakhe ukuze akale amazwi nomsebenzi kaNkulunkulu namuhla, futhi kunalokho uzolalela ngokuqondile. Yize umsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla ubonakala ungafani nalowo wasendulo, uyakwazi ukudedela imibono yasendulo futhi ulalele umsebenzi kaNkulunkulu namuhla ngokuqondile. Uma ukwazi ukubonakalisa lolu lwazi uphakamisa umsebenzi kaNkulunkulu noma ngabe wasebenza kangakanani ngaphambilini, khona-ke uba ngumuntu odedele imibono yakhe, olalela uNkulunkulu, futhi okwazi ukulalela umsebenzi namazwi kaNkulunkulu futhi ulandela ezinyathelweni zikaNkulunkulu. Kulokhu, uzoba umuntu olalela ngempela uNkulunkulu. Awuhlaziyi noma ucubungule umsebenzi kaNkulunkulu; kuba sengathi uma uNkulunkulu ewukhohliwe umsebenzi Wakhe wangaphambilini, futhi nawe, uwukhohliwe. Isikhathi samanje ngesamanje, futhi esidlule ngesidlule, futhi njengoba namuhla uNkulunkulu ubeke eceleni lokho akwenza endulo, kumele ungagxili kukho. Yilapho kuphela oyoba umuntu olalela ngokugcwele uNkulunkulu futhi odedele imibono yakhe yenkolo.

Ngoba kuhlala kunokusha okuvelayo emsebenzini kaNkulunkulu, ngakho kunomsebenzi omusha, futhi kunanomsebenzi ongasasebenzi namuhla nomdala. Lo msebenzi omdala nomusha uyaphambana, kodwa uyaphelelisana; isinyathelo ngasinye silandela esokugcina. Ngoba kunomsebenzi omusha, izinto zakudala kumele, nakanjani, zisuswe. Isibonelo, ezinye izinqubo zakudala kanye nokwakuvame ukushiwo umuntu, kuhlanganiswe nalokho umuntu abhekana nakho eminyakeni eminingi eyadlula kanye nezimfundiso, kwakhe yonke inhlobo yemibono emqondweni womuntu. Kodwa okuyimpumelelo enkulu ekwakhekeni lena mibono komuntu wukuthi uNkulunkulu usazobudalula ubuso Bakhe ngokugcwele kanye nesimo esiyisisekelo kumuntu, kuhlanganiswe nokwenabisa, eminyakeni eminingi, kwezimfundiso ezindala zangesikhathi sasendulo. Kungcono ukuthi, ngesikhathi sokukholwa komuntu kuNkulunkulu, umthelela wemibono enhlobonhlobo uholele ekuqhubekeni kokwakhiwa nasekuguqulweni kolwazi olukumuntu okulo kukhona zonke izinhlobo zemibono emayelana noNkulunkulu - okunomphumela wokuthi abantu abaningi abasontayo abasebenzela uNkulunkulu sebephenduke izitha Zakhe. Ngakho, ukuqina kwemibono yenkolo kwabantu, kudala ukuthi baphikisane ngokwengeziwe noNkulunkulu, futhi baba yizitha ezinkulu zikaNkulunkulu. Umsebenzi kaNkulunkulu uhlala umusha futhi awukaze ube mdala, futhi awukaze wakhe imfundiso futhi, kunalokho, uyaqhubeka nokushintsha futhi uzenze musha kakhulu noma kancane. Lo msebenzi uvezwa yisimo esiyisisekelo sikaNkulunkulu Uqobo. Futhi kuyisimiso esiyisisekelo somsebenzi kaNkulunkulu, kanti ungenye yezindlela uNkulunkulu afeza ngazo umsebenzi Wakhe wokuphatha. Ukuba uNkulunkulu bengasebenzi ngale ndlela, umuntu bengeke ashintshe noma akwazi ukumazi uNkulunkulu, futhi uSathane bengeke aze ahlulwe. Ngakho, emsebenzini Wakhe bekuqhubeka nokuba noshintsho olubonakala lwenzeka njalo, kodwa oluye lube ngolwesikhathi esithile. Indlela umuntu akholelwa ngayo kuNkulunkulu, nokho, yehluke kakhulu. Unamathela ezimfundisweni nasezinhlelweni ezindala, ezejwayelekile, futhi uma zizindala kakhulu zihlwabusa kakhulu kuye. Kungenzeka kanjani ukuthi umqondo onobuwula womuntu, umqondo ongaguquki njengetshe, wamukela umsebenzi omusha ongaqondakali kanye namazwi kaNkulunkulu? Umuntu uzonda uNkulunkulu ohlala emusha futhi ongakaze abe mdala; uthanda uNkulunkulu wakudala kuphela onezinwele ezimhlophe nonganyakazi. Njengoba uNkulunkulu nomuntu banalokho abakuthandayo ngokwabo, umuntu usephenduke isitha sikaNkulunkulu. Okuningi kwalokhu kushayisana kusakhona nanamuhla, ngesikhathi lapho uNkulunkulu kade enza umsebenzi omusha ngaso esicishe sibe iminyaka eyizinkulungwane eziyisithupha. Ngakho-ke, kungaphezu kwesisombululo. Kungenzeka ukuthi kungenxa yenkani yomuntu, noma ubungcwele bemithetho yokuphatha kukaNkulunkulu okwenziwa umuntu - kodwa labo befundisi basabambelele ezincwadini nasemaphepheni amadala akhuntile, kube uNkulunkulu uqhubeka nomsebenzi Wakhe wokuphatha ongaphelele kube sengathi bekungekho muntu ongasohlangothini Lwakhe. Nakuba lokhu kushayisana kwenza uNkulunkulu nomuntu babe yizitha, futhi bangabi nakho ukubuyisana, uNkulunkulu akanandaba nhlobo, sengathi bebekhona kube bebengekho. Umuntu, nokho, usanamathela ezinkolelweni nasemicabangweni yakhe, futhi akakudedeli nhlobo. Kube kunento eyodwa esobala: Yize umuntu engasuki ezenzweni zakhe, izinyawo zikaNkulunkulu zihlala zinyakaza futhi uhlala eshintsha izenzo Zakhe ngokwendawo, futhi ekugcineni, umuntu uyohlulwa engalwanga. Ngaleso sikhathi, uNkulunkulu uyisitha esikhulu kubo bonke abantu Bakhe abehluliwe, futhi ungumnqobi esintwini esehluliwe kanye nakulabo abasazokwehlulwa. Ubani ongaqhudelana noNkulunkulu bese enqobe? Imibono yomuntu kubukeka sengathi ivela kuNkulunkulu ngoba eminingi yayo yavela ekuqaleni komsebenzi kaNkulunkulu. Kube uNkulunkulu akamxoleli umuntu ngenxa yalokhu, noma, phezu kwalokho, akenzi ukuthi umuntu adunyiswe ngokukhiqizela "uNkulunkulu" imikhiqizo engaphandle komsebenzi kaNkulunkulu. Kunalokho, unengeka kakhulu ngemibono yomuntu kanye nezinkolelo ezindala, nezokukholwa, futhi ulushaya indiva ngisho nosuku lapho lena mibono eyaqala ukuvela ngalo. Akakwamukeli nhlobo ukuthi le mibono yabangelwa umsebenzi Wakhe, ngoba imibono yomuntu isabalaliswa umuntu; umthombo wayo imicabango kanye nomqondo womuntu, futhi akuyena uNkulunkulu, kodwa uSathane. Inhloso kaNkulunkulu beyiselokhu ingeyokuthi umsebenzi Wakhe ube musha futhi uphile, ungabi mdala futhi ufe, nalokho enza ukuthi umuntu abambelele kukho kwahlukana ngokwenkathi nesikhathi, futhi akuyikho okwaphakade futhi okungashintshi. Lokho kwenziwa wukuthi Yena unguNkulunkulu owenza umuntu aphile futhi abe musha, kunodeveli owenza ukuthi umuntu afe futhi aguge. Ingabe anikakuqondi lokhu? Unemibono ngoNkulunkulu futhi uyehluleka ukuyidedela ngoba awufuni ukwamukela. Akusikho ukuthi kwenziwa ukuqonda umsebenzi kaNkulunkulu kancane, noma ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nezifiso zomuntu - noma, phezu kwakho konke, yingoba uNkulunkulu uhlala ebudedengu emsebenzini Wakhe. Ukuthi awukwazi ukudedela imibono yakho ngoba untula kakhulu ukulalela, futhi awunawo nomncane umfanekiso wesidalwa sikaNkulunkulu, futhi hhayi ngoba uNkulunkulu ekwenzela izinto zibe nzima. Konke lokhu kudalwe nguwe, futhi akuhlangene nhlobo noNkulunkulu; konke ukuhlupheka namashwa kudalwe umuntu. Izinhloso zikaNkulunkulu zihlala zizinhle: Akafisi ukukwenza uveze imibono, kodwa ukufisela ukuthi ushintshe futhi uguqulwe njengoba kuhamba iminyaka. Kodwa awukwazi ukubona umehluko, futhi uhlala ucubungula noma uhlaziya . Akusikho ukuthi uNkulunkulu ukwenzela izinto zibe nzima, kodwa ukuthi awunakho ukwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu, futhi ukungalaleli kwakho kukhulu kakhulu. Isidalwa esincane ngeke size silinge sithathe ingxenyana yalokho owawukunikwe uNkulunkulu ngaphambilini, bese sikuthathe sihlasele uNkulunkulu ngakho - ingabe lokhu akukhona yini ukungalaleli komuntu? Umuntu, singasho ngokungachemi, akafanelekile nhlobo ukuveza imibono yakhe phambi kukaNkulunkulu, futhi akafanelekile ukuqhamuka nanoma yini engenamsebenzi, enukayo, ebolile akuzwa sengathi - kungangasho lutho ngaleyo mibono ekhuntile. Ayive iyinto engelutho kakhulu?

Umuntu osebenzela uNkulunkulu ngokweqiniso umuntu olandela inhliziyo kaNkulunkulu futhi olungele ukusetshenziswa uNkulunkulu, futhi okwazi ukudedela imibono yakhe yenkolo. Uma ufisa ukudla nokuphuza amazwi kaNkulunkulu ukuze uthele izithelo, khona-ke kumele udedele imibono yakho yenkolo. Uma ufisa ukusebenzela uNkulunkulu, khona-ke kubaluleke nakakhulu ukuthi uqale udedele imibono yakho yenkolo futhi ulalele amazwi kaNkulunkulu kukho konke okwenzayo. Umuntu osebenzela uNkulunkulu kumele abe nalokhu. Uma ungenalo lolu lwazi, kuyothi uma sewusebenza, ubangele kube nokuphazamiseke kanye nokuthikamezeka, futhi uma uqhubeka nokubambelela emibonweni yakho, nakanjani uyowiswa phansi uNkulunkulu, ungaphinde ukwazi ukuvuka. Thatha okwamanje, njengesibonelo. Okuningi okukhulunyiwe kanye nomsebenzi wanamuhla akuhambisani neBhayibheli, futhi akuhambisani nomsebenzi owenziwa uNkulunkulu ngaphambilini, futhi uma ungakulangazeleli ukulalela, ungase uwe noma kunini. Uma ufisa ukusebenza ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu, kumele uqale udedele imibono yenkolo futhi ulungise imibono yakho uqobo. Okuningi okukhulunywe ngekusasa kuzoqhathaniswa nalokho okwashiwo endulo, futhi uma manje ungasafisi ukulalela, ngeke uze ukwazi ukuhamba ngendlela engaphambili. Uma enye yezindlela zikaNkulunkulu seyingene yagxila kuwe futhi ungayidedeli, khona-ke le ndlela izogcina seyiwumbono wakho wenkolo. Uma lokho uNkulunkulu ayikho kugxile ngaphakathi kuwe, khona-ke uzobe sewuthole iqiniso, futhi uma amazwi kanye neqiniso likaNkulunkulu kungakwazi ukuba impilo yakho, ngeke usaba nemibono ngoNkulunkulu. Labo abanolwazi lweqiniso ngoNkulunkulu ngeke babe nayo imibono, futhi ngeke bagcine imfundiso.

Ziphaphamise ngokuzibuza imibuzo elandelayo:

  1. Ngabe ulwazi olungaphakathi kuwe luphazamisa ukusebenzela kwakho uNkulunkulu?

  2. Mingaki imikhuba engokwenkolo esempilweni yakho yansuku zonke? Uma kuphela ubonakalisa ukuzinikela enkolweni, ngabe lokhu kusho ukuthi impilo yakho ikhulile futhi ivuthiwe?

  3. Uma udla futhi uphuza amazwi kaNkulunkulu, ngabe uyakwazi ukudedela imibono yakho yenkolo?

  4. Uma uthandaza, ngabe uyakwazi ukuhlukana nenqubo yenkolo?

  5. Ngabe ungumuntu ofanelekile ukuba asetshenziswe uNkulunkulu?

  6. Lungakanani ulwazi onalo ngoNkulunkulu oluqukethe imibono yenkolo?

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu USomandla

3

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Yimuphi Umqondo Okumele Abakholwayo Bawubambe

Ngabe yini le esiyamukelwe umuntu kusukela aqala ukukholwa kuNkulunkulu? Bewazini ngoNkulunkulu? Ngabe sewuguquke kangakanani njengoba sewukholwa kuNkulunkulu? Manje nonke seniyazi ukuthi ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akwenzelwa ukusindiswa komphefumulo kuphela kanye nokunakekelwa kwenyama, noma ukuthi anothise impilo yakhe ngothando lukaNkulunkulu, njalo njalo. Njengoba kumi kanje, uma uthanda uNkulunkulu ngesizathu sokunakekelwa kwenyama noma ukuthokoza kwesikhashana, ngisho noma, ekugcineni, uthando othanda uNkulunkulu ngalo lufinyelela esicongweni futhi ungaceli lutho, lolu thando olufunayo kusewuthando olungahlanzekile nolungamthokozisi uNkulunkulu. Labo abasebenzisa uthando lukaNkulunkulu ukuze banothise izimpilo zabo eziphansi futhi bavale isikhala ezinhliziyweni zabo yilabo abafuna ukuphila kalula, hhayi labo abafuna ukuthanda uNkulunkulu ngokweqiniso. Lolu hlobo lothando luphambene nentando yakhe, lungukulandela ukuthokoza komoya, futhi uNkulunkulu akaludingi lolu hlobo lothando. Ngakho, olwakho uthando luwuhlobo luni? UNkulunkulu umthandelani? Lungakanani uthando lweqiniso othanda ngalo uNkulunkulu manje? Uthando lwabantu abaningi phakathi kwenu lunjengalolu olubalwe ngenhla. Lolu hlobo lothando lungakwazi ukugcina isimo samanje kuphela; ngeke lukwazi ukuqhubeka phakade, noma ukuzinza kubantu. Lolu hlobo lothando lunjengembali engatheli izithelo emuva kokuqhakaza yabuna. Ngamanye amazwi, uma sewuthande uNkulunkulu ngaleyo ndlela futhi engekho umuntu ozokuhola endleleni, uzowa. Uma ukwazi ukuthanda uNkulunkulu ngezikhathi zokuthanda uNkulunkulu futhi ungaguquli lutho esimweni sempilo yakho emva kwalokho, uzoqhubeka nokugutshuzelwa amandla obumnyama, ungakwazi ukuphunyuka, futhi ulokhu ungakwazi ukukhululeka ekuboshweni nasekwenziweni isiwula uSathane. Akekho umuntu onjalo ongazuzwa uNkulunkulu ngokugcwele; ekugcineni, umoya wabo, umphefumulo kanye nomzimba uzobe usangokaSathane. Lokhu akunakuphikiswa. Bonke labo abangakwazi ukuzuzwa nguNkulunkulu ngokugcwele bazobuyela endaweni yabo yokuqala, leyo, ukubuyela kuSathane, futhi bazoya echibini lomlilo nesibabule ukuze bamukele isigaba esilandelayo sokujeziswa uNkulunkulu. Labo abazuzwe uNkulunkulu yilabo abahlubuke kuSathane futhi baphunyuka endaweni ebuswa nguye. Abantu abanjalo bayobalwa ngokugcwele kubantu bombuso. Abantu bombuso bavela kanjalo. Ngabe uzimisele ukuba yilolu hlobo lomuntu? Ngabe uzimisele ukuzuzwa uNkulunkulu? Ngabe uzimisele ngokuphunyuka endaweni ebuswa nguSathane bese ubuyela kuNkulunkulu? Manje ngabe ungokaSathane noma ubalwa phakathi kwabantu bombuso? Izinto ezinjalo kumele zicace futhi zingadingi ukuthi zichazwe kabanzi.

Ezikhathini zangaphambili, abantu abaningi babelandela ngezifiso kanye nemibono yomuntu nangenxa yamathemba abantu. Lezi azizukudingidwa njengamanje. Okumqoka ukuthola indlela yokwenza ezonivumela ukuthi umuntu ngamunye akwazi ukuba sesimweni esejwayelekile phambi kukaNkulunkulu futhi kuye ngokuya ekhululeka emaketangweni ethonya likaSathane, ukuze uNkulunkulu akwazi ukunizuza, bese niphila emhlabeni lokho uNkulunkulu akucela kinina. Yilokhu kuphela okungagcwalisa isifiso sikaNkulunkulu. Baningi abakholwa uNkulunkulu, kepha abakwazi lokho okufiswa uNkulunkulu noma lokho okufiswa uSathane. Ngobuwula bakholwa futhi balandele abanye ngobumpumputhe, ngakho abakaze bayiphile impilo yobuKristu ejwayelekile; abanabo ubudlelwano obejwayelekile nabantu, kunobudlelwane obejwayelekile obuncane kakhulu umuntu anabo noNkulunkulu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi izinkinga kanye namaphutha abantu, kanye nokunye okuningi okungavimba intando kaNkulunkulu kuningi. Lokhu kwanele ukufakazela ukuthi umuntu akazifakile emgudwini ofanele futhi akakabhekani nempilo yeqiniso. Ngakho-ke kuyini ukungena emgudwini ofanele? Ukuba semgudwini ofanele kusho ukuthi ukwazi ukuthulisa inhliziyo yakho phambi kukaNkulunkulu ngazo zonke izinkathi futhi uxhumane ngokwemvelo noNkulunkulu, uye ngokuya ufinyelele ekwazini ukuthi kuntulekani kumuntu futhi aye ngokuya athole ulwazi olujulile ngoNkulunkulu. Ngalokhu, nsukuzonke uzuza ukubona okusha futhi ukhanyiseleke emoyeni wakho; ukulangazelela kwakho kuyakhula, futhi ufuna ukungena eqinisweni. Nsukuzonke kuba khona ukukhanya okusha kanye nokuqonda okusha. Ngale ndlela, uyakhululeka kancane kancane ethonyeni likaSathane, futhi impilo yakho iyakhula kakhulu. Umuntu onje usungene emgudwini ofanele. Hlaziya lokho obhekane nakho ngokwakho futhi uhlole indlela oyithathile ekukholweni kuNkulunkulu ukuqhathanise nokungenhla. Ngabe ungumuntu osemgudwini ofanele? Ngabe uzikhulule kuziphi izindaba emaketangaweni kaSathane kanye nasethonyeni likaSathane? Uma kuwukuthi yilapho usazongena emgudwini ofanele, izibopho zakho noSathane kusamele zigqashulwe. Njengoba kunje, ngabe lokhu kufuna uthando lukaNkulunkulu kungaholela othandweni oluyiqiniso, oluzinikele, futhi olumsulwa? Uthi uthando othanda uNkulunkulu ngalo luqinile futhi lusuka ekujuleni kwenhliziyo, kodwa awukazikhululi emaketangweni kaSathane. Ngabe awumenzi isiwula uNkulunkulu? Uma ufisa ukuthola uthando olumsulwa lukaNkulunkulu, uzuzwe nguNkulunkulu ngokugcwele, futhi ubalwe phakathi kwabantu basembusweni, ngakho kumele uqale uzifake emgudwini ofanele.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

Funda Okwengeziwe: buka okuningi

3

UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

UNkulunkulu Anganeliswa Kuphela Yilabo Abamaziyo Nabazi Umsebenzi Wakhe

Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu uhlanganisa izingxenye ezimbili. Okokuqala nje, lapho eba inyama, abantu abazange bamkholwe noma bamazi, futhi bambethela esiphambanweni uJesu. Okwesibili futhi, abantu abazange bamkholwe, abazange bamazi futhi baphinda bambethela uKristu esiphambanweni. Ingabe umuntu akasona isitha sikaNkulunkulu? Uma umuntu engamazi uNkulunkulu, angaba kanjani umngani Wakhe? Futhi kungamfanela kanjani ukufakaza ngoNkulunkulu? Akuwona amanga ayinkohliso konke ukukhuluma ngokuthanda uNkulunkulu, ukukhonza uNkulunkulu, ukudumisa uNkulunkulu? Uma uzinikela ezintweni ezingenangqondo, ezingenakwenzeka, ingabe awusebenzeli ize? Ungaba kanjani umngani noNkulunkulu uma ungazi ukuthi ungubani uNkulunkulu? Ingabe lokho akuyona into engaqondakali noma engekho ngokoqobo? Ingabe akukhohlisi? Umuntu onjalo angaba kanjani umngani kaNkulunkulu? Yini ebalulekile ngempela ngokuba umngani kaNkulunkulu? Ungaba yini umngani woMoya kaNkulunkulu? Ingabe uyawubona ukuthi mkhulu futhi ubabazeka kangakanani uMoya? Ukuze ube umngani kaNkulunkulu ongabonakali nongathinteki—ingabe lokho akuyona into engaqondakali nengekho ngokoqobo? Yini ebaluleke ngempela ngalokho? Ingabe konke lokho akuwona amanga aluhlaza? Okuyona nto oyifunayo ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa eqinisweni uyinja kaSathane ngoba awumazi uNkulunkulu, ufuna “uNkulunkulu ongeke wazo zonke izinto,” ongabonakali, ongathinteki nowendlela obheka ngayo izinto. Ngomqondo obazi, lowo “Nkulunkulu” uSathane futhi uma sikhuluma okuyiqiniso, uwena uqobo. Ufuna ukuzithanda wena kodwa ube uthi ufuna ukuba umngani kaNkulunkulu—ingabe lokho akukhona ukungamhloniphi uNkulunkulu? Yiziphi izinzuzo zokufuna izinto ezinjalo? Uma uMoya kaNkulunkulu ungabi yinyama, lokho kuyosho ukuthi isiqu sikaNkulunkulu asibonakali, uMoya wokuphila ongabonakali, ongenasimo, onhlakanhlaka wento engathinteki futhi engabonakali, nomuntu angeke akwazi ukuya kuyo nengaqondakali. Kungenzeka kanjani ukuba umuntu abe nobungani obuseduze noMoya omangalisa, nongaqondakali njengalona? Akulona yini ihlaya lokhu? Ukucabanga okungenangqondo kanjalo akusebenzi. Umuntu odaliwe kungokwemvelo ukuba abe nezinhlobo ezihlukahlukene zoMoya kaNkulunkulu, ngakho kwenzeka kanjani ukuba bakwazi ukusondelana? Ukube uMoya kaNkulunkulu awubanga senyameni, futhi ukube akazehlisanga waba umuntu, umuntu odaliwe ubengeke akwazi ukuba umngani Wakhe futhi ngaphandle kwalabo abakholelwa ukuhlonipha uNkulunkulu abangase bathole ithuba lokuba ngabasondelene noNkulunkulu ngemva kokuba imiphefumulo yabo isingene ezulwini, abantu abaningi bangahluleka ukuba abangani boMoya kaNkulunkulu. Uma umuntu efuna ukuba umngani kaNkulunkulu osezulwini ngaphansi kwesiqondiso sikaNkulunkulu osesimweni somuntu, akasiye yini umuntu oyisiwula esimangalisayo somuntu ongaphili? Umuntu umane elandela “ukwethembeka” kuNkulunkulu ongabonakali, akamnaki nakancane uNkulunkulu obonakalayo ngoba kulula ukufuna uNkulunkulu ongabonakali—umuntu angenza ngendlela ayithandayo. Kodwa ukufuna uNkulunkulu obonakalayo akulula neze. Umuntu ofuna uNkulunkulu oyinqaba nakanjani akakwazi ukuthola uNkulunkulu, ngoba izinto ezingacacile nezingachazeki zonke ziye zacatshangwa umuntu, akulula ukuba umuntu azithole. Ukube uNkulunkulu oweza phakathi kwenu wayenguNkulunkulu ozazisayo nophakeme eningakwazi ukufinyelela Kuye, beningayibamba kanjani intando Yakhe? Beningamazi futhi nimqonde kanjani uNkulunkulu? Ukube wenza umsebenzi Wakhe kuphela, engenakuxhumana nomuntu ngokujwayelekile, noma engenabuntu obujwayelekile futhi engafinyeleleki kubantu abafayo, ngakho, ngisho noma kuthiwa unenzele umsebenzi omningi kodwa anikaze nixhumane Naye futhi anikaze nimbone, ngakho beningamazi kanjani? Uma bekungekhona okwale nyama eyenziwe yaba nobuntu obujwayelekile, umuntu ubengeke akwazi ukumazi uNkulunkulu; kuphela kungenxa yokuthi uNkulunkulu usemzimbeni womuntu okwenze umuntu akwazi ukusondelana noNkulunkulu osenyameni. Umuntu uba umngani kaNkulunkulu ngenxa yokuthi uxhumane Naye, umuntu usehlala Naye futhi ahambe Naye, ngakho kancane kancane uya emazi kangcono. Uma bekungenjalo, ukufuna komuntu bekungeke yini kube yize? Lokhu kusho ukuthi, akuwona wodwa umsebenzi kaNkulunkulu owenza umuntu akwazi ukuba umngani kaNkulunkulu, kodwa kungenxa yokuba ngokoqobo nangokuba uNkulunkulu abe semzimbeni ojwayelekile. Kungenxa yokuthi uNkulunkulu ube yinyama okwenza umuntu athole ithuba lokwenza umsebenzi wakhe nethuba lokudumisa uNkulunkulu. Ingabe leli akulona iqiniso elicace kakhulu nelingokoqobo? Manje, ingabe usafisa ukuba umngani noNkulunkulu osezulwini? Kuyoba lapho uNkulunkulu ezithoba kuze kube sezingeni elithile kuphela, okusho ukuthi lapho uNkulunkulu eba senyameni, lapho umuntu engaba khona umngani nesethenjwa Sakhe. UNkulunkulu unguMoya: Kwenzeka kanjani ukuba umuntu akufanelekele ukuba umngani nalo Moya, ophakeme kangaka nobabazekayo? Yilapho kuphela uMoya kaNkulunkulu wehla uba yinyama, uba yisidalwa ngaphandle esibukeka njengomuntu, lapho umuntu angakwazi ukuqonda intando Yakhe futhi azuzwe Nguye. UNkulunkulu ukhuluma aphinde asebenze enyameni, ajabule nabanye, adabuke futhi abhekane nezinsizi zomuntu, aphile emhlabeni ofanayo nalo umuntu aphila kuwo, avikele umuntu, amqondise, kulokhu uhlanza umuntu, emvumela ukuba athole insindiso Yakhe kanye nesibusiso. Uma umuntu esezithole zonke lezi zinto, uyiqonda nakangcono intando kaNkulunkulu, futhi yilapho kuphela angaba khona umngani kaNkulunkulu. Yilokhu kuphela okungokoqobo. Uma uNkulunkulu engaqondakali futhi engabonakali kumuntu, umuntu angaba kanjani umngani Wakhe? Ingabe lena akuyona imfundiso engenalutho?

Ekukholelweni kwabo kuNkulunkulu namuhla, abantu abaningi basalandela lokho okudidayo futhi okungacacile. Abanawo nomncane umqondo womsebenzi kaNkulunkulu futhi basaqhubeka bephila emagameni nasezimfundisweni. Ngaphezu kwalokho abaningi yima besazongena ezigabeni ezintsha ezingokoqobo ezifana “nesizukulwane esisha salabo abathanda uNkulunkulu”, “abangani bakaNkulunkulu”, “izibonelo othandweni lukaNkulunkulu”, “indlela kaPetru yokuphila”; kunalokho, abakufunayo kuseyinto engacacile nengaqondakali kahle, basaphumputha imfundiso, abanawo umqondo wokusebenza kwala mazwi. Lapho uMoya kaNkulunkulu uba inyama, ungawubona uze uwuthinte umsebenzi Wakhe esenyameni. Nokho uma ungakakwazi ukuba umngani Wakhe, uma usahluleka ukuba isethenjwa Sakhe, ungaba kanjani isethenjwa sikaMoya kaNkulunkulu? Uma ungamazi uNkulunkulu wanamuhla, ungaba kanjani sesizukulwaneni sabathanda uNkulunkulu? Ingabe lawa akuwona amagama nezimfundiso ezingenalutho? Ingabe uyakwazi ukubona uMoya bese ubamba intando Yakhe? Ingabe lana akuwona amazwi angelutho? Akwanele nje ukuba ukhulume la magama nemisho, nokuthi awukwazi ukujabulisa uNkulunkulu ngezinqumo kuphela. Uyagculiseka ngokukhuluma la mazwi kuphela futhi awugculisi izifiso zakho kodwa ugculisa nemibono yakho engenangqondo, ugculise imicabango nemibono yakho. Uma ungamazi uNkulunkulu wanamuhla, lokhu kusho ukuthi kungakhathaliseki ukuthi wenzani, uzohluleka ukugculisa isifiso senhliziyo kaNkulunkulu. Kusho ukuthini ukuba isethenjwa sikaNkulunkululu? Ingabe namanje awukakuqondi lokhu? Njengoba umngani kaNkulunkulu kungumuntu, noNkulunkulu Naye ungumuntu, okusho ukuthi uNkulunkulu usebe yinyama, waba ngumuntu. Yilabo kuphela bohlobo olufanayo abangabizana ngezethenjwa, yilabo kuphela abangaba abangani. Ukube uNkulunkulu wayenguMoya, umuntu odaliwe ubengaba kanjani umngani Wakhe?

Inkolelo yakho kuNkulunkulu, ukufuna kwakho iqiniso ngisho nendlela oziphatha ngayo konke kufanele kube ngokoqobo: Yonke into oyenzayo kufanele ibe ngokoqobo, ungafuni nje izinto eziyize ezingenzeki, eziwubukhazikhazi. Akuzuzisi nhlobo ukwenza kanjalo, futhi ngaphezu kwalokho impilo enjalo ayibalulekile neze. Ngoba ukufuna kwakho nokuphila kuyinkohliso futhi awuzifuni izinto ezinenzuzo nokuqapheleka, okutholayo kuphela ukucabanga okungenangqondo nemfundiso engelona iqiniso. Izinto ezinjalo azihlangani nakancane nokubaluleka kokuphila kwakho futhi azikusizi ngalutho. Ngaleyo ndlela ukuphila kwakho konke ngeke kusize noma kubaluleke ngalutho—futhi uma ungakufuni ukuphila ukuphila okubalulekile, ungaphila iminyaka eyikhulu futhi lokho kuyoba yize leze. Kungabizwa kanjani-ke lokho ngokuthi ukuphila komuntu? Akukhona yini empeleni ukuphila kwesilwane? Ngokufanayo, uma nizama ukulandela indlela yokukholelwa kuNkulunkulu kodwa ningenzi lutho ukuze nifune uNkulunkulu obonakalayo, kunalokho nikhonze uNkulunkulu ongabonakali, ingabe lokho kufuna akulona neze ize? Ekugcineni, izinto ozifunayo ziyophenduka inqwaba yezincithakalo. Ngakho lokho kufuna kwakho kuyokusiza ngani? Inkinga enkulu ngomuntu ukuthi uthanda kuphela izinto angakwazi ukuzibona noma ukuzithinta, izinto eziyinkimbinkimbi kakhulu nezimangalisayo ezingacabangeki kumuntu futhi umuntu ofayo angeke azithole. Ukuqhubeka kwazo lezi zinto zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu eqhubeka khona ezihlaziya, aze ngisho azifune ekushaya indiva konke okunye, bese ezama ukuzizuza. Ukuqhubeka kwazo zingabi ngokoqobo, yilapho nomuntu ezihlolisisa khona futhi azihlaziye, aze adlulele kude ekutheni azenzele eyakhe imibono ngazo. Ngokuphambene nalokho, lapho izinto ziba ngokoqobo, yilapho nomuntu engazinaki khona; umane azibukele phansi aze ngisho azenyanye. Ingabe lokhu akuyona indlela okufanele nibheke ngayo umsebenzi ongokoqobo engiwenzayo namuhla? Lapho izinto ezinjalo ziba ngokoqobo, yilapho nawe uqhubeka ungazithandi. Awuziphi ngisho isikhathi sokuzihlola, kodwa umane uzizibe nje; uzibukela phansi lezi ezingokoqobo, izimfuneko ezicacile futhi uze ufukamele imibono eminingi ngalo Nkulunkulu ongokoqobo nakakhulu, futhi abakwazi ukwamukela kalula ukuba ngokoqobo nokujwayeleka Kwakhe. Ngaleyo ndlela, ingabe awukholelwa ezintweni ezingacacile eziningi? Unokholo olungeke lunyakaziswe kuNkulunkulu oyinqaba wakudala, futhi awunalo ilukuluku ngoNkulunkulu wangempela wanamuhla. Lokhu akubangelwa yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo nalowo wanamuhla baphile ezinkathini ezimbili ezingafani? Ingabe akukhona yini ukuthi uNkulunkulu wayizolo uphakanyisiwe ezulwini, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyindoda encane emhlabeni? Ngaphezu kwalokho, ingabe akukhona yini ngenxa yokuthi uNkulunkulu okhonzwa ngabantu yilowo owenziwe ngezindlela zakhe, kuyilapho uNkulunkulu wanamuhla eyinyama ebunjwe lapha emhlabeni? Lapho konke sekushiwo kwaphinde kwenziwa, ingabe akukhona ngenxa yokuthi uNkulunkulu wanamuhla ungokoqobo nakakhulu kangangokuthi umuntu akakwazi ukumfuna? Ngoba lokho uNkulunkulu wanamuhla akufunayo kubantu kuqondile kangangokuthi izikhathi eziningi umuntu akathandi ukukwenza futhi lokho kumenza abe namahloni. Ingabe lokhu akwenzi izinto zibe nzima kumuntu? Ingabe lokhu akumenzi ukuba abe nezibazi? Ngaleyo ndlela, abaningi abangakufuni okuyiqiniso baba yizitha zikaNkulunkulu osesimweni somuntu, babe abaphikukristu. Ingabe lokhu akulona iqiniso elisobala? Ngesikhathi esidlule, lapho uNkulunkulu esezokuba senyameni, kungenzeka nanisenkolweni noma ningamakholwa azinikele. Ngemva kokuba uNkulunkulu esebe yinyama, abaningi ababezinikele bazithola sebengabaphikukristu benganakile. Ingabe uyazi ukuthi kwenzekani lapha? Ekukholelweni kwakho kuNkulunkulu, awuzinaki izinto ezingokoqobo noma awulifuni iqiniso kunalokho uzixaka ngezinto ezingamanga—ingabe lokhu akuwona yini umthombo ocacile wenzondo onayo ngoNkulunkulu osesimweni somuntu? UNkulunkulu osesimweni somuntu kuthiwa uKristu, ngakho akubona bonke abangakholelwa kuNkulunkulu osesimweni somuntu abaphikukristu? Ngakho ingabe yilowo okholelwa futhi omthanda ngempela, uNkulunkulu osenyameni? Ingabe ngempela uyaphila, uNkulunkulu ophefumulayo ongokoqobo nakakhulu futhi nojwayelekile ngendlela emangalisayo? Uyini ngempela, ingabe uyilokho okufunayo? Ingabe isezulwini noma emhlabeni? Ingabe iwumbono noma iyiqiniso? Ingabe iwuNkulunkulu noma isidalwa esinamandla amakhulu angajwayelekile? Eqinisweni, iqiniso liyinto ehamba phambili ekuphileni futhi liwukuphila okusezingeni eliphakeme kubo bonke abantu emhlabeni. Ngenxa yokuthi liyimfuneko uNkulunkulu ayenzele abantu futhi liwumsebenzi uNkulunkulu azenzele wona, ngakho libizwa ngokuthi imfihlo yokuphila. Akuyona imfihlo efinyezwe entweni ethile, noma amazwi adumile avela kothile ophezulu; kunalokho ingamazwi avela eNkosini yasemazulwini nasemhlabeni futhi yazo zonke izinto, engewona amazwi afinyezwe umuntu, kunalokho awukuphila okuyifa kukaNkulunkulu. Ngakho abizwa ngokuthi imfihlo yokuphila ephakeme kunazo zonke. Ukufuna komuntu ukusebenzisa iqiniso kungukuzimisela kwakhe kulokho okumele akwenze, okusho ukuthi, ukufuna ukujabulisa uNkulunkulu. Ukubaluleka kwale mfuneko kuyiqiniso elingokoqobo ngaphezu kwawo wonke amaqiniso, okungcono kunemfundiso eyize engazuzwa muntu. Uma okufunayo kumane nje kuyimfundiso futhi kungenazo izinto ezingokoqobo, ingabe awuhlubuki yini eqinisweni? Ingabe awuyena umuntu olwisana neqiniso? Umuntu onjalo angalufuna kanjani uthando lukaNkulunkulu? Abantu abangaphili ngezinto ezingokoqobo yilabo abalwisana neqiniso futhi baqhubeka behlubuka ngisho nakakhulu!

Akunandaba ukuthi ufuna kangakanani, kumele ngaphezu kwakho konke, uqonde umsebenzi owenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi kumele wazi ukubaluleka komsebenzi Wakhe. Kumele uqonde futhi wazi umsebenzi olethwa uNkulunkulu ezinsukwini zokugcina, isimo asilethayo, nalokho okwenziwa kuphelele kumuntu. Uma ungawazi noma uwuqonde umsebenzi azele ukuzowenza enyameni, khona-ke ungayibamba kanjani intando Yakhe, futhi ungasondelana kanjani Naye? Eqinisweni ukusondelana noNkulunkulu akuyona into eyinkimbinkimbi, kodwa futhi akulula. Uma umuntu ekufuna, engakuthola, ngakho akuyona inkimbinkimbi; uma umuntu engakufuni, kuyoba nzima kakhulu, futhi nakanjani umuntu uyodidwa izinto eziningi. Uma, ekufuneni kwakhe uNkulunkulu, umuntu engenayo indawo yakhe azoma kuyo, futhi engazi ukuthi kufanele abambe liphi iqiniso, khona-ke kusho ukuthi akanaso isisekelo, ngakho ngeke kube lula ukuthi ame aqine. Namuhla, baningi kakhulu abangaliqondi iqiniso, abangakwazi ukwahlukanisa phakathi kokuhle nokubi noma ukubona umehluko phakathi kothando nenzondo. Abantu abanjalo kunzima ukuthi bame baqine. Into ewumgogodla ekukholelweni kuNkulunkulu ukukwazi ukubeka iqiniso endaweni yalo, ukuba nendaba nentando kaNkulunkulu, ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kumuntu lapho efika enyameni nemiyalo ayikhulumayo; ungabi uthathekile, futhi kufanele ube nemiyalelo kulokho ongena kukho, futhi uyibambisise. Ukubambelela ngokuqinile kulezo zinto ekukhanyiselweni uNkulunkulu kuyokusiza. Uma kungenjalo, namuhla uyoshintsha ube okunye, kusasa uphinde ushintshe futhi ube ngokunye, awusoze waba neqiniso. Ukuba yilolu hlobo akukuzuzisi ukuphila kwakho. Labo abangaliqondi iqiniso bahlale belandela abanye: Uma abantu bethi lona umsebenzi kaMoya oNgcwele, khona-ke nawe uthi umsebenzi kaMoya oNgcwele; uma abantu bethi umsebenzi womoya omubi, khona-ke nawe uqala ukungabaza, noma uphinde uthi umsebenzi womoya omubi. Uhlale ulingisa amazwi abanye, futhi awukwazi ukuzitholela wena into ethile, futhi awukwazi ukuzicabangela. Lona umuntu ongazazi ukuthi ume kuphi, ongakwazi ukwahlukanisa—umuntu onjalo uyinto engenamsebenzi! Uhlala uphinda amazwi abanye: Namhlanje kuthiwa lona umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa kungenzeka ngelinye ilanga kube khona othi lona akuwona umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa owomuntu nje—kodwa awukwazi ukukubona lokhu, futhi lapho uzwa kushiwo abanye, nawe usho into efanayo. Empeleni umsebenzi kaMoya oNgcwele, kodwa uthi umsebenzi womuntu; awuphendukanga yini omunye walabo abangcolisa umsebenzi kaMoya oNgcwele? Kulokhu, ingabe awukaze umelane noNkulunkulu ngenxa yokuthi awukwazi ukuphawula umehluko? Ubani owaziyo, mhlawumbe ngelinye ilanga kuyovumbuka esinye isiphukuphuku, sithi “lona umsebenzi womoya omubi,” futhi lapho uzwa la mazwi uyodideka, uphinde unamathele emazwini abanye. Ngaso sonke isikhathi lapho umuntu ekunyakazisa, uyehluleka ukuzimela, futhi lokhu kungenxa yokuthi awunalo iqiniso. Ukukholelwa kuNkulunkulu nokufuna ulwazi ngoNkulunkulu akuyona into elula. Ngeke kumane kufinyelelwe ngokulalela izintshumayelo, futhi awukwazi ukupheleliswa ngentshisekelo kuphela. Kumele ezenzweni zakho ubhekane, wazi futhi uqondiswe imiyalo, bese uzuza umsebenzi kaMoya oNgcwele. Lapho udlule kulezo zinto, uyokwazi ukwehlukanisa izinto eziningi—uyokwazi ukwahlukanisa okuhle nokubi, okulungile nokungalungile, nokwenyama nokwegazi kanye nokweqiniso. Kufanele ukwazi ukuhlukanisa zonke izinto, futhi ngokwenza kanjalo, akunandaba ukuthi izimo ziyini, awusoze waduka. Yilesi kuphela isimo Sakhe sangempela.

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu akuyona into elula: Kufanele ube nezinga kanye nemigomo, kufanele wazi ukuthi ifunwa kanjani indlela yeqiniso nokuthi iwumsebenzi kaNkulunkulu yini. Imuphi umyalo oyisisekelo ngempela ekufuneni indlela yeqiniso? Kufanele nibheke ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele kule ndlela, ukuthi la mazwi ayiqiniso yini noma cha, ubani ongufakazi, nomphumela okungaba nawo kuwe. Ukuhlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga kudinga ulwazi oluningi oluyisisekelo, futhi okubaluleke nakakhulu ukwazi ukuthi ukhona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele. Ngoba isiqu senkolelo yomuntu kuNkulunkulu siyinkolelo kaMoya oNgcwele. Ngisho nenkolelo kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingenxa yokuthi inyama Yakhe iwumfuziselo kaMoya oNgcwele, okusho ukuthi leyo nkolelo isengekaMoya oNgcwele. Kunomehluko phakathi koMoya nenyama, kodwa ngenxa yokuthi le nyama ivela oMoyeni, futhi iZwi liphenduka inyama, ukholo lomuntu kuyo luseyisiqu sikaNkulunkulu. Ngakho ekwahlukaniseni ukuthi yindlela yeqiniso noma cha, kufanele nibheke ukuthi akuwona yini umsebenzi kaMoya oNgcwele, ngemva kwalokho nibheke ukuthi likhona yini iqiniso kuleyo ndlela. Leli qiniso liyisimo sokuphila ebuntwini obujwayelekile, okusho ukuthi, yilokho okwakudingeka kumuntu ngesikhathi edalwa uNkulunkulu, konke okobuntu obujwayelekile (okuhlanganisa ingqondo, ukuqonda, ukuhlakanipha, nolwazi oluyisisekelo lokuba umuntu). Lokho kusho ukuthi, kudingeka ubheke ukuthi le ndlela ingamngenisa yini umuntu ekuphileni kobuntu obujwayelekile noma cha, nokuthi iqiniso okukhulunywa ngalo liyadingeka ngokoqobo lobuntu obujwayelekile, ukuthi leli qiniso lingenzeka futhi ngelangempela, noma lihambisana nesikhathi noma cha. Uma kuneqiniso, khona-ke kungenzeka ukuthi umuntu aphile ngendlela ejwayelekile; ngaphezu kwalokho, umuntu oba ojwayelekile nakakhulu, ingqondo yomuntu iyaphelela nakakhulu, ukuphila komuntu enyameni nasemoyeni kuyahleleka, futhi imizwa yomuntu iba ejwayelekile. Lona umyalo wesibili. Kunomunye futhi umyalo, wokuthi kungakhathaliseki ukuthi umuntu unolwazi oluningi yini ngoNkulunkulu, ukuthi uyawubona yini umsebenzi onjalo, nokuthi iqiniso liyakugqugquzela yini ukuthanda uNkulunkulu kuye, kumsondeze kakhudlwana kuNkulunkulu. Lokhu kungalinganiswa ngokuthi kuyindlela yeqiniso yini noma cha. Into ebaluleke kakhulu ukuthi le ndlela inengqondo yini, nokuthi iyamnika yini umuntu ukuphila. Uma ivumelana nale miyalo, kungafinyelelwa esiphethweni sokuthi lena indlela yeqiniso. La mazwi angiwasho ngoba ngifuna namukele ezinye izindlela ezintweni enibhekana nazo kusasa, nangenhloso yokuqagela ukuthi kuyoba nomsebenzi esikhathini esizayo. Ngiwasho ukuze niqiniseke ngokuthi indlela yanamuhla ngeyeqiniso, ukuze ningayingabazi inkolelo yenu ngomsebenzi wanamuhla futhi ningahluleki ukuyiqonda. Kunabaningi futhi, okuthi ngaphandle kokuqiniseka, balandele imbudane; into engenawo umyalo, futhi kumele baqothulwe kungekudala. Ngisho nalabo abaphikelelayo endleleni abayilandelayo ngokwezinga elithile abaqiniseki, okutshengisa ukuthi abanasisekelo. Ngoba ubuqotho bakho buyantula futhi isisekelo sakho siyize, awuwuqondi umehluko. UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi Wakhe, akawenzi umsebenzi ongenangqondo, akazenzi izimfuneko eziyihaba ngomuntu, akawenzi umsebenzi ongaphezu komqondo womuntu. Wonke umsebenzi awenzayo awukho ngaphezu komqondo womuntu, awubudluli ubuntu obujwayelekile, futhi umsebenzi Wakhe uvumelana nezimfuneko zomuntu. Uma kuwumsebenzi kaMoya oNgcwele, umuntu uba ngojwayelekile nakakhulu, futhi ubuntu bakhe buvama nakakhulu. Umuntu unolwazi oluningi ngesimo sakhe esonakele esinobusathane, nangesiqu somuntu, futhi ulilangazelela kakhulu iqiniso. Lokho kusho ukuthi, ukuphila komuntu kuyakhula, futhi isimo esonakele somuntu sibhekana nezinguquko eziningi—konke lokho kuyincazelo kaNkulunkulu eba ukuphila komuntu. Uma indlela ingakwazi ukwambula lezo zinto eziyisiqu somuntu, ayikwazi ukushintsha isimo somuntu, futhi ayikwazi ukuletha umuntu phambi kukaNkulunkulu noma ukumnika ukuqonda kweqiniso ngoNkulunkulu, ngisho nokwehlisa ubuntu bomuntu nokuphakamisa umqondo wakhe, khona-ke leyo ngeke kube indlela yeqiniso, kunalokho ingaba umsebenzi womoya omubi, noma indlela endala. Ngamafuphi, ayikwazi ukuba umsebenzi wamanje kaMoya oNgcwele. Benikholelwa kuNkulunkulu kuyo yonke le minyaka, kodwa aniyazi imiyalo yokwehlukanisa phakathi kwendlela yeqiniso neyamanga noma yokufuna indlela yeqiniso. Abantu abaningi abanandaba nalezi zinto; bamane balandela iningi, futhi baphinde lokhu okushiwo iningi. Lokhu kungaba kanjani umuntu ofuna indlela yeqiniso? Futhi abantu abanjalo bangayithola kanjani indlela yeqiniso? Uma ubamba le miyalo eminingana ewumgogodla, khona-ke kunoma yini eyenzekayo ngeke ukhohliswe. Namuhla, kubalulekile ukuthi umuntu akwazi ukubona umehluko; yilokho ubuntu obujwayelekile okufanele bube nakho, nomuntu okufanele adlule kukho. Uma ngisho namuhla, umuntu engakahlukanisi lutho ekulandeleni kwakhe, nomqondo wakhe ungakakhuli, khona-ke umuntu uyisiphukuphuku kakhulu, futhi izinto azifunayo akuzona. Akukho ngisho nomncane umehluko ezintweni ezifunwa yini namuhla, futhi nakuba kuyiqiniso njengoba nisho, niyitholile indlela yeqiniso, ingabe anikayitholi? Ingabe kukhona esenikwazi ukukuhlukanisa? Siyini isiqu sendlela yeqiniso? Endleleni yeqiniso, anikaze nizuze indlela yeqiniso, anikaze nizuze lutho lweqiniso, okusho ukuthi, anikaze nifinyelele lokho uNkulunkulu akufuna kini, ngakho akukaze kube noshintsho ekonakalisweni kwenu. Uma niqhubeka nale ndlela, ekugcineni niyoqothulwa. Ngemva kokuba abalandeli kuze kube namuhla, kufanele niqiniseke ngokuthi indlela eniyithathile eyeqiniso, futhi akufanele ningabaze. Abantu abaningi bahlale bengaqiniseki futhi abalilandeli iqiniso ngenxa yezinto ezincane. Abantu abanjalo yilabo abangenalo ulwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu, bayilabo abalandela uNkulunkulu bedidekile. Abantu abangawazi umsebenzi kaNkulunkulu abakwazi ukusondelana Naye, noma ukufakaza Kuye. Ngeluleka labo abafuna isibusiso Sakhe kuphela nabalandela izinto ezididayo futhi abangafuni ukulandela iqiniso ngokushesha okukhulu, ukuze ukuphila kwabo kubaluleke. Ningalokothi niphinde nizikhohlise!

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

Amukela Ukubuya kweNkosi uJesu "UNkulunkulu Ulethe Inkazimulo Yakhe EMpumalanga"Best South African Gospel Dance
I
UNkulunkulu unikeze inkazimulo Yakhe ku-Israyeli
wabe eseyisusa lapho,
waletha abakwa-Israyeli eMpumalanga, futhi waletha bonke abantu eMpumalanga.
UNkulunkulu ubaholele bonke ekukhanyeni
ukuze bazophinda babumbane babe nenhlanganyelo nokukhanya
singabe sisaba khona isidingo sokufuna, sokufuna ukukhanya.
UNkulunkulu uzokwenza bonke abakufunayo ukuba bakubone ukukhanya futhi
futhi nenkazimulo ebenayo ku-Israyeli,
bheka uNkulunkulu wehlile emhlabeni, ngefu elimhlophe phakathi kwabantu
bheka amafu amhlophe, bheka namaqoqo ezithelo,
bheka uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uNkulunkulu ka-Israyeli,
bheka iNkosi yamaJuda, bheka uMesiya obekade efiswa,
kanye nokuvela Kwakhe ngokuphelele ehlushwa amakhosi kuzo zonke izinkathi.
II
UNkulunkulu uzokwenza umsebenzi womhlaba futhi enze imisebenzi emikhulu,
eveze yonke inkazimulo Yakhe nayo yonke imisebenzi Yakhe kumuntu ezinsukwini zokugcina.
UNkulunkulu uzoveza ubuso Bakhe obuphelele benkazimulo,
kulabo abebemlindile iminyaka eminingi,
kulabo abebefisa ukuthi eze ngefu elimhlophe,
ku-Israyeli abebelokhu befisa ukuthi avele,
kubo bonke abantu abahlupha uNkulunkulu,
Ukuze bonke bazokwazi ukuthi uNkulunkulu kade ayisusa inkazimulo Yakhe
futhi wayiletha eMpumalanga.
Ayikho eJudiya, ngoba izinsuku zokugcina sezifikile!

umthombo: Izwi Livela Lisenyameni
Yonke Inkazimulo Mayibe KuNkulunkulu uSomandla!

Unyazi LwaseMpumalanga, IBandla likaNkulunkulu uSomandla lasungulwa ngenxa yokuvela nomsebenzi kaNkulunkulu uSomandla, ukubuya kwesibili kweNkosi uJesu, uKristu wezinsuku zokugcina. Lakhiwe yibo bonke labo abawamukelayo umsebenzi kaNkulunkulu uSomandla ezinsukwini zokugcina futhi banqotshwa basindiswa ngamazwi Akhe. Lasungulwa ngokuphelele nguNkulunkulu uSomandla ngokwakhe futhi liholwa Nguye njengoMalusi. Nakanjani, alisungulwanga umuntu. UKristu uyiqiniso, indlela, nokuphila. Izimvu zikaNkulunkulu ziyalizwa iphimbo likaNkulunkulu. Uma nje uhlala ufunda amazwi kaNkulunkulu uSomandla, uzobona ukuba uNkulunkulu usevelile.
.

4

UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

UKristu Wezinsuku Zokugcina Kuphela Onganika Umuntu Indlela Yokuphila Ingunaphakade

Indlela yokuphila akusiyo into engaba ekanoma ubani, futhi ayitholwa yibo bonke abantu kalula. Lokhu kwenziwa ukuthi ukuphila kuvela kuNkulunkulu kuphela, okusho ukuthi, uNkulunkulu kuphela onesiqu sokuphila, ayikho enye indlela yokuphila ngaphandle kukaNkulunkulu Uqobo, ngakho-ke uNkulunkulu kuphela owumthombo wokuphila, futhi uwumthombo wamanzi okuphila ahlala egeleza. Kusukeka ngesikhathi edala umhlaba, uNkulunkulu wenze umsebenzi omningi obandakanya ukubaluleka kokuphila, wenze umsebenzi omningi onika umuntu ukuphila, futhi wakhokha inani elikhulu ukuze umuntu aphinde abe nokuphila, ngoba uNkulunkulu Uqobo uwukuphila okungunaphakade, futhi uNkulunkulu Uqobo uyindlela umuntu avuswa ngayo. UNkulunkulu uhlala ekhona enhliziyweni yomuntu, futhi uphila phakathi komuntu ngaso sonke isikhathi. Nguye obeqhubekisa ukuphila komuntu, isisekelo sobukhona bomuntu, futhi utshale lukhulu ukuze umuntu aphile emuva kokuzalwa. Wenza umuntu azalwe kabusha, futhi wenza akwazi ukuphila endimeni nendima okumele abe kuyo. Sibonga amandla Akhe, kanye namandla Akhe okuphila angeshatshalaliswe, umuntu uphile izizukulwane eziningi, kukho konke amandla kaNkulunkulu yiwo akade enza ukuthi umuntu aqhubeke nokuba khona, futhi uNkulunkulu ukhokhe inani umuntu ojwayelekile angakaze alikhokhe. Amandla empilo kaNkulunkulu angachuma kunanoma amaphi amandla, phezu kwalokho, edlula wonke amandla. Ukuphila Kwakhe kungunaphakade, amandla Akhe makhulu ngokwedlulele, futhi amandla Akhe okuphila awehlulwa yinoma yini edaliwe noma amandla esitha. Amandla kaNkulunkulu akhona, futhi akhanyisa bha, noma ngabe yisiphi isikhathi noma indawo. Izulu nomhlaba kungaba nezinguquko ezinkulu, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kufana. Zonke izinto ziyedlula, kodwa ukuphila kukaNkulunkulu kulokhu kumile, ngoba uNkulunkulu ungumthombo wobukhona bazo zonke izinto, futhi ungumsuka wobukhona bazo. Ukuphila komuntu kuvela kuNkulunkulu, izulu likhona ngenxa kaNkulunkulu, futhi ubukhona bomhlaba busuka emandleni okuphila kukaNkulunkulu. Akukho okubalulekile okungadlula ubukhulu bukaNkulunkulu, futhi akukho okunamandla okuphuma emandleni okuphathwa nguNkulunkulu. Ngale ndlela, ngisho noma bangobani, bonke abantu kumele bathobele ukubusa kukaNkulunkulu, bonke abantu kumele baphile ngaphansi kokulawulwa uNkulunkulu, futhi akekho umuntu ongaphunyuka elulawuleni Kwakhe.

Mhlawumbe, manje, ufisa ukuthola ukuphila, noma mhlawumbe ufisa ukuthola iqiniso. Noma ngabe yikuphi, ufisa ukuthola uNkulunkulu, ukuthola uNkulunkulu ongancika kuye, futhi ongakunika ukuphila okuyingunaphakade. Uma ufisa ukuthola ukuphila okungunaphakade, kumele uqale uqonde umthombo wokuphila ingunaphakade, futhi kumele uqale wazi ukuthi uNkulunkulu ukuphi. Bese ngishilo ukuthi uNkulunkulu kuphela ongukuphila okungashintshi, futhi uNkulunkulu kuphela onendlela yokuphila. Njengoba ukuphila Kwakhe kungashintshi, ngakho kungokwengunaphakade; njengoba kuwuNkulunkulu kuphela indlela yokuphila, ngakho uNkulunkulu Uqobo uyindlela yokuphila okuphakade. Njengoba kumele uqale uqonde ukuthi uNkulunkulu ukuphi, nokuthi le ndlela yokuphila ingunaphakade itholakala kanjani. Manje masifunde ngalezi zindaba ezimbili ngokwahlukana.

Uma ufisa ukuthola indlela eya ekuphileni kwaphakade ngokweqiniso, futhi uma ukulambele ngokweqiniso ngenkathi ukufuna, kumele uqale ngokuphendula lo mbuzo: Ukuphi uNkulunkulu namuhla? Mhlawumbe uzophendula ngokuthi uNkulunkulu uhlala ezulwini, vele—ubengeke Aphile ekhaya lakho, angithi? Mhlawumbe ungathi, vele uNkulunkulu uphila phakathi kwazo zonke izinto. Noma ungathi uNkulunkulu uphila enhliziyweni yomuntu ngamunye, noma uNkulunkulu usemhlabeni womoya. Angikuphiki konke lokhu, kodwa kumele ngicacise le ndaba. Akusilo iqiniso ngokugcwele ukuthi uNkulunkulu uphila enhliziyweni yomuntu, kodwa futhi akusilo iphutha ngokugcwele. Lokhu kubangelwa ukuthi, phakathi kwabantu abakholelwa kuNkulunkulu kukhona labo abakholwa ngokweqiniso kanye nalabo abakholwa ngokungeyikho okweqiniso, kukhona labo abagunyazwa uNkulunkulu kanye nalabo angabagunyazi, kukhona labo abamuthokozisayo kanye nalabo abazondayo, futhi kunalabo abalungisayo kanye nalabo abachithayo. Ngakho ngithi uNkulunkulu uphila ezinhliziyweni zabantu abambalwa, futhi labo bantu akungatshazwa ukuthi yilabo abakholelwa kuNkulunkulu ngokweqiniso, labo abagunyazwe uNkulunkulu, labo abamthokozisayo, kanye nalabo abalungisisayo. Kukhona labo abaholwa uNkulunkulu. Njengoba beholwa uNkulunkulu, bangabantu asebezwile futhi ababone indlela kaNkulunkulu yokuphila okungunaphakade. Labo abakholelwa kuNkulunkulu ngendlela engasilo iqiniso, labo abangagunyazwa uNkulunkulu, labo abamcasulayo uNkulunkulu, labo abachithwa uNkulunkulu—nakanjani bayochithwa uNkulunkulu, nakanjani bazosala bengenayo indlela yokuphila, futhi nakanjani bayohlala bengazi ukuthi uNkulunkulu ukuphi. Kolunye uhlangothi, labo uNkulunkulu ahlala ezinhliziyweni zabo bayazi ukuthi ukuphi. Bangabantu uNkulunkulu abanike indlela yokuphila ingunaphakade, futhi yibo abalandela uNkulunkulu. Sewuyazi manje ukuthi uNkulunkulu ukuphi? UNkulunkulu usenhliziyweni yomuntu futhi useceleni nomuntu. Akekho emhlabeni womoya kuphela, futhi phezu kwakho konke, kodwa muningi kakhulu emhlabeni umuntu aphila kuwo. Ngakho ukufika kwezinsuku zokugcina kufike ezigabeni zomsebenzi kaNkulunkulu kwangena endaweni entsha. UNkulunkulu ungaphezu kwazo zonke izinto emhlabeni, futhi Nguye oyisisekelo somuntu enhliziyweni yakhe, futhi phezu kwalokho, ukhona phakathi komuntu. Yingale ndlela kuphela angaletha indlela yokuphila esintwini, futhi anike umuntu indlela yokuphila. UNkulunkulu uze emhlabeni, futhi uphila phakathi kwabantu, ukuze umuntu athole indlela yokuphila, futhi ukuze umuntu abe khona. Khona manjalo, uNkulunkulu ufuna ukulawula zonke izinto emhlabeni jikelele, ukuze zihambisane nokuphatha Kwakhe phakathi kwabantu. Ngakho, uma wazisa imfundiso yokuthi uNkulunkulu usezulwini nasenhliziyweni yomuntu, kube awulazisi iqiniso lobukhona bukaNkulunkulu phakathi komuntu, kusho ukuthi ngeke uphinde ukuthole ukuphila, futhi ngeke uphinde ulithole iqiniso.

UNkulunkulu Uqobo ungukuphila, neqiniso, futhi ukuphila Kwakhe neqiniso kuyahambisana. Labo abehluleka ukuthola iqiniso abasoze bakuthola ukuphila. Ngaphandle kokuqondiswa, ukusekelwa, kanye nokuhlinzeka ngeqiniso, uyothola amagama nje, nezimfundiso, kanti, ngaphezu kwakho konke, ukufa. Ukuphila kukaNkulunkulu kuhlala kukhona, futhi iqiniso Lakhe nokuphila kuyahambisana. Uma wehluleka ukuthola umthombo weqiniso, kusho ukuthi awusoze wathola ukudla kokuphila; uma wehluleka ukuthola isihlinzeko sempilo nakanjani awuzukuba neqiniso, futhi kuqhelelene kakhulu nemicabango nokuqonda, umzimba wakho uwonke awuzukuba yilutho ngaphandle kwenyama, inyama yakho enuka phu. Yazi ukuthi amagama asezincwadini awabalwa njengokuphila, izincwadi zomlando ngeke zithathwe ngokuthi ziyiqiniso, futhi izimfundiso zakudala zingesebenze njengamazwi akhulunywa uNkulunkulu namuhla. Ngokuvezwa uNkulunkulu kuphela uma eseza emhlabeni futhi ephila phakathi komuntu okuyiqiniso, ukuphila, intando kaNkulunkulu, kanye nendlela Yakhe yamanje yokusebenza. Uma ungasebenzisa amarekhodi amazwi akhulunywe uNkulunkulu ezikhathini ezedlule namuhla, kusho ukuthi uwusomlando ovundulula okucashile, futhi indlela ephuma phambili yokukuchaza ukuthi ungungoti wamagugu omlando. Lokho kudalwa ukuthi uhlala ukholelwa emlandweni womsebenzi kaNkulunkulu awenza ngezikhathi esezadlula, ukholelwa esithunzini uNkulunkulu asishiya ngenkathi esebenza kubantu ngaphambilini, futhi ukholelwa endleleni uNkulunkulu ayinika abalandeli Bakhe ngezikhathi zangaphambilini. Awukholelwa endleleni yomsebenzi kaNkulunkulu wanamuhla, awukholelwa kulokho okumangalisayo okwenziwa uNkulunkulu namuhla, futhi awukholelwa endleleni yeqiniso elivezwa uNkulunkulu namuhla. Ngakho uyaziphuphela nje futhi uqhelelene nokuqhubekayo okuyinto engephikiswe. Uma manje usabambelele emazwini angenike umuntu ukuphila, ungumuntu oqinelwa yikhanda,[a] ngoba uzigodlile, unenkani yeselesele, uqinelwa ikhanda kakhulu awufuni nokucabanga!

UNkulunkulu waba inyama eyabizwa ngokuthi uKristu, futhi okuwuKristu okwazi ukunika abantu iqiniso elibizwa ngokuthi uNkulunkulu. Akukho okukhulu ngalokhu, ngoba uqukethe isiqu sikaNkulunkulu, futhi uqukethe isimo sikaNkulunkulu, kanye nobuhlakani emsebenzini Wakhe, umuntu angekuthole. Labo abazibiza ngoKristu, kepha bengakwazi ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu, bangabakhohlisi. UKristu akasikho nje ukubonakaliswa kukaNkulunkulu emhlabeni, kodwa futhi uyinyama embethwe uNkulunkulu njengoba ephethe futhi eqedela umsebenzi Wakhe kubantu. Le nyama akusiyo leyo endawo yayo ingathathwa yinoma imuphi umuntu, kodwa yileyo engathwala umsebenzi kaNkulunkulu ngendlela egculisayo emhlabeni, futhi ibonakalisa isimo sikaNkulunkulu, futhi inika abantu ukuphila. Esikhathini esingatheni, labo abazenza uKristu bayowa, ngoba yize bethi banguKristu, akukho abanakho okuwumgogodla kaKristu. Ngakho ngithi ubuqiniso ngoKristu ngeke buchazwe umuntu, kodwa kuphendulwa futhi kunqunywe uNkulunkulu Uqobo. Ngale ndlela, uma ufuna ukuthola indlela yokuphila yangempela, kumele uqale ukwazise ngokuza emhlabeni futhi unika umuntu indlela yokuphila, futhi kumele uyazise ngezinsuku zokugcina ukuthi uza emhlabeni ukuzonika umuntu indlela yokuphila. Lokhu akusiyo into yakudala; yenzeka njengamanje.

UKristu wezinsuku zokugcina uletha ukuphila, futhi ukubekezela kanye nendlela yeqiniso engunaphakade. Leli qiniso liyindlela umuntu angathola ukuphila ngayo, futhi yiyo kuphela indlela umuntu ayokwazi uNkulunkulu ngayo futhi agunyazwe uNkulunkulu. Uma ungayifuni indlela yokuphila evela kuKristu wezinsuku zokugcina, kusho ukuthi awusoze wathola ukugunyazwa uJesu, futhi awusoze wafaneleka ukungena ngesango lombuso wezulu, ngoba ungunopopi kanye nesiboshwa somlando. Labo abalawulwa imithetho, ngamagama, futhi ababoshelwe umlando abasoze bathola ukuphila, futhi abasoze bakwazi ukuthola indlela yokuphila engunaphakade. Lokhu kwenziwa ukuthi konke abanakho kungamanzi ayizibhidi okulokhu kubanjelelwe kuwo izinkulungwane zeminyaka, esikhundleni samanzi ageleza esuka esihlalweni sobukhosi. Labo abangahlinzekwa ngamanzi okuphila bayohlala beyizidumbu ingunaphakade, beyizinto zokudlala uSathane, futhi bengamadodana asesihogweni. Pho-ke, bangakwazi ukubona uNkulunkulu? Uma uzama ukubambelela kokwakudala kuphela, uzama ukugcina izinto ngendlela eziyiyo ngokuma unganyakazi, futhi ungazami ukushintsha isimo, ulahle okwakudala, uma kunjalo awuyikuhlala ulwisana noNkulunkulu? Izigaba zomsebenzi kaNkulunkulu zibanzi futhi zinkulu, njengamagagasi agelezayo kanye nokuduma kwezulu okugingqikayo—kepha uyahlala futhi ulinde ukubhujiswa ungenzi lutho, unamathele emikhubeni yakho futhi ungenzi lutho. Ngale ndlela, ungathathwa kanjani njengomuntu olandela ezinyathelweni zeWundlu? Ungakuveza kanjani ubulungiswa ngoNkulunkulu onaye owuNkulunkulu ohlala emusha futhi ongagugi? Futhi amazwi ezincwadi zakho eziqanda angakudlulisela kanjani esikhathini esisha? Angakuholela kanjani ukuthi ufune izinyathelo zomsebenzi kaNkulunkulu? Futhi angakuyisa kanjani ezulwini? Okuphethe ezandleni amagama angakunika ukuthula kwesikhashana, hhayi amaqiniso angakunika ukuphila. Imibhalo oyifundayo iyilokho okungacebisa ulimi lwakho, ayiwona amazwi obuhlakani angakusiza ukuze wazi ngokuphila komuntu, ingasaphathwa eyezindlela ezingakuholela ekulungisisweni. Ingabe lokhu kushayisana akwenzi ubone isidingo sokuzihlolisisa? Ingabe akwenzi ukuthi uqonde izimfihlakalo eziqukethwe kukho? Ungakwazi yini ukuzisindisa ukuze ungene ezulwini uye kohlangana noNkulunkulu ngokwakho? Ngaphandle kokuza kukaNkulunkulu, ungaziyisa yini wena ezulwini ukuze uthokozele intokozo yomndeni noNkulunkulu? Ingabe usaphupha namanje? Ngiphakamisa ukuthi uyeke ukuphupha, ubheke ukuthi ubani osebenzayo manje, ukuthi ubani owenza umsebenzi wokusindisa abantu ngezikhathi zokugcina. Uma ungazi, ngeke uphinde ulithole iqiniso, futhi awusoze waba nokuphila.

Labo abafisa ukuthola ukuphila ngaphandle kokwethembela eqinisweni elikhulunywa uKristu bangabantu abangenangqondo kakhulu emhlabeni, futhi bayilabo abangayamukeli indlela yokuphila elethwe uKristu abalibele ukuphupha. Ngakho ngithi uma abantu bengamamukeli uKristu wezinsuku zokugcina bayohlala bezondwa uNkulunkulu unomphela. UKristu uyindlela yomuntu yokungena embusweni ngezikhathi zokugcina, abanye abangangakunaka. Akekho umuntu ongalungiswa uNkulunkulu ngaphandle kokudlula kuKristu. Uyakholwa nguNkulunkulu, futhi kumele wamukele amazwi Akhe futhi uhloniphe indlela Yakhe. Kumele ungacabangi nje ngokuthola izibusiso ngaphandle kokuthola iqiniso, noma ukwamukela okuhlinzeka ngokuphila. UKristu uza ngezinsuku zokugcina ukuze labo abakholelwa Kuye ngokweqiniso bakwazi ukuhlinzekwa ngokuphila. Umsebenzi Wakhe wenzelwa ukuqedela isikhathi esedlule futhi ungena kwesisha, futhi indlela okumele ithathwe yibo bonke abafuna ukungena esikhathini esisha. Uma wehluleka ukumazisa, futhi esikhundleni sokugxeka, ukuthuka, noma ukumkhaphela, kusho ukuthi nakanjani uyosha ingunaphakade, futhi awusoze wangena embusweni kaNkulunkulu. Ngoba uKristu ngokwakhe uyisibonakaliso soMoya oNgcwele, futhi ukubonakaliswa kukaNkulunkulu, loyo uNkulunkulu amethembe ukuthi uzokwenza umsebenzi Wakhe emhlabeni. Futhi ngithi uma wehluleka ukwamukela konke okwenziwa uKristu ngezinsuku zokugcina, wethuka uMoya oNgcwele. Isijeziso okumele sibhekane nalabo abathuka uMoya oNgcwele sicacele bonke abantu. Ngiyanitshela ukuthi uma niphikisa uKristu wezinsuku zokugcina, futhi Nimuphika, kusho ukuthi akekho umuntu ongakuthwalela umphumela walokho. Phezu kwalokho, kusukela ngalolu suku kuya phambili anizukuba nelinye ithuba lokuthola ukugunyazwa uNkulunkulu; noma ningazama ukuzikhulula, anisoze nabona ubuso bukaNkulunkulu. Ngoba aniphikisani nomuntu, aniphikisani nokuthile okudaliwe, kodwa uKristu. Ingabe uyawazi umphumela walokhu? Awenzanga iphutha elincane, kodwa wenze icala elesabekayo. Futhi ngeluleka bonke abantu abamelene neqiniso, noma abagxeka ngobudedengu, ngoba yiqiniso kuphela elingakunika ukuphila, futhi yiqiniso kuphela elingakwenza uzalwe kabusha futhi ubone ubuso bukaNkulunkulu.

Imibhalo yaphansi:

a. Ucezu lokhuni olufile: isisho sesiShayina, esisho ukuthi “akanakusizakala.”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu "Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu"

Ihubo Lamazwi kaNkulunkulu "Indlela Olubaluleke Ngayo Uthando LukaNkulunkulu Lomuntu"

Isithombe esidwetshwe eBhayibhelini "Umyalelo kaNkulunkulu ku-Adam"
sithinta futhi sifudumalise inhliziyo.
Yize isithombe siqukethe uNkulunkulu nomuntu kuphela,
ubudlelwano obuphakathi kwalaba bobabili busondelene kakhulu
siqala ukufikelwa ukumangala, ukumangala nothando.
I
Uthando lukaNkulunkulu oluchichimayo lunikezwa ngokukhululeka kumuntu, uthando lukaNkulunkulu lumzungezile.
Umuntu, omsulwa ongenasici, kungekho nkathazo ezomubopha,
uphila ngentokozo emehlweni kaNkulunkulu.
UNkulunkulu uyamunakekela umuntu, futhi umuntu uphila phansi kwamaphiko Akhe.
Konke umuntu akwenzayo, wonke amazwi nezenzo zakhe,
kuboshelwe kuNkulunkulu, akunakuhlukana.
II
Kusukela ngomzuzu wokuqala uNkulunkulu edala isintu, uNkulunkulu waba umphathi waso.
Hlobo luni lokuphatha lolo?
Ngolokuthi avikele umuntu futhi abheke umuntu.
Wethemba ukuthi umuntu uzothembela, uzothembela kuwo futhi ahloniphe amazwi Akhe.
Lokhu kwaba into yokuqala uNkulunkulu ayeyilindele esintwini.
III
Ethwele leli themba lokuqala, uNkulunkulu wakhuluma amazwi alandelayo:
"Kunoma yisiphi isihlahla ensimini ungadla:
Kodwa esihlahleni sokwazi ukuhle nokubi, okuhle nokubi,
awunakudla kuso:
ngoba ngosuku oyodla ngalo kuso uyakufa nokufa."
La mazwi alula, amele intando kaNkulunkulu,
akhombisa ukuthi ukukhathazeka ngomuntu kwase kuvele kusenhliziyweni Yakhe.
IV
Ngakho, ngala mazwi alula, sibona okusenhliziyweni kaNkulunkulu.
Ingabe kunothando enhliziyweni Yakhe? Akukho ukunakekela nokukhathalela?
Uthando lukaNkulunkulu nokunakekela kuyinto engazwakala futhi ibonakale.
Uma ungumuntu ononembeza nobuntu,
uzozwa imfudumalo, ukunakekelwa nokuthandwa,
uzozizwa ubusisekile ngenjabulo.
V
Uma uzwa lezi zinto, uzoziphatha kanjani kuNkulunkulu?
Ingabe uzonamathela Kuye?
Ingabe uthando lwenhlonipho, ingabe uthando lwenhlonipho ngeke lukhule enhliziyweni yakho?
Ingabe inhliziyo yakho izosondela Kuye?
Kulokhu siyabona, indlela olubaluleke ngayo uthando lukaNkulunkulu ngomuntu.
Kodwa okubaluleke ngaphezu kwalokhu ukuthi
umuntu angaluzwa futhi aluqonde uthando lukaNkulunkulu.
kwethi Izwi Livela Lisenyameni

Zonke bonke gospel music: zulu gospel songs list

Best South African Gospel Music "Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho"

**Best South African Gospel Music "Kuyinjabulo Ukuba Umuntu Oqotho"

**
Ukuqonda iqiniso kukhulula umoya womuntu kumenze ajabule.
Iqiniso lelo!
Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza.
Singaba kanjani nokungabaza?
Anginakho ukuphika, angihlehli emuva, angiphelelwa yithemba.

Buka!
Ngiqhuba umsebenzi wami ngenhliziyo yami yonke nangengqondo futhi anginakho ukukhathazeka ngenyama.
Angimubi, futhi!
Noma izinga lami lokuphila liphansi, nginenhliziyo eqotho.
Ngempela?
Ngizibophezele ngokuphelele kuzo zonke izinto ukuze ngenelise intando kaNkulunkulu. (Yebo, lokho kulungile!)
Ngiyalenza iqiniso, ngilalele uNkulunkulu, ngizame ukuba umuntu oqotho.
Kwakuhle!
Ngivulelekile futhi ngiqotho, anginankohliso, ngiphila ekukhanyeni.
Kuhle kakhulu!
Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Owokuqala,
Owesibili,
Owesithathu,
sonke singabangani beqiniso.
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu. (Umndeni!)
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Hlabelelani! Nidanse!
Kuyinjabulo ukuba ngumuntu oqotho!
Kuyinjabulo ukuba ngumuntu oqotho!
Ukuba ngumuntu oqotho impela kuyajabulisa!

(Umuntu obusisekile!)
Ngigcwele ukuzethemba ezwini likaNkulunkulu futhi anginakho ukungabaza.
Siyawuqonda umbono!
(Kuhle kangaka ukuqonda iqiniso!)
Ngiqhuba umsebenzi wami ngenhliziyo yami yonke nangengqondo futhi anginakho ukukhathazeka ngenyama.
Siphila njengabantu!
Noma izinga lami lokuphila liphansi, nginenhliziyo eqotho.
Yebo, inhliziyo eqotho iyigugu!
Ngizibophezele ngokuphelele kuzo zonke izinto ukuze ngenelise intando kaNkulunkulu.
Ngabe lena akuyona indlela yokuhanjwa?
(UNkulunkulu akafuni okuningi kithina.)
Ngivulelekile futhi ngiqotho, anginankohliso, ngiphila ekukhanyeni.
Nika inkazimulo kuNkulunkulu!
Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Akekho ozonda abantu abaqotho, angithi?
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Abantu abakhohlisayo bayanyanyisa! Ewu!
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu.
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Abantu abaqotho kuphela abanenjabulo yeqiniso. (Injabulo yeqiniso!)
Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu.
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Hlabelelani! Nidanse!

Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu.
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu.
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Bantu abaqotho, wozani ngokushesha, sivulelane izinhliziyo.
Nonke bantu enithanda uNkulunkulu, wozani nihlanganyele nathi njengabangani abahle.
Bonke abantu abathanda iqiniso bangabafowethu nodadewethu.
Bantu abajabulile, wozani nihlabelele nidanse nidumise uNkulunkulu.
Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

source: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla;
Ungase Uthande Nalezi: Zulu Christian Song

4

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

Indlela Yokwazi UNkulunkulu Osemhlabeni

Nonke niyakujabulela ukuthola umvuzo phambi kukaNkulunkulu nokuba ababekelwe umusa Wakhe emehlwenu Akhe. Lokhu kuyisifiso sawo wonke umuntu emuva kokuqala ukukholwa kuNkulunkulu, ngokuba umuntu ulwela izinto eziphezulu ngenhliziyo yakhe yonke futhi akekho ofisa ukuba semuva kwabanye. Lena indlela yomuntu. Ngenxa kanye yalesi sizathu, abaningi kini bahlala bezama ukuthola umusa kaNkulunkulu ezulwini, nokho empeleni, ukwethembeka nobuqotho kuNkulunkulu, kuncane kakhulu kunokwethembeka nobuqotho enikubhekise kini. Kungani ngisho lokhu? Ngenxa yokuthi angikwazisi nakancane ukwethembeka kwenu kuNkulunkulu, futhi ngiyakuphika ukuba khona kukaNkulunkulu okhona ezinhliziyweni zenu. Lokho kusho ukuthi, uNkulunkulu enimkhonzayo, lo Nkulunkulu ongacacile enimthandayo, akekho nhlobo. Isizathu esenza ukuba ngisho lokhu ngesiqiniseko ukuthi nikude kakhulu noNkulunkulu weqiniso. Isizathu sokuthi nibe nokwethembeka suvela ebukhoneni besithixo phakathi ezinhliziyweni zenu, kodwa ngokwami, uNkulunkulu obonakala engemkhulu futhi engemncane emehlweni enu, konke enikwenzayo ukungemukela ngamazwi. Lapho ngikhuluma ngebanga lenu enikude ngalo kuNkulunkulu, ngikhuluma ngokuthi nikude kangakanani noNkulunkulu weqiniso, lapho lo Nkulunkulu ongacacile kusengathi useduze kakhulu. Uma ngithi “ongemkhulu” kumayelana nokuthi uNkulunkulu enikholwa Kuye manje ubonakala engumuntu nje ongenawo amakhono amakhulu; umuntu ongaphakeme kakhulu. Futhi uma ngithi “ongemncane,” lokhu kusho ukuthi nakuba lo muntu engeke abize umoya futhi akhuze imvula, nokho uyakwazi ukubiza uMoya kaNkulunkulu ukuba wenze umsebenzi onyakazisa amazulu nomhlaba, kanjalo ashiye umuntu ekhexile. Ngaphandle, nonke nibukeka ningabamlalelayo impela lo Kristu osemhlabeni, nokho empeleni anikholwa Kuye futhi animthandi. Engikushoyo ukuthi okunguyena enikholwa kuye ngeqiniso yilo Nkulunkulu ongaqondakali osemizweni yenu, futhi okunguyena enimthanda ngeqiniso uNkulunkulu enimlangazelelayo ubusuku nemini, nakuba ningakaze nimbone ngqo. Mayelana nalo Kristu, ukukholwa kwenu kuyingxenyana, futhi uthando lwenu Kuye luyize. Inkolo isho ukukholwa kanye nethemba; uthando lusho indumiso nokuncoma enhliziyweni, akuhlukani. Nokho ukukholwa nothando kuKristu wanamuhla kusele kakhulu kulokhu. Uma kuza ekukholweni, nikholwa kanjani Kuye? Uma kuza othandweni, nithanda kanjani? Aniqondi lutho ngesimo Sakhe, ingasaphathwa eyengqikithi Yakhe, ngakho nikholwa Kuye kanjani? Likuphi iqiniso lokukholwa kwenu Kuye? Nimthanda kanjani? Liphi iqiniso lothando lwenu Kuye?

Baningi abangilandelile ngaphandle kokungabaza kuze kube namuhla, futhi kule minyaka embalwa, nonke nibe nokukhathala. Ngisiqondisise ngokuphelele isimo semvelo kanye nemikhuba yenu ngamunye, futhi kbe nzima kakhulu ukusebenzisana nani. Okudabukisayo ukuthi nakuba ngithole ulwazi oluningi ngani, aninakuqonda nokuncane Ngami. Yingakho abantu bethi naluthwa umuntu ngomzuzu wokudideka. Ngempela, aniqondi lutho ngesimo Sami, ingasaphathwa eyokuqonda okusemqondweni Wami. Manje ukungaqondi ngokuyikho kwenu Ngami kuyakhula, futhi ukukholwa kwenu Kimi kuhlala kuwukukholwa okudidekile. Kunokuba kuthiwe niyakholwa Kimi, kungafaneleka kakhulu ukuthi kuthiwe nonke nizama ukuncenga umusa Wami futhi niyangibungaza nizenza bahle Kimi. Izinhloso zenu zilula—noma ubani ongangivuza, ngizomlandela, noma ubani ongangenza ngiphunyuke ezinhlekeleleni ezinkulu, ngiyomkholwa, kungaba uNkulunkulu noma imuphi uNkulunkulu othile. Akukho kulokhu okungikhathazayo. Baningi abantu abanje phakathi kwenu, futhi lesi simo sibucayi kakhulu. Uma ngolunye usuku, kungenziwa isivivinyo sokubona ukuthi bangaki phakathi kwenu abakholwa kuKristu ngoba ninokuqonda ngengqikithi Yakhe, ngiyesaba ukuthi akekho kini oyokwazi ukwenza lokhu engikufisayo. Ngakho ngeke kunilimaze ukucabanga lo mbuzo: UNkulunkulu enikholwa Kuye uhluke kakhulu Kimi, ngakho uma kunjalo, iyini ingqikithi yokukholwa kwenu kuNkulunkulu? Ngesikhathi nikholwa kakhulu kulowo enimbiza ngoNkulunkulu, kungesikhathi nideda kakhulu Kimi-ke umthombo wale ndaba? Ngiqinisekile ukuthi akekho noyedwa kini owake wacabanga ngale ndaba, kodwa ubunzima bale ndaba sebuke bakukhanyela nje? Nike nacabanga ngemiphumela yokuqhubeka nalolu hlobo lokukholwa?

Manje, izinkinga ezibekwe phambi kwenu ziningi, futhi akekho kini obukhali ekuqhamukeni nezixazululo. Uma kuqhubeka lokhu, okuyibona abazolahlekelwa yinina. Ngizonisiza ukubona izinkinga, kodwa kukini ukuthola izixazululo.

Ngibabonga kakhulu labo abangenazinsolo ngabanye futhi ngithanda kakhulu nalabo abasheshayo ukwemukela iqiniso; kulolu hlobo olubili lwabantu ngibonisa ukunakekela okukhulu, ngokuba emehlweni ami bangabantu abaneqiniso. Uma unenkohliso kakhulu, uyoba nenhliziyo eqaphile nemicabango yokusola ngezindaba zonke kanye nabantu bonke. Ngalesi sizathu, ukukholwa kwakho Kimi kwakhelwe esisekelweni sokusola. Ukholo olunje yilolu engingasoze ngalwemukela. Ngokweswela ukukholwa kweqiniso, uyoqheka kakhudlwana othandweni lwangempela. Futhi uma ukwazi ukungabaza uNkulunkulu uzicabangela Ngaye ngokuthanda, ngaphandle kokungabaza-ke ungumkhohlisi omkhulu kakhulu kubantu. Uyacabangela ukuthi ingabe uNkulunkulu angafana yini nomuntu: unesono ngokungaxoleleki, unesimilo esinobungqonjwana, awunabo ubuqotho nengqondo, weswele umqondo wobulungiswa, uthanda amasu anesihluku, ukukhohlisa, nobuqili, nokuthokoziswa ububi nobumnyama, kanye nokunye. Isizathu sokuba umuntu abe nemicabango enje akungenxa yokuthi umuntu akanalwazi noluncane ngoNkulunkulu? Uhlobo olunje lokukholwa aluhlukile esonweni! Ngaphezu kwalokho, kukhona ngisho nalabo abakholwa ukuthi labo abangijabulisayo abayilutho ngaphandle kwabazenzisi namakhothangqoko, nokuthi labo abantula la makhono abemukelekile futhi bayolahlekelwa yindawo yabo endlini kaNkulunkulu. Yilolu ulwazi olufundile kule minyaka eminingi? Ingabe ilokhu okuzuzile? Futhi ulwazi lwenu Ngami alugcini kuphela kulokhu kungaqondisisi; okubi kakhulu ukuhlambalaza kwenu uMoya kaNkulunkulu kanye nokungcolisa iZulu. Yingakho ngithi ukukholwa kwalolu hlobo olufana nolwenu luzonenza niqhele kakhulu Kimi futhi bese nimelana kakhulu Nami. Eminyakeni eminingi yomsebenzi, nibone amaqiniso amaningi, kodwa niyazi ukuthi izindlebe Zami zizweni? Bangaki kini abazimisele ukwamukela iqiniso? Nonke nikholwa ukuthi nizimisele ukukhokha intengo yeqiniso, kepha bangaki ngempela abake bahlupheka ngempela ngenxa yeqiniso? Konke okukhona ezinhiziyweni zenu ububi, futhi yingakho nikholwa ukuthi noma ubani, akunandaba ukuthi angaba ubani, unenkohliso nobugwegwe. Niyakholwa ngisho ukuthi uNkulunkulu othathe isimo somuntu angaba njengomuntu ojwayelekile, uyobe engenayo inhliziyo enomusa kanye nothando olunomusa. Ngaphezu kwalokho, nikholwa ukuthi ukuziphatha okuhle nesihe, nemvelo enomusa kukhona kuphela kuNkulunkulu osezulwini. Futhi nikholwa ukuthi ongcwele onje akekho, nokuthi ubumnyama nobubi kuphela okubusa emhlabeni, lapho uNkulunkulu eyinto umuntu abeka kuyo ukulangazelela kwakhe okulungile nokuhle, isithombe esiyinganekwane esenziwe ngumuntu. Emiqondweni yenu, uNkulunkulu osezulwini uqotho, ulungile, futhi mkhulu, ufanele ukudunyiswa nokuthandwa, kodwa lo Nkulunkulu osemhlabeni uyisibambiso nje futhi usetshenziswa uNkulunkulu osezulwini. Nikholwa ukuthi lo Nkulunkulu ngeke alingane noNkulunkulu osezulwini, ingasaphathwa eyokuthi kukhulunywe ngabo bobabili ongathi basezingeni elifanayo. Uma kukhulunywa ngobukhulu nangodumo lukaNkulunkulu, kungokukaNkulunkulu osezulwini, kodwa uma kukhulunywa ngemvelo nenkohlakalo yomuntu, kuyizici uNkulunkulu osemhlabeni oneqhaza kuzo. UNkulunkulu osezulwini uphakeme naphakade, lapho uNkulunkulu osemhlabeni engabalulekile, ebuthakathaka, engenamandla naphakade. UNkulunkulu osezulwini akasiye owemizwa, ukulunga kuphela, lapho uNkulunkulu osemhlabeni enezinhloso zobugovu kuphela futhiakanabulungiswa futhi akanangqondo. UNkulunkulu osezulwini akanabo nobuncane ubugwegwe futhi uthembekile ikuze kube phakade, kulapho uNkulunkulu osemhlabeni unengxenye yokungethembeki njalo. UNkulunkulu osezulwini uthanda umuntu kakhulu, lapho uNkulunkulu osemhlabeni unakekela umuntu ngokungagculisi, kokunye angamnaki nhlobo. Lolu lwazi oluyiphutha kade lugcinwe ezinhliziyweni zenu futhi lungabhebhethekiswa esikhathini esizayo. Nibheka zonke izenzo zikaKristu nizithathela ephuzwini lokungalungi futhi nicubungule wonke umsebenzi Wakhe, ubunjalo nengqikithi Yakhe ngeso lababi. Nenze iphutha elinzima ngokwenza okungakaze kwenziwe abeze ngaphambili kwenu. Okungukuthi, nikhonza kuphela uNkulunkulu ophakeme osezulwini, onomqhele ekhanda lakhe futhi anikaze nimnake uNkulunkulu enimthathela phansi njengongabalulekile ngendlela yokuthi akabonakali kini. Ingabe akusona yini isono senu lesi? Ingabe akusona yini isibonelo esijwayelekile secala lenu lokumelana nesimo sikaNkulunkulu? Niyamkhonza impela uNkulunkulu osezulwini. Niyayidumisa impela imifanekiso ephakeme futhi nazise kakhulu labo abagqame ngobugagu bokukhuluma. Niyayalwa ngokuthokoza nguNkulunkulu ogcwalisa izandla zenu ngengcebo, futhi niyamlangazelela kakhulu uNkulunkulu ongagcwalisa konke ukulangazelela kwenu. Okunguyena yedwa eningamdumisi yilo Nkulunkulu ongaphakeme: into eyodwa eniyizondayo ukuxhumana nalo Nkulunkulu okungekho muntu omhlonisphayo. Into eyodwa eningazimisele ukuyenza, ukukhonza uNkulunkulu ongakaze aninike neyodwa indibilishi, futhi oyedwa kuphela ongakwazi ukunenza nimlangazelele, yilo Nkulunkulu ongathandeki. Lolu hlobo lukaNkulunkulu ngeke lunenze ukuba nikhulise impelamehlo yenu, nizizwe sengathi nithole ingcebo, ingasaphathwa eyokufeza lokho enikufisayo. Kungani-ke, nimlandela?Nike nayicabanga imbuzo efana nale? Lokhu enikwenzayo akumcasuli lo Kristu nje kuphela, okubalulekile kakhulu, ukuthi kucasula uNkulunkulu osezulwini. Lokhu akuyona, ngiyacabanga, injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu!

Nilangazelela kakhulu ukuba uNkulunkulu athokoze ngani, kepha nikude kakhulu noNkulunkulu. Kwenzakalani la? Namukela kuphela amazwi Akhe, kepha hhayi ukunisebenza noma nokuthena Kwakhe, ingasaphathwa eyokwazi kwenu ukwamukela ukuhlela konke Kwakhe, ukuba nokukholwa okuphelele Kuye. Ingabe, ngempela, ikuphi inkinga lapha? Ekugcineni, ukukholwa kwenu kuyigobongo leqanda elingasoze lakhipha itshwele. Ngokuba ukukholwa kwenu akunilethelanga iqiniso noma kunizuzele ukuphila, kodwa kuna lokho kunilethele umuzwa oyinkohliso wethemba nokwesekwa. Injongo Yenu ngokukholwa kuNkulunkulu yileli themba nomuzwa wokwesekwa kuneqiniso nokuphila. Ngakho-ke, Ngithi umgudu wokholo lwenu kuNkulunkulu awulutho ngaphandle nje kokuzincengela umusa kaNkulunkulu ngokuzenzisa nokungabi namahloni, futhi angeke kuze kuthathwe njengokukholwa kweqiniso. Lingavela kanjani itshwele ekukholweni okufana nalokhu? Ngamanye amazwi, isiphi isithelo esingavezwa yilolu hlobo lokukholwa? Injongo yokukholwa kwenu kuNkulunkulu ngukusebenzisa uNkulunkulu ukufeza izinhloso zenu. Ingabe lokhu akukhombisi iqiniso elibonisa icala esimweni sikaNkulunkulu? Nikholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu osezulwini kodwa niphike uNkulunkulu osemhlabeni. Nokho, angiyivumi imibono yenu. Ngincoma kuphela labo bantu abathobekile futhi abakhonza uNkulunkulu osemhlabeni, hhayi labo abangamemukeli uKristu osemhlabeni. Noma ngabe laba bantu bathembeke kanjani kuNkulunkulu osezulwini, ekugcineni, ngeke baphunyuke esandleni Sami esijezisa ababi. Laba bantu bangababi; bangababi abaphikisa uNkulunkulu futhi abangakaze balalele uKristu ngentokozo. Kunjalo, inani labo lifaka nabo bonke abangazi, futhi abangamvumi uKristu. Ingabe ukholwa ukuthi ungenza ngendlela oyithandayo kuKristu uma nje usathembekile kuNkulunkulu osezulwini? Akunjalo! Ukungazi kwakho ngoKristu kuwukungazi ngoNkulunkulu wasezulwini futhi. Noma ngabe uthembeke kangakanani kuNkulunkulu osezulwini, kungamazwi ayize nokuzenzisa, ngokuba uNkulunkulu osemhlabeni akabalulekile kuphela ekutheni umuntu athole iqiniso kanye nolwazi olujulile, kodwa ubalulekile nakakhulu ekujeziseni umuntu emva kwalokho nokubamba amaqiniso okujezisa ababi. Ingabe uyayiqonda imiphumela ezuzisayo nelimazayo lapha? Ingabe usudlulile kukho? Nginifisela ukuthi niliqonde leli qiniso ngolunye usuku oluseduze: Ukuze nazi uNkulunkulu, akumele nazi uNkulunkulu osezulwini kuphela, kodwa okubaluleke kakhulu, uNkulunkulu osemhlabeni. Ningadideki ngalokho okusemqoka noma nivumele okungaphansi kwedlule okumqoka. Kungale ndlela kuphela lapho ungakwazi khona ukwakha ngeqiniso ubudlelwano obuhle noNkulunkulu, nokusondela kuNkulunkulu, futhi ulethe inhliziyo yakho eduze Kwakhe. Uma ubungowenkolo iminyaka eminingi futhi sesiside isikhathi uhlobene Nami, kepha uhlala uqhelile Kimi, Ngithi kungenxa yokuthi ujwayele ukucasula isimo sikaNkulunkulu, futhi isiphetho sakho kuyoba nzima ukubhekana naso. Uma le minyaka eminingi yokuhlobana Nami ingehlulekanga kuphela ukukuguqulela kumuntu onobuntu neqiniso, kunalokho, yagxilisa izindlela zobubi bakho emvelweni yakho, futhi awunamibono yobukhulu ephindwe kabili kunakuqala kodwa ukungangiqondisisi kwakho knakho kuphindaphindiwe, ngendlela yokuthi uze ungithathe njengomngane wakho omncane, Ngithi-ke ukuhlupheka kwakho akusekuncane nje kodwa sekungene nasemathanjeni akho uqobo. Konke okusele ukuthi ulinde ukuba kwenziwe amalungiselelo omngcwabo wakho! Awudingi ukungincenga ngaleso sikhathi ukuthi Ngibe uNkulunkulu wakho, ngoba wenze isono esifanelwe ukufa, isono esingenakuthethelelwa. Noma ngabe bengingaba nomusa kuwe, uNkulunkulu osezulwini uzophikelela nokuthatha impilo yakho, ngenxa yokuthi icala lakho esimweni sikaNkulunkulu aliyona inkinga ejwayelekile, kodwa olohlobo olunzima kakhulu. Uma sesifika isikhathi, ungangisoli ngokuthi angikutshelanga ngaphambili. Konke kubuyela ekuthini: uma uhlobene noKristu—uNkulunkulu osemhlabeni—njengomuntu ojwayelekile, okungukuthi, uma ukholwa ukuthi lo Nkulunkulu akalutho kodwa ngumuntu nje, yilapho-ke uyobhubha khona. Lesi yisexwayiso esisodwa Sami kini nonke.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

5

Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe

Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe

Indlela Yokukhonza Yenkolo Kumelwe Ivalwe

Kusukela ekuqaleni komsebenzi wakhe endaweni yonke, uNkulunkulu wanqumela kusengaphambili abantu abaningi ukuba bamkhonze, kuhlanganisa abantu abavela kuzo zonke izizinda zokuphila. Injongo Yakhe ukufeza intando Yakhe nokuqiniseka ngokuthi umsebenzi Wakhe emhlabeni uthela kahle izithelo. Lena injongo kaNkulunkulu yokukhetha abantu ukuba bamkhonze. Wonke umuntu okhonza uNkulunkulu kumele ayiqonde le ntando kaNkulunkulu. Ngalo msebenzi Wakhe, abantu bakubona kangcono ukuhlakanipha kukaNkulunkulu nokuba namandla onke kukaNkulunkulu, futhi kubasiza ukuthi baqonde imiyalo yomsebenzi Wakhe emhlabeni. UNkulunkulu weza ngempela emhlabeni ukuzokwenza umsebenzi Wakhe, ukuzothintana nabantu, ukuze bazi izenzo Zakhe ngokucacile. Namuhla, leli qembu lenu linenhlanhla yokukhonza uNkulunkulu ongokoqobo. Lokhu kuyisibusiso esingenakubalwa. Empeleni, uNkulunkulu oniphakamisayo. Ekukhetheni umuntu ukuba amkhonze, uNkulunkulu ahlale enemiyalo Yakhe. Ukukhonza uNkulunkulu akuyona ngempela, lokho abantu abacabanga ukuthi kunjalo, indaba yogqozi. Namuhla niyabona ukuthi noma ubani okhonza uNkulunkulu ekubeni khona Kwakhe, ukwenza lokho ngoba unokuqondiswa uNkulunkulu nangomsebenzi kaMoya oNgcwele; nangenxa yokuthi bangabantu abafuna iqiniso. Lezi izimfuno eziyisisekelo bonke labo abakhonza uNkulunkulu okufanele babe nazo.

Ukukhonza uNkulunkulu akulula. Labo abasimo sabo esikhohlakele esihlala singashintshile abanakumkhonza uNkulunkulu. Uma isimo sakho singahlulelwanga futhi sasolwa izwi likaNkulunkulu, kusho ukuthi isimo sakho sisamelela uSathane. Lokhu kwanele ukuveza ukuthi inkonzo yakho kuNkulunkulu imayelana nezinhloso zakho ezinhle. Inkonzo esekelwe emvelweni yakho engubusathane. Ukhonza uNkulunkulu ngesimo sakho esingokwemvelo, nangokuhambisana nezinto ozithandayo; ngaphezu kwalokho, ulokhu ucabanga ukuthi uNkulunkulu ujabulela noma yini ofuna ukuyenza, nokuthi uzonda noma yini ongafuni ukuyenza, futhi uqondiswa ngokuphelele yizinto ozithandayo emsebenzini wakho. Ingabe lokhu kungabizwa ngokukhonza uNkulunkulu? Ekugcineni, isimo sempilo yakho ngeke sishintshwe nakancane; kunalokho, uyoba nenkani ngisho nakakhulu ngoba ubukhonza uNkulunkulu, futhi lokhu kuyokwenza ukuthi isimo sakho esonakele sibe nzima nakakhulu. Ngale ndlela, ngaphakathi uzozakhela imithetho yokukhonza uNkulunkulu ngokuyinhloko esekelwe ebuntwini bakho, nasolwazini oluthole ngenxa yokukhonza ngokuvumelana nesimo sakho. Lokhu kuyisifundo esivela olwazini lwabantu. Kuwumbono womuntu ngokuphila. Abantu abanjengalaba bafana nabaFarisi kanye nabaholi benkolo. Uma bengavuki emaqandeni baphenduke, bazogcina bephenduke oKristu bamanga abazovumbuka ezinsukwini zokugcina futhi badukise abantu. OKristu bamanga nabakhohlisi okwakuthiwe bayovela kulolu hlobo lomuntu. Uma labo abakhonza uNkulunkulu belandela ubuntu babo futhi benze ukuthanda kwabo, khona-ke basengozini enkulu yokulaxazwa nganoma yisiphi isikhathi. Labo abasebenzisa ulwazi lwabo lweminyaka eminingi bekhonza uNkulunkulu ukuze bazuze izinhliziyo zabanye, ukubashumayeza ngokubeya nokubavimba—futhi abangakaze baphenduke, bavume izono zabo, bayeke ukuqhakambisa izinzuzo zesikhundla—laba bantu bayowa phambi kukaNkulunkulu. Bangabantu abawuhlobo olulodwa noPawulu, bazidla ngezikhundla zabo eziphezulu futhi babukise ngezimfanelo zabo. UNkulunkulu ngeke alethe abantu abanjena ekuphelelisweni. Lolu hlobo lwenkonzo lugxambukela emsebenzini kaNkulunkulu. Abantu bayathanda ukubambelela kokudala. Banamathela ezinkolelweni ezindala, ezintweni ezedlule. Lesi isiphazamiso esikhulu enkonzweni yabo. Uma ungakwazi ukuzilahla, lezi zinto ziyokuxina ukuphila kwakho konke. UNkulunkulu ngeke ajabule ngawe, ngisho nakancane, ngeke ngisho ungaze uphuke umlenze ugijima noma umgogodla usebenza, ngeke ngisho ungaze ubulawelwe ukholo kanjani enkonzweni kaNkulunkulu. Kuyokwenzeka okuphambene: Uyothi uwumenzi wobubi.

Kusukela namhlanje, uNkulunkulu uzophelelisa labo abangenazo izinkolelo zenkolo, abakulungele ukushiya ubuntu babo obudala, balalele kuphela uNkulunkulu ngendlela yenhliziyo ethambile, futhi uzophelelisa labo abalangazelela izwi likaNkulunkulu. Laba kumele babhukule bakhonze uNkulunkulu. KuNkulunkulu kunenala engapheli yokuhlakanipha. Umsebenzi Wakhe omuhle ngendlela emangalisayo kanye namazwi Akhe ayigugu alindele ukuthokozelwa yinani labantu abaningi ngisho kakhulu. Okwamanje, labo abanezinkolelo zenkolo, labo abaqhakambisa izikhundla zabo eziphezulu, nalabo abangeke bazidele bakuthola kunzima ukwamukela lezi zinto. Alikho ithuba ngoMoya oNgcwele ukuba uphelelise laba bantu. Uma umuntu engazimisele ukulalela, futhi engalomeli izwi likaNkulunkulu, khona-ke ngeke akwazi ukwamukela lezi zinto ezintsha. Uyolokhu ehlubuka nakakhulu, eba nobuqili nakakhulu, agcine esemgudwini ongafanele. Ekwenzeni umsebenzi Wakhe manje, uNkulunkulu uyovusa abantu abaningi abamthanda ngeqiniso, abemukela ukukhanya okusha. Futhi uyonciphisa izikhulu zenkolo eziqhakambisa izikhundla zazo eziphezulu. Labo abenqaba ngenkani ukushintsha: Akafuni kube ngisho nomuntu oyedwa wabo. Ingabe uyafuna ukuba ngomunye walaba bantu? Ingabe inkonzo yakho uyenza ngendlela othanda ngayo, noma ingabe wenza lokho okufunwa uNkulunkulu? Lena into okufanele uyazi ngawe. Ingabe ungomunye wezikhulu zenkolo, noma ingabe uwusana olusanda kuzalwa olupheleliswa uNkulunkulu? Ingakanani ingxenye yenkonzo yakho eyamukelwa uMoya oNgcwele? Ingakanani uNkulunkulu angeke azihluphe ukuba ayikhumbule? Ngemva kweminyaka eminingi yenkonzo, kushintshe kangakanani ukuphila kwakho? Ingabe kucacile kuwe konke lokhu? Uma unokholo lweqiniso, khona-ke uzohlukana nezinkolelo zakho zenkolo ezindala zangaphambili, futhi umkhonze kangcono uNkulunkulu ngendlela entsha. Akukephuzi kakhulu ukuba ukhuphule amasokisi. Izinkolelo ezindala zenkolo ziyokukhinyabeza ukuphila komuntu. Ulwazi lomuntu luyomphambukisa kuNkulunkulu, enze izinto ngendlela yakhe. Uma ungazishiyi phansi lezi zinto, ziyoba yisithiyo ekukhuleni kwakho ekuphileni. UNkulunkulu ubelokhu ebaphelelisa labo abamkhonzayo. Akabalaxazi kanjalo nje. Uma wamukela ngeqiniso ukwahlulelwa nokusolwa yizwi likaNkulunkulu, uma ungabeka eceleni imikhuba yakho emidala yenkolo nemithetho, futhi uyeke ukusebenzisa izinkolelo zenkolo ezindala njengesikali sezwi likaNkulunkulu namuhla, Ngalokho kuphela kuyoba nekusasa ngawe. Kodwa uma ubambelela ezintweni ezindala, uma usazazisa, khonake ngeke kube nendlela yokuthi ungasindiswa. UNkulunkulu akanandaba nabantu abanjalo. Uma ufuna ngempela ukupheleliswa, khona-ke kumele ukulungele ukukushiya ngokuphelele konke okudala. Ngisho noma okwakwenziwa phambili kwakukuhle, ngisho noma kwakuwumsebenzi kaNkulunkulu, kufanele ukwazi ukukubeka eceleni futhi uyeke ukubambelela kukho. Ngisho noma kwakusobala ukuthi umsebenzi kaMoya oNgcwele, owenziwa ngokuqondile uMoya oNgcwele, namuhla kumele ukubeke eceleni. Akumele ubambelele kukho. Yilokhu uNkulunkulu akufunayo. Konke kumele kwenziwe kube kusha. Emsebenzini kaNkulunkulu nasezwini likaNkulunkulu, akabhekiseli ezintweni ezindala ezenzeka, akembi umlando omdala. UNkulunkulu unguNkulunkulu ohlale njalo emusha futhi akagugi. Akabambeleli emazwini Akhe edlule, kulokhu kusobala ukuthi uNkulunkulu akalandeli noma yimiphi imithetho. Kulesi simo, njengomuntu, uma uhlale ubambelela ezintweni ezedlule, ungafuni ukuzidedela, futhi uzisebenzisa ngokuphikelela endleleni yokwenza izinto, kuyilapho uNkulunkulu engasasebenzi ngalezo zindlela zangaphambili, khona-ke ingabe amazwi nezenzo zakho akusona yini isiphazamiso? Awuphendukanga yini isitha sikaNkulunkulu? Ingabe uzimisele ukonakalisa ukuphila kwakho konke ngenxa yalezi zinto ezindala? Lezi zinto ezindala zikwenza ube umuntu ophazamisa umsebenzi kaNkulunkulu. Ingabe lolo uhlobo lomuntu ofuna ukuba yilo? Uma ungakufuni ngempela lokho, yekela le nto oyenzayo ngokushesha uphenduke; uqale kabusha. UNkulunkulu akazikhumbuli izinto zakho ezindala.

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

5

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

Ingqikithi Yenyama Ehlalwe UNkulunkulu

UNkulunkulu wokuqala owaba sesimweni somuntu waphila emhlabeni iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye, nokho wenza inkonzo Yakhe iminyaka emithathu nengxenye yaleyo minyaka. Kokubili ngesikhathi asebenza ngaso, nangaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe, wayenobuntu obujwayelekile. Wahlala ebuntwini Bakhe obejwayelekile iminyaka engamashumi amathathu nantathu nengxenye. Eminyakeni emithathu nengxenye yokugcina, wazembula ukuthi unguNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngaphambi kokuba aqale ukwenza inkonzo Yakhe, waqale wabonakala enobuntu obujwayelekile engabonisi lutho ngobunkulunkulu Bakhe, futhi kwakungemva kwalapho eseqale khona ngokusemthethweni ukwenza inkonzo Yakhe, lapho ubunkulunkulu Bakhe babonakaliswa khona. Ukuphila Kwakhe kanye nomsebenzi kuleyo minyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yokuqala konke kwabonisa ukuthi wayengumuntu wangempela, indodana yomuntu, inyama; ngoba empeleni inkonzo Yakhe yaqala ngemva kweminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye yobudala. Incazelo yokuba sesimweni somuntu ukuthi uNkulunkulu ubonakala enyameni, futhi ufika ezosebenza phakathi kwesintu esidalwe Nguye esesimweni senyama. Ngakho, ukuze uNkulunkulu athathe isimo somuntu, kumele aqale abe yinyama, inyama enobuntu obujwayelekile; lokhu kuyisidingo esibaluleke kakhulu. Eqinisweni, okuqondiwe ngokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu ukuthi uNkulunkulu uphila futhi asebenze enyameni, uNkulunkulu engqikithini Yakhe uqobo uthatha umzimba wenyama, uba ngumuntu. Ukuphila Kwakhe esengumuntu nokusebenza kuhlukaniswa izigaba ezimbili. Esokuqala, yimpilo ayiphilayo ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe. Uphila emndenini ojwayelekile wabantu, ebuntwini obujwayeleke kakhulu impela, elalela imithetho yokuziphatha kanye nemithetho ejwayelekile yokuphila komuntu, enezidingo zomuntu ezijwayelekile (ukudla, okokugqoka, indawo yokuhlala, ukulala), ubuthakathaka bomuntu obujwayelekile kanye nemizwa yomuntu ejwayelekile. Ngamanye amazwi, kulesi sigaba sokuqala uphila impilo engenabo ubunkulunkulu, enobuntu obujwayeleke ngokuphelele, owenza zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile. Isigaba sesibili siwukuphila Kwakhe ngemva kokuqala ukwenza inkonzo Yakhe. Usaphila ebuntwini obujwayelekile enomzimba womuntu ojwayelekile, angawabonisi nakancane amandla angaphezu kwawemvelo. Nokho uphila kuphela ngenxa yenkonzo Yakhe, futhi kulesi sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile bukhona ngokuphelele ukuze kwenzeke umsebenzi ojwayelekile wobuNkulunkulu Bakhe; ngoba ngaleso sikhathi ubuntu Bakhe obujwayelekile sebukhule baze bafika ezingeni lokuthi bungakwazi ukwenza inkonzo Yakhe. Ngakho-ke isigaba sesibili sokuphila Kwakhe siwukwenza inkonzo Yakhe esebuntwini obujwayelekile, kungukuphila kwakhe kokubili kobuntu obujwayelekile nobunkulunkulu obuphelele. Isizathu sokuthi, ngesikhathi sesigaba sokuqala sokuphila Kwakhe, uphila ebuntwini obujwayeleke ngokuphelele wukuthi ubuntu Bakhe busuke bungakalingani nomsebenzi wobuNkulunkulu obuphelele, kusuke kungakavuthwa; kuba kuphela ngemuva kokukhula kobuntu Bakhe, sebukwazi ukuthwala inkonzo Yakhe, lapho angaqalisa khona ukwenza inkonzo Yakhe. Njengoba Yena, eyinyama, edinga ukuthi akhule futhi avuthwe, isigaba sokuqala sokuphila Kwakhe siwubuntu obujwayelekile, kanti esigabeni sesibili, ngenxa yokuthi ubuntu Bakhe buyakwazi ukwenza umsebenzi Wakhe nokwenza inkonzo Yakhe, ukuphila kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuphila ngesikhathi senkonzo Yakhe kuyikho kokubili okobuntu nobuNkulunkulu obuphelele. Ukuba kusukela ekuzalweni Kwakhe uNkulunkulu osesimweni somuntu waqala inkonzo Yakhe ngokuzimisela, enza izibonakaliso kanye nezimangaliso ezingaphezu kwamandla emvelo, khona-ke wayengeke abe nengqikithi yomzimba. Ngakho-ke, ubuntu Bakhe bukhona ngenxa yengqikithi yomzimba Wakhe; ngeke kube khona inyama ngaphandle kobuntu, futhi umuntu ongenabo ubuntu akayena umuntu. Ngale ndlela, ubuntu benyama kaNkulunkulu buyingxenye esemqoka yenyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukuthi “lapho uNkulunkulu eba sesimweni somuntu usuke enobunkulunkulu ngokuphelele, akayena nhlobo umuntu,” kuwukuhlambalaza ngoba ngeke ukwazi ukuma kulo mbono, okuyinto eyephula umgomo wokuba sesimweni somuntu. Ngisho nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe, ubuNkulunkulu Bakhe bulokhu buhleli emkhakheni wangaphandle womuntu lapho enza umsebenzi Wakhe; ukuthi nje ngaleso sikhathi, ubuntu Bakhe bufeza kuphela injongo yokuvumela ubunkulunkulu Bakhe ukuba benze umsebenzi enyameni ejwayelekile. Ngakho umenzi womsebenzi ubunkulunkulu obuhlala ebuntwini Bakhe. UbuNkulunkulu Bakhe, hhayi ubuntu Bakhe obusebenzayo, kepha ubunkulunkulu obufihlwe ngaphakathi ebuntwini Bakhe; umsebenzi Wakhe wenziwa empeleni ngubunkulunkulu Bakhe obuphelele, hhayi ubuntu Bakhe. Kodwa umenzi womsebenzi yinyama Yakhe. Umuntu angathi ungumuntu futhi unguNkulunkulu, ngoba uNkulunkulu uba nguNkulunkulu ophila enyameni, ebukeka njengomuntu ngaphandle futhi enengqikithi yobuntu kodwa futhi nengqikithi kaNkulunkulu. Ngoba ungumuntu onobuNkulunkulu, ungaphezu kwabo bonke abantu abadaliwe, ngaphezu kwawo wonke umuntu ongenza umsebenzi kaNkulunkulu. Futhi phakathi kwalabo ababukeka njengaye, phakathi kwabo bonke abanobuntu, Nguye kuphela onguNkulunkulu osesimweni somuntu uqobo Lwakhe—bonke abanye bangabantu abadaliwe. Nakuba bonke benobuntu, abantu abadaliwe akukho okunye abayikho ngaphandle kobuntu, kanti uNkulunkulu osesimweni somuntu Yena uhlukile: Enyameni Yakhe akanabo kuphela ubuntu kodwa okubaluleke nakakhulu unobunkulunkulu. Ubuntu Bakhe buyabonakala ngokubukeka kwangaphandle kwenyama Yakhe nasekuphileni Kwakhe kwansuku zonke kodwa ubuNkulunkulu Bakhe kunzima ukubuqonda. Ngenxa yokuthi ubuNkulunkulu Bakhe buboniswa kuphela enobuntu futhi abunawo amandla angaphezu kwemvelo njengoba abantu bebucabanga, kunzima kakhulu ukuba abantu bakubone. Ngisho nanamuhla kunzima kakhulu ukuthi abantu baqonde imfihlakalo yengqikithi yangempela kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Eqinisweni, nangemva kokukhuluma okungaka ngakho, ngilindele ukuba kube yimfihlakalo eningini lenu. Le ndaba ilula kakhulu: Njengoba uNkulunkulu eba, ingqikithi Yakhe iyinhlanganisela yobuntu nobunkulunkulu. Le nhlanganisela ibizwa ngokuthi uNkulunkulu Uqobo Lwakhe, uNkulunkulu Uqobo Lwakhe emhlabeni.

Impilo eyaphilwa uJesu emhlabeni kwakuyimpilo ejwayelekile yenyama. Waphila ebuntwini obujwayelekile benyama Yakhe. Igunya Lakhe—ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu nokukhuluma izwi likaNkulunkulu, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, ukwenza lezo zinto ezingajwayelekile—akuzange kuzibonakalise, isikhathi esiningi, kwaze kwaba yilapho aqala khona inkonzo Yakhe. Impilo Yakhe ngaphambi kweminyaka yobudala engamashumi amabili nesishiyagalolunye, ngaphambi kokuba enze inkonzo Yakhe, yayingubufakazi ngokwanele ukuthi wayesesimweni somuntu ejwayelekile nje. Ngenxa yalokhu, nangenxa yokuthi wayengakaqali ukwenza inkonzo Yakhe, abantu ababonanga bunkulunkulu Kuye, ababonanga lutho ngaphandle komuntu ojwayelekile nje, indoda ejwayelekile—njengoba ngaleso sikhathi abantu babekholwa ukuthi wayeyindodana kaJosefa. Abantu babecabanga ukuthi wayeyindodana yomuntu ojwayelekile, babengenayo indlela yokubona ukuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu; ngisho nalapho enza khona inkonzo Yakhe, wenza imimangaliso eminingi, abantu abaningi babesalokhu bethi uyindodana kaJosefa, ngoba wayenguKristu onesimo sangaphandle sobuntu obujwayelekile. Ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nomsebenzi Wakhe kokubili kwaba khona ukuze kugcwaliseke ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kokuqala, kufakazela ukuthi uNkulunkulu wayefike enyameni ngokuphelele, wayebe ngumuntu ojwayelekile ngempela. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe kwakungubufakazi bokuthi wayeyinyama ejwayelekile; nokuthi wasebenza emva kwalokho nakho kwabonisa ukuthi wabe eyinyama ejwayelekile, ngoba wenza izibonakaliso nezimangaliso, waphulukisa abagulayo futhi waxosha amadimoni enyameni enobuntu obujwayelekile. Isizathu sokuthi akwazi ukwenza izimangaliso sasiwukuthi inyama Yakhe yayinegunya likaNkulunkulu, kwakuyinyama okwakumbozwe ngayo uMoya kaNkulunkulu. Wayenaleli gunya ngenxa kaMoya kaNkulunkulu, futhi kwakungasho ukuthi wayengeyona inyama. Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi ayedinga ukuba awenze enkonzweni Yakhe, isibonakaliso sobuNkulunkulu Bakhe obufihleke ebuntwini Bakhe, futhi akukhathaleki ukuthi yiziphi izibonakaliso azibonakalisa nokuthi walikhombisa kanjani igunya Lakhe, wayesaphila ebuntwini obujwayelekile futhi wayeseyinyama ejwayelekile. Kuze kufike lapho avuswa khona ngemva kokufa esiphambanweni, wayephila enyameni ejwayelekile. Ukunika umusa, ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni konke kwakuyingxenye yenkonzo Yakhe, kwakungumsebenzi awenza enyameni yomuntu ejwayelekile. Ngaphambi kokuba aye esiphambanweni, akazange ashiye inyama Yakhe yomuntu ejwayelekile, kungakhathaleki ukuthi yini ayeyenza. WayenguNkulunkulu uqobo, enza umsebenzi kaNkulunkulu siqu, kepha ngenxa yokuthi wayeyinyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, wayedla ukudla, egqoka izingubo, enezidingo zomuntu ezijwayelekile, enokucabanga komuntu okujwayelekile kanye nomqondo womuntu ojwayelekile. Konke lokhu kwakuwubufakazi bokuthi wayengumuntu ojwayelekile, okwakubonisa ukuthi inyama ethathe isimo somuntu kaNkulunkulu kwakuyinyama enobuntu obujwayelekile, hhayi obungaphezu kwamandla emvelo. Umsebenzi Wakhe kwakuwukuqedela umsebenzi wokuqala kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu. Ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ukuthi umuntu ojwayelekile, ovamile enze umsebenzi kaNkulunkulu uqobo; okuwukuthi, uNkulunkulu wenza umsebenzi Wakhe wobunkulunkulu ebuntwini futhi ngalokho unqoba uSathane. Ukuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kusho ukuthi uMoya kaNkulunkulu uba yinyama, okuwukuthi, uNkulunkulu uba yinyama; umsebenzi awenza enyameni umsebenzi kaMoya, owenzeka enyameni, oboniswa yinyama. Akekho umuntu ongakwazi ukufeza inkonzo eyenziwa uNkulunkulu osemzimbeni wenyama ngaphandle kukaNkulunkulu osesimweni somuntu; okuwukuthi, uNkulunkulu osesimweni somuntu kuphela, lobu buntu obujwayelekile—hhayi futhi omunye umuntu—angabonakalisa umsebenzi wobunkulunkulu. Ukuba, ngesikhathi sokuza Kwakhe kokuqala, uNkulunkulu wayengazange abe nobuntu obujwayelekile ngaphambi kokuba abe neminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye—ukuba wakwazi ukwenza izimangaliso lapho ezalwa nje, ukuba wayekwazi ukukhuluma ulimi lwasezulwini lapho efunda ukukhuluma nje, ukuba kwathi zisuka nje lapho enyathela okokuqala emhlabeni wabe ekwazi ukuqonda zonke izinto zomhlaba, ukuqonda ahlukanise yonke imicabango nezinhloso zawo wonke umuntu—umuntu onjalo wayengeke abizwe ngomuntu ojwayelekile, futhi inyama enjalo yayingeke ibizwe ngenyama yomuntu. Ukuba kwakunjalo ngoKristu, ukubaluleka nengqikithi yokuthatha umzimba wenyama kukaNkulunkulu bekuyolahleka-ke. Ukuthi wayenobuntu obujwayelekile kubonisa ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; iqiniso lokuthi wadlula ebuntwini obujwayelekile wakhula ngendlela ejwayelekile, liqhubeka libonisa ukuthi ngempela wayesesimweni somuntu ojwayelekile; futhi ngaphezu kwalokho, umsebenzi Wakhe uwubufakazi obanele bokuthi wayenguLizwi kaNkulunkulu, uMoya kaNkulunkulu, eba yinyama. UNkulunkulu uba yinyama ngenxa yezidingo zomsebenzi; ngamanye amazwi, lesi sigaba somsebenzi sidinga ukwenziwa enyameni, ukwenziwa ebuntwini obujwayelekile. Yilokhu okudingekayo ngaphambili kokuthi “uLizwi abe yinyama,” kokuthi “uLizwi abonakale esesimweni somuntu,” futhi kuyindaba eyiqiniso mayelana nokuthatha umzimba wenyama okubili kukaNkulunkulu. Abantu bangase bakholwe ukuthi yonke impilo kaJesu yayinezimangaliso, ukuthi kwaze kwaba sekufezeni umsebenzi Wakhe wasemhlabeni engabonisanga ubuntu obujwayelekile, ukuthi akazange abe nezidingo zomuntu ezijwayelekile noma ubuthakathaka noma imizwa yomuntu, wayengazange abe nezidingo zezinto eziyisisekelo zokuphila noma abe nemicabango yomuntu ojwayelekile. Bamcabanga kuphela njengomuntu onengqondo engaphezu kweyomuntu nobuntu obumangalisayo. Bakholwa wukuthi uma nje enguNkulunkulu, akumele acabange futhi aphile njengomuntu ojwayelekile, ukuthi umuntu ojwayelekile kuphela, ongumuntu uqobo, angacabanga imicabango yomuntu ejwayelekile futhi aphile ukuphila okujwayelekile. Konke lokhu yimiqondo yomuntu, nemibono yomuntu ephambana nezinhloso zasekuqaleni zomsebenzi kaNkulunkulu. Ukucabanga komuntu okujwayelekile kusekela ukuqonda komuntu okujwayelekile nobuntu obujwayelekile; ubuntu obujwayelekile, busekela ukusebenza kwenyama okujwayelekile; kanti ukusebenza kwenyama okujwayelekile kwenza ukuba impilo yasesimweni somuntu ejwayelekile isiyonke ukuba ibe khona. Kungokusebenza enyameni enjengalena kuphela lapho uNkulunkulu engafeza injongo Yakhe yokuba sesimweni somuntu. Ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu ube negobolondo langaphandle lenyama kuphela kodwa engacabangi imicabango yomuntu ejwayelekile, ngakho leyo nyama ibingeke ibe nokuqonda komuntu okujwayelekile, ingasaphathwa eyobuntu obuqiniseke ngempela. Kungenzeka kanjani ukuba inyama enjena, engenabo ubuntu, ifeze inkonzo leyo okufanele ifezwe uNkulunkulu osesimweni somuntu? Umqondo ojwayelekile usekela zonke izingxenye zokuphila komuntu; ngaphandle komqondo ojwayelekile, umuntu ubengeke abe ngumuntu. Ngamanye amazwi, umuntu ongacabangi imicabango ejwayelekile ugula ngekhanda. Futhi uKristu ongenabo ubuntu kodwa onobunkulunkulu kuphela ngeke kushiwo ukuthi uyinyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ngakho, kungenzeka kanjani ukuba inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu ingabi nobuntu obujwayelekile? Ngabe akukhona ukuhlambalaza ukuthi uKristu akanabo ubuntu? Zonke izinto ezenziwa abantu abajwayelekile zincike ekusebenzeni komqondo womuntu okujwayelekile. Ngaphandle kwakho, abantu bebezoziphatha ngendlela engemukeleki; bebengeke bakwazi ngisho ukuhlukanisa phakathi kokumnyama nokumhlophe, okuhle nokubi; futhi bebengeke babe nenkambo efanele yabantu nezimiso zokuziphatha. Ngokufanayo, uma uNkulunkulu osesimweni somuntu engazange acabange njengomuntu ojwayelekile, wayengeke abe inyama yempela, inyama ejwayelekile, yangempela. Umuntu onjalo osesimweni somuntu ongacabangi ubengeke akwazi ukwenza umsebenzi wobuNkulunkulu. Ubengeke akwazi ukwenza izinto ezijwayelekile zenyama, kungasaphathwa ukuphilisani kahle nabantu emhlabeni. Ngakho ukubaluleka kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, ingqikithi uqobo yokufika kukaNkulunkulu enyameni, ngabe kulahlekile. Ubuntu bukaNkulunkulu osesimweni somuntu bukhona ukusekela umsebenzi wobuNkulunkulu ojwayelekile enyameni; ukucabanga Kwakhe kobuntu obujwayelekile kugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kanye nayo yonke imisebenzi Yakhe ayenza esemzimbeni. Umuntu angathi ukucabanga Kwakhe komuntu okujwayelekile kukhona ukuze kusekele umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu. Ukube le nyama ibingenawo umqondo womuntu ojwayelekile, uNkulunkulu ubengeke akwazi ukusebenza esesimweni somuntu, futhi lokho adinga ukukwenza enyameni bekungeke kufezeke. Nakuba uNkulunkulu osemzimbeni womuntu enomqondo womuntu ojwayelekile, umsebenzi Wakhe awonakaliswa ukucabanga komuntu; wenza umsebenzi ebuntwini obunomqondo ojwayelekile, ngaphansi kombandela wokuthi unobuntu obunomqondo hhayi ngokusebenzisa ukucabanga komuntu okujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi iphakeme kangakanani imicabango yenyama Yakhe, umsebenzi Wakhe awubunikezi ubufakazi bomqondo noma ukucabanga. Ngamanye amazwi, umsebenzi Wakhe awusuki engqondweni yenyama Yakhe kodwa ungukuboniswa ngqo komsebenzi wobuNkulunkulu ebuntwini Bakhe. Umsebenzi Wakhe wonke yinkonzo adinga ukuyifeza futhi akukho nokukodwa kuyo okusuka engqondweni Yakhe. Isibonelo, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokubethelwa kwakungaphumi emqondweni Wakhe wobuntu, kwakungeke kwenziwe yinoma imuphi umuntu onomqondo womuntu. Ngokufanayo, umsebenzi wokunqoba wanamuhla uyinkonzo ekumele yenziwe uNkulunkulu osesimweni somuntu, kodwa akuwona umsebenzi wentando yomuntu, kungumsebenzi ubunkulunkulu Bakhe okumele buwenze, umsebenzi ongenakwenziwa umuntu osesimweni somuntu. Ngakho uNkulunkulu osesimweni somuntu kumele abe nomqondo womuntu ojwayelekile, abe nobuntu obujwayelekile ngoba kumele enze umsebenzi Wakhe ebuntwini enomqondo ojwayelekile. Lokhu yingqikithi yomsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, ingqikithi uqobo kaNkulunkulu osesimweni somuntu.

Ngaphambi kokuba uJesu enze umsebenzi, wayemane ephila ebuntwini Bakhe obujwayelekile. Akekho owayengasho ukuthi wayenguNkulunkulu, akekho owathola ukuthi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu; abantu babemazi njengendoda ejwayelekile ngokuphelele. Ubuntu Bakhe obuvamile obujwayeleke ngempela kwakuwubufakazi bokuthi uNkulunkulu wayethathe isimo somuntu nokuthi iNkathi yoMusa kwakuyisikhathi somsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi inkathi yomsebenzi kaMoya. Kwakuwubufakazi bokuthi uMoya kaNkulunkulu wawubonakaliswe ngokuphelele enyameni, ukuthi ngenkathi uNkulunkulu esesimweni somuntu, inyama Yakhe yayizokwenza wonke umsebenzi kaMoya. UKristu onobuntu obujwayelekile uyinyama okuyilapho uMoya ubonakala khona, unobuntu obujwayelekile, umqondo kanye nokucabanga komuntu okujwayelekile. “Ukubonakalisa” kusho ukuthi uNkulunkulu uba ngumuntu, uMoya uba yinyama; ukukubeka kucace, kuba yilapho uNkulunkulu uqobo Lwakhe ehlala enyameni enobuntu obujwayelekile, futhi ngayo, eveza umsebenzi Wakhe wobuNkulunkulu—yilokho okushiwo ukubonakala noma ukuthatha isimo somzimba womuntu. Ngesikhathi sokuthatha Kwakhe isimo somuntu kokuqala, kwakudingeka ukuba uNkulunkulu aphulukise abagulayo futhi axoshe amadimoni ngoba umsebenzi Wakhe kwakungukuhlenga. Ukuze ahlenge isintu sisonke, Yena kwakudingeka ukuba abe nomusa futhi athethelele. Umsebenzi awenza ngaphambi kokuba abethelwe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, okwakubikezela ukusindisa Kwakhe isintu esonweni nasemanyaleni. Ngenxa yokuthi kwakuyiNkathi yoMusa, kwakufanelekile ukuba Yena aphulukise abagulayo, ngaleyo ndlela abonise izibonakaliso nezimangaliso, ezazimele umusa kuleyo nkathi; ngoba iNkathi yoMusa yayigxile ekupheni umusa, okufanekiswa ngokuthula, injabulo, nezibusiso eziphathekayo, konke okuyizimpawu zokholo lwabantu kuJesu. Okuwukuthi, ukuphulukisa abagulayo, ukuxosha amadimoni nokupha umusa, kwakungamakhono emvelo, enyama kaJesu eNkathini yoMusa, ayengumsebenzi kaMoya owawubonakala enyameni. Kodwa lapho enza le misebenzi, wayephila enyameni, akazange adlulele ngaleya kwenyama. Akukhathaleki ukuthi iziphi izenzo zokuphulukisa ayezenza, wayelokhu enobuntu obujwayelekile, wayelokhu ephila ukuphila okujwayelekile. Isizathu sokuba ngithi ngenkathi yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu, inyama yenza yonke imisebenzi kaMoya, ukuthi akukhathaleki ukuthi yimuphi umsebenzi ayewenza, wawenza esesimweni somuntu. Kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe, abantu abazange bathathe inyama Yakhe ngokuthi inengqikithi esemzimbeni ngokuphelele, ngoba le nyama yayenza izimangaliso futhi ngezinye izikhathi ezithile wayenza izinto ezazedlula inyama. Empeleni, zonke lezi zehlo zenzeka ngemva kokuba eseqale inkonzo Yakhe, njengokuvivinywa Kwakhe izinsuku ezingamashumi amane noma ukuguqulwa kwesimo Sakhe entabeni. Ngakho ngoJesu, injongo yokuthi uNkulunkulu athathe umzimba wenyama yayingakafezeki ngokugcwele, kodwa kwafezeka ingxenye yayo. Impilo ayiphila enyameni ngaphambi kokuba aqale umsebenzi Wakhe yayikade ijwayelekile kakhulu, ngazo zonke izindlela. Ngemva kokuba eseqale umsebenzi wagcina ingaphandle lenyama Yakhe kuphela. Ngenxa yokuthi umsebenzi Wakhe wawubonakalisa ubuNkulunkulu, wakwedlula ukusebenza okujwayelekile kwenyama. Vele, inyama kaNkulunkulu osesimweni somuntu yayehlukile kubantu begazi nenyama. Empeleni, empilweni Yakhe yansuku zonke, wayekudinga njalo ukudla, okokugqoka, ukulala kanye nendawo yokuhlala njengawo wonke umuntu, wayedinga zonke izidingo zokuphila, ecabanga njengomuntu ojwayelekile. Abantu babesambheka njengomuntu ojwayelekile ngaphandle kokuthi umsebenzi ayewenza wawungaphezu kakhulu kowomuntu. Empeleni, akukhathaleki ukuthi wayenzani, wayephila ebuntwini obuvamile nobujwayelekile futhi maqondana nokwenza Kwakhe umsebenzi, ukucabanga Kwakhe kwakujwayelekile kakhulu, imicabango Yakhe yayicacile kakhulu, ngaphezu kweyabanye abantu abajwayelekile. Kwakubalulekile kuNkulunkulu osesimweni somuntu ukuba acabange ngale ndlela enengqondo ngoba umsebenzi waphezulu wawudinga ukuvezwa yinyama ukucabanga kwayo okwakuzofana kakhulu nokomuntu ojwayelekile futhi imicabango yayo eyayizoba ecace kakhulu—yingaleyo ndlela kuphela inyama Yakhe eyayizobonisa ngayo umsebenzi wobuNkulunkulu. Kuyo yonke iminyaka engamashumi amathathu nantathu kanye nengxenye uJesu ayiphila emhlabeni, wabugcina ubuntu Bakhe obujwayelekile kodwa ngenxa yomsebenzi Wakhe ngesikhathi seminyaka emithathu nengxenye asichitha enkonzweni Yakhe, abantu babecabanga ukuthi wayedlulele ngale kobuntu obujwayelekile, okuwukuthi wayenamandla angaphezu kwawemvelo amaningi nakakhulu kunangaphambili. Eqinisweni, ubuntu obujwayelekile bukaJesu abuzange buguquke ngaphambi nangemva kokuba eqale inkonzo Yakhe; ubuntu Bakhe babufana ngaso sonke isikhathi, kodwa ngenxa yomehluko wangesikhathi sangaphambi nesingemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, mibili imibono eyavela mayelana nenyama Yakhe. Ngisho noma abantu babecabangani, uNkulunkulu osesimweni somuntu wagcina ubuyena, ubuntu Bakhe obujwayelekile basekuqaleni ngaso sonke isikhathi ngoba selokhu uNkulunkulu aba sesimweni somuntu, wayephila enyameni, inyama eyayinobuntu obujwayelekile. Kungakhathaleki ukuthi wayenza inkonzo Yakhe noma cha, ubuntu obujwayelekile benyama Yakhe babungeke bususwe ngoba ubuntu buyingqikithi eyisisekelo senyama. Ngaphambi kokuba uJesu enze inkonzo Yakhe, inyama Yakhe yayilokhu ijwayelekile, etholakala kuzo zonke izinto ezenziwa ngabantu; akazange abonakale nakancane emandleni angajwayelekile, futhi akazange enze izimangaliso. Ngaleso sikhathi, wayengumuntu nje ojwayelekile owayekhonza uNkulunkulu, nakuba lokho ayekuphokophele kwakunokuthembeka nobuqotho okudlula wonke umuntu. Lena yindlela ubuntu Bakhe obujwayeleke kakhulu obazibonakalisa ngayo. Ngenxa yokuthi awukho umsebenzi awenza ngaphambi kokuba aqale inkonzo Yakhe, akekho owayemazi ukuthi ungubani, akekho owayengasho ukuthi inyama Yakhe ihlukile kuneyabanye ngoba akenzanga nesisodwa isimangaliso lesi, akenzanga nowodwa umsebenzi kaNkulunkulu. Kodwa, ngemva kokuqala Kwakhe inkonzo Yakhe, wagcina ingaphandle lobuntu Bakhe obujwayelekile futhi wayesaphila ngokucabanga komuntu okujwayelekile kodwa ngenxa yokuthi wayeseqalile ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu uqobo, wayeseqale inkonzo kaKristu futhi wenza umsebenzi owawungeke wenziwe abantu abafayo, abantu begazi nenyama, abantu babecabanga ukuthi akanabo ubuntu obujwayelekile futhi wayengeyona inyama ejwayelekile kodwa inyama engaphelele. Ngenxa yomsebenzi awenza, abantu babethi wayenguNkulunkulu osesimweni somuntu kodwa ongenabo ubuntu obujwayelekile. Lokhu ukuqonda okuyiphutha, ngoba abantu abazange baqonde ukubaluleka kokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu. Lokhu kungaqondi kahle kwasuka ekutheni, umsebenzi owaboniswa uNkulunkulu esenyameni wawungowobunkulunkulu, uboniswa enyameni enobuntu obujwayelekile. UNkulunkulu wayembethe inyama, wahlala ngaphakathi kwayo, futhi umsebenzi Wakhe ebuntwini Bakhe wasitha ukujwayeleka kobuntu Bakhe. Ngalesi sizathu abantu bakholwa wukuthi uNkulunkulu wayengenabo ubuntu.

UNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu akazange awuqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu; waqeda isigaba sokuqala kuphela leso okwakubalulekile ukuba uNkulunkulu asenze esesimweni somuntu. Ngakho, ukuze aqede umsebenzi wokuba sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubuyele enyameni futhi, ukuphila konke ukujwayeleka nobunjalo benyama, okungukuthi, enza ukuba iZwi likaNkulunkulu lizibonakalise enyameni ejwayelekile futhi evamile ngokuphelele, ngalokho ephetha umsebenzi ayewushiye engawuqedanga esesesimweni somuntu. Inyama yesibili ethathe isimo somuntu ngokwengqikithi isafana neyokuqala, kodwa ingokoqobo ngisho nakakhulu, ijwayeleke nakakhulu kuneyokuqala. Ngenxa yalokho, ubuhlungu uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu abubekezelelayo bukhulu kakhulu kunobokuqala, kodwa lokhu kuhlupheka kungenxa yenkonzo Yakhe esesimweni somuntu okuhlukile kunokuhlupheka komuntu owonakele. Futhi kuvela ekujwayelekeni neqiniso lenyama Yakhe. Ngenxa yokuthi wenza inkonzo Yakhe emzimbeni ongokoqobo nojwayelekile, inyama kumele ibhekane nokuhlushwa okukhulu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu lapho enza inkonzo Yakhe. Umsebenzi kaNkulunkulu uvezwa enyameni ejwayeleke kakhulu, engesona nhlobo isimangaliso. Ngenxa yokuthi inyama Yakhe ijwayelekile futhi kumele ithwale umsebenzi wokusindisa abantu, uhlupheka nakakhulu kunenyama enamandla angajwayelekile—konke lokho kuhlupheka kusukela eqinisweni nokujwayeleka kwenyama Yakhe. Kusukela kulokho kuhlupheka le mizimba emibili esesimweni somuntu eyabhekana nakho lapho yenza izinkonzo Zayo, lokhu kwenza kubonakale ukubaluleka kwenyama ethathe isimo somuntu. Ukuvama Kwakhe nokuba ngokoqobo kwenyama Yakhe, kusho ukuhlupheka okukhulu nakakhulu okumele akubekezelele njengoba enza umsebenzi, abantu baba nombono omubi nakakhulu kwande nezingozi ezingamehlela. Nokho, lapho inyama iba ngokoqobo nakakhulu, yilapho iba nezidingo kanye nobuntu obujwayelekile nakakhulu, kuba yilapho ikwazi khona ukwenza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kwakuyinyama kaJesu eyabethelwa esiphambanweni, inyama Yakhe le anikela ngayo njengomhlatshelo wesono; kwakungenyama enobuntu obujwayelekile anqoba ngayo uSathane futhi wasindisa umuntu esiphambanweni ngokuphelele. Futhi kulapho eyinyama ephelele lapho uNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu enza umsebenzi wokunqoba futhi ehlule uSathane. Yinyama ejwayelekile futhi engokoqobo ngokuphelele kuphela engenza umsebenzi wokunqoba sewuwonke futhi inikeze ubufakazi obunamandla. Okuwukuthi, umsebenzi[a] wokunqoba umuntu wenziwa ukuba uphumelele ngeqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu osesimweni somuntu, hhayi ngezimangaliso nezambulo ezingaphezu kwamandla emvelo. Inkonzo yalo Nkulunkulu osesimweni somuntu ukukhuluma, futhi ngaleyo ndlela anqobe futhi aphelelise umuntu; ngamanye amazwi, umsebenzi kaMoya owenzeka enyameni, umsebenzi wenyama, ukukhuluma bese ngalokho unqobe, wembule, uphelelise futhi ususe umuntu ngokuphelele. Ngakho, kungomsebenzi wokunqoba lapho umsebenzi kaNkulunkulu enyameni uyofezeka ngokugcwele. Umsebenzi wokuqala wokuhlenga wawungukuqala komsebenzi wokuba sesimweni somuntu; inyama eyenza umsebenzi wokunqoba izoqeda wonke umsebenzi wokuthatha isimo somzimba wenyama. Uma siwuhlukanisa ngokobulili, omunye ungowesilisa kanti omunye ungowesifazane; kulokhu, incazelo yokuthatha isimo somuntu kukaNkulunkulu seyiphelele. Le ncazelo iqeda imibono eyiphutha yabantu ngoNkulunkulu: UNkulunkulu angaba yikho kokubili owesilisa nowesifazane, futhi uNkulunkulu osesimweni somuntu eqinisweni akanabo ubulili. Wenza kokubili owesilisa nowesifazane futhi akehlukanisi ngokobulili. Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu akazenzi izibonakaliso nezimangaliso, ukuze umsebenzi uphumelele ngamazwi. Isizathu salokhu, ngaphezu kwalokho, ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu kulokhu akuwona owokuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ungowokunqoba umuntu ngokukhuluma, okusho ukuthi ikhono eyazalwa nalo le nyama kaNkulunkulu ethathe isimo somuntu, ukukhuluma amazwi nokunqoba umuntu, hhayi ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni. Umsebenzi Wakhe ebuntwini obujwayelekile akukhona ukuba enze izimangaliso, akukhona ukwelapha abagulayo nokuxosha amadimoni, kodwa ukukhuluma, ngakho inyama kaNkulunkulu yesibili ibonakala ijwayeleke kakhulu kubantu kuneyokuqala. Abantu bayabona ukuthi ukuba kukaNkulunkulu esimweni somuntu akuwona amanga; kodwa loNkulunkulu osesimweni somuntu uhlukile kunoJesu osesimweni somuntu nakuba bobabili bengoNkulunkulu abasesimweni somuntu, kodwa abafani ncamashi. UJesu wayenobuntu obujwayelekile, ubuntu obuvamile, kodwa wayelandelwa izibonakaliso nezimangaliso eziningi. Kulo Nkulunkulu osesimweni somuntu, amehlo abantu angeke abone izimangaliso noma izibonakaliso, noma ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni, noma ukuhamba phezu kolwandle, noma ukuzila ukudla izinsuku ezingamashumi amane…. Akenzi umsebenzi ofana nalowo owenziwa uJesu, kungekhona ukuthi inyama Yakhe ihlukile kwekaJesu empeleni, kodwa ngenxa yokuthi akuyona inkonzo Yakhe ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni. Akawudicileli phansi umsebenzi Wakhe noma aphazamise umsebenzi Wakhe. Njengoba enqoba umuntu ngamazwi Akhe angempela, asikho isidingo sokuba amthobise ngezimangaliso ngakho lesi sigaba singesokuqedela umsebenzi wokuba sebuntwini kukaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ombona namuhla uyinyama ephelele futhi akukho simangaliso esingaqondakali Ngaye. Uyagula njengabanye abantu, udinga ukudla nokokugqoka njengabanye, eyinyama ngokuphelele. Uma ngalesi sikhathi, uNkulunkulu osesimweni somuntu wayenza izimangaliso nezimangaliso ezingajwayelekile, uma wayephulukisa abagulayo, exosha amadimoni noma abulale nje ngezwi elilodwa, umsebenzi wokunqoba bewungenziwa kanjani? Umsebenzi ungasakazeka kanjani ezizweni zabeZizwe? Ukuphulukisa abagulayo nokuxosha amadimoni kwakuwumsebenzi weNkathi Yomusa, isinyathelo sokuqala emsebenzini wokuhlenga futhi manje njengoba uNkulunkulu esemsindisile umuntu esiphambanweni, akasawenzi lowo msebenzi. Uma ezinsukwini zokugcina “UNkulunkulu” ofana nokubonakala kukaJesu, lowo owaphulukisa abagulayo, waxosha amadimoni futhi owabethelwa ngenxa yomuntu, “lowo Nkulunkulu,” nakuba efana nalowo ochazwa eBhayibhelini futhi kulula kumuntu ukuba amamukele, ubengeke, empeleni abe inyama egqokwe nguMoya kaNkulunkulu, kodwa egqokwe ngumoya omubi. Ngoba kuyisimiso somsebenzi kaNkulunkulu ukungalokothi aphinde lokho asekufezile. Ngakho, umsebenzi kaNkulunkulu wesibili osesimweni somuntu uhlukile kulowo wokuqala. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu wenza umsebenzi wokunqoba enyameni evamile, ejwayelekile; aphulukise abagulayo, angeke abethelwe ngenxa yabantu kodwa uyakhuluma nje kuphela amazwi esesimweni somuntu, anqobe abantu esesimweni somuntu. Inyama enjalo kuphela ebonakalisa ukuba uNkulunkulu othathe isimo somuntu; inyama enjalo kuphela engafeza umsebenzi kaNkulunkulu enyameni.

Ngisho noma kulesi sigaba uNkulunkulu osesimweni somuntu ubekezelela ubunzima noma wenza inkonzo Yakhe, wenza kanjalo ukuze aphelelise incazelo yokuba sesimweni somuntu, ngoba lokhu kungokokugcina esesimweni somuntu. UNkulunkulu angaba sesimweni somuntu kabili kuphela. Angeke kwenzeke okwesithathu. Okokuqala ukuthathwa komzimba wobuntu kwakungowesilisa, okwesibili kwakungowesifazane ngakho umfanekiso wenyama kaNkulunkulu uphelele emqondweni womuntu; ngaphezu kwalokho, kokubili ukuthathwa komzimba wobuntu sekuwuqedile kakade umsebenzi kaNkulunkulu enyameni. Kokokuqala uNkulunkulu osesimweni somuntu waba nobuntu obujwayelekile, ukuze aphelelise incazelo yokuba Kwakhe semzimbeni womuntu. Ngalesi sikhathi futhi unobuntu obujwayelekile, kodwa incazelo yokuba Kwakhe enyameni ihlukile: Ijulile, futhi umsebenzi Wakhe ubaluleke nakakhulu. Isizathu sokuba uNkulunkulu aphinde abe yinyama ukuba kupheleliswe incazelo yokuba Kwakhe sesimweni somuntu. Lapho uNkulunkulu esesiphethe ngokuphelele lesi sigaba somsebenzi Wakhe, okuwukuthi, uNkulunkulu esebenza enyameni, uzobe uphelile futhi uzobe ungasekho umsebenzi okumele wenziwe enyameni. Okuwukuthi, kusukela manje kuqhubeka uNkulunkulu ngeke aphinde afike abe yinyama ukuze enze umsebenzi Wakhe. Umsebenzi uNkulunkulu wenza ngokuba abe sesimweni somuntu wawungukusindisa nokuphelelisa isintu kuphela. Ngamanye amazwi, akuvamile neze ukuba uNkulunkulu afike abe sesimweni somuntu ngaphandle kokuba ezele umsebenzi. Ngokufika abe sesimweni somuntu ukuze asebenze, ubonisa uSathane ukuthi uNkulunkulu usesimweni somuntu, ungumuntu ojwayelekile, umuntu ovamile—kepha futhi angabusa enqobile phezu komhlaba, angamqeda nya uSathane, ahlenge isintu futhi anqobe isintu! Inhloso yomsebenzi kaSathane ukonakalisa isintu, ibe inhloso kaNkulunkulu kuwukusindisa isintu. USathane ucupha abantu emgodini wakwalasha ongagcwali, ebe uNkulunkulu ebahlenga kuwo. USathane wenza bonke abantu ukuba bamukhonze, ebe uNkulunkulu ebenza babe ngaphansi kombuso Wakhe ngoba uyiNkosi yendalo. Wonke lo msebenzi ufezwa ngokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu kabili. Inyama Yakhe eqinisweni ingubunye bobuntu nobuNkulunkulu futhi inobuntu obujwayelekile. Ngakho, ngaphandle kokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu, uNkulunkulu ubengeke aphumelele ekusindiseni isintu, futhi ngaphandle kobuntu obujwayelekile benyama Yakhe, umsebenzi Wakhe enyameni ngabe awuzange uphumelele. Ingqikithi yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu wukuthi kumele abe nobuntu obujwayelekile; ngoba ukube kwenzeka ngenye indlela bekuyophikisana nenhloso kaNkulunkulu yasekuqaleni yokuba abe sesimweni somuntu.

Kungani ngithi incazelo yokuba uNkulunkulu abe sesimweni somuntu ayipheleliswanga emsebenzini kaJesu? Yingenxa yokuthi uLizwi akabanga yinyama ngokuphelele. Lokho uJesu akwenza kuphela kwakuyingxenye yomsebenzi kaNkulunkulu esesimweni somuntu; Wenza kuphela umsebenzi wokuhlenga futhi akazange awuqede umsebenzi wokuzuza umuntu ngokuphelele. Ngalesi sizathu, uNkulunkulu ube yinyama futhi ngezinsuku zokugcina. Lesi sigaba somsebenzi naso senziwa enyameni ejwayelekile, senziwe umuntu ojwayelekile kakhulu, obuntu bakhe obungababazeki nakancane. Ngamanye amazwi, uNkulunkulu ube umuntu ophelele, futhi ungumuntu obuntu bakhe bungobukaNkulunkulu, umuntu ophelele, inyama ephelele, owenza umsebenzi. Emehlweni omuntu, uyinyama nje engababazeki nhlobo, umuntu ojwayeleke kakhulu okhuluma ulimi lwasezulwini, ongabonisi zibonakaliso, ongenzi zimangaliso, kungasaphathwa ukuthi adalule iqiniso langempela ngenkolo emahholo amakhulu emihlangano. Umsebenzi kaNkulunkulu osesimweni somuntu wesibili, ubonakala kubantu ungafani kakhulu nokaNkulunkulu wokuqala owayesesimweni somuntu kangangokuthi kusengathi akukho nokuncane kuyo okufanayo futhi akukho okwenziwa emsebenzini wokuqala okungabonakala kulesi sikhathi. Nakuba umsebenzi wenyama ethathe isimo somuntu yesibili uhlukile kunalowo weyokuqala, lokho akufakazi ukuthi umthombo wabo awuwodwa. Ukuthi umthombo Wabo uyafana yini, kuncike ekutheni uhlobo olunjani lomsebenzi owenziwe ngabantu abangokwenyama hhayi owenziwe yingaphandle Labo. Ngesikhathi sezigaba ezintathu zomsebenzi Wakhe, uNkulunkulu usebe sesimweni somuntu kabili, futhi kuzo zombili izikhathi umsebenzi kaNkulunkulu othathe isimo somuntu uqala inkathi entsha, wethula umsebenzi omusha; ukuthatha umzimba womuntu kokubili kuyahambisana. Kuyinto engenakwenzeka ukuba amehlo omuntu abone ukuthi yomibili le mizimba empeleni ivela emthonjeni owodwa. Akubuzwa, kungaphezu kokubona komuntu noma ukucabanga komuntu. Kodwa engqikithini Yayo iyafana ngoba imisebenzi Yayo ivela kuMoya ofanayo. Ukuthi yomibili le mizimba ethathe isimo somuntu ivela emthonjeni ofanayo angeke kwahlulelwe ngesikhathi noma indawo ezalelwe kuyo, noma ezinye izinto ezifana nalezo, kodwa ngomsebenzi waphezulu obonakaliswe Yiyo. Umzimba othathe isimo somuntu wesibili awenzi nowodwa umsebenzi owenziwa nguJesu, ngoba umsebenzi kaNkulunkulu awuhambisani nalokho okubonakala eningini njengokulungile, kodwa isikhathi ngasinye uvula indlela entsha. Umzimba wesibili awuhlosile ukujulisa noma ukuqinisa umthelela womzimba wokuqala ezingqondweni zabantu, kodwa ukuhambisana nawo nokuwuphelelisa ukuze ulwazi ngoNkulunkulu lujule kubantu, nokuba ugqashule yonke imithetho esezinhliziyweni zabantu nokususa zonke izithombe eziyinkohliso ngoNkulunkulu ezinhliziyweni zabo. Kungashiwo ukuthi asikho nesisodwa isigaba somsebenzi kaNkulunkulu uqobo esinganikeza umuntu ulwazi oluphelele Ngaye; isigaba ngasinye sinikeza ingxenye, hhayi lonke ulwazi Ngaye. Nakuba uNkulunkulu ezivezile isimo Sakhe ngokuphelele, ngenxa yokuthi ukuqonda komuntu kunomkhawulo, ulwazi lwakhe ngoNkulunkulu lulokhu lungaphelele. Kuyinto engenakwenzeka, ngokusebenzisa ulimi lwabantu, ukuveza isimo sikaNkulunkulu sisonke; kungasaphathwa ukuthi kuncane kangakanani isigaba ngasinye somsebenzi Wakhe esingakuveza ngoNkulunkulu ephelele? Usebenza esenyameni embozwe ubuntu Bakhe obujwayelekile, futhi umuntu angamazi kuphela ngezenzo zobunkulunkulu Bakhe kuphela, hhayi ngomzimba Wakhe obonakalayo. UNkulunkulu uba sesimweni somuntu ukuze avumele ukuba umuntu amazi ngemisebenzi Yakhe ehlukahlukene, futhi asikho isigaba somsebenzi Wakhe esifana nesinye. Yingale ndlela kuphela umuntu angaba khona nolwazi oluphelele ngomsebenzi kaNkulunkulu esenyameni, hhayi ngokubopheleka engxenyeni eyodwa. Nakuba umsebenzi wemizimba emibili esesimweni somuntu ungafani, ingqikithi yale mizimba, nomthombo womsebenzi Wayo, kuyefana; ukuthi nje ikhona ukuze yenze izigaba ezimbili zomsebenzi ezehlukene futhi ibe sezinkathini ezimbili ezingafani. Akukhathaleki ukuthi kwenzekani, imizimba kaNkulunkulu esesimweni somuntu inengqikithi efanayo nomthombo ofanayo—leli yiqiniso elingenakuphikwa.

Imibhalo yaphansi:

a. Umbhalo wokuqala awuwuqukethe umshwana othi “umsebenzi we…”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

God's Will Is Carried Out on Earth "Umbuso KaKristu Usufeziwe Phakathi Kwabantu" Christian Dance

God's Will Is Carried Out on Earth "Umbuso KaKristu Usufeziwe Phakathi Kwabantu" Christian Dance
I
UNkulunkulu uSomandla osesimweni somuntu
uvela ezinsukwini zokugcina eMpumalanga,
njengelanga nje elinokulunga liphuma;
isintu sesikubonile ukukhanya kweqiniso kuvela.
UNkulunkulu onokulunga futhi onobukhosi, onothando nomusa
ngokuzithoba uzifihle phakathi kwabantu,
ekhipha iqiniso, ekhuluma futhi esebenza.
UNkulunkulu uSomandla ubhekene nathi ubuso nobuso.
UNkulunkulu enimomele, uNkulunkulu engimlindele,
namuhla uvela kithi ngokoqobo.
Silifunile iqiniso, silangazelele ukulunga;
iqiniso nokulunga sekufikile phakathi kwabantu.
Uyamthanda uNkulunkulu, ngiyamthanda uNkulunkulu;
isintu sigcwele kakhulu ithemba elivuselelwe.
Abantu bayamlalela, izizwe ziyamkhonza
uNkulunkulu wokoqobo osesimweni somuntu.
II
UNkulunkulu uSomandla ukhipha iqiniso futhi uletha ukwahlulela,
embula isimo sikaNkulunkulu sokulunga.
Ngokwahlulela, ukusola nokuvivinya ngamazwi,
unqoba futhi aphelelise iqembu labanqobi.
Amazwi kaNkulunkulu, anolaka futhi anobukhosi,
ahlulela futhi ahlanze ukungalungi kwesintu,
ebhidliza ngokuphelele inkathi yobumnyama.
Iqiniso nokulunga kuyabusa emhlabeni.
Umhlaba wonke uyahalalisa, bonke abantu bayathokoza;
itabernakele likaNkulunkulu liyafika phakathi kwabantu.
Umhlaba uyanyakaza nezizwe ziyakhonza,
intando kaNkulunkulu izokwenziwa emhlabeni.
Umhlaba wonke uyahalalisa, bonke abantu bayathokoza;
itabernakele likaNkulunkulu liyafika phakathi kwabantu.
Umhlaba uyanyakaza nezizwe ziyakhonza,
intando kaNkulunkulu izokwenziwa emhlabeni.
Umbuso kaKristu usufeziwe phakathi kwabantu

Khetha kulokhu: Landela iWundlu Nihlabelele Izihlabelelo Ezintsha

South African Gospel Song "Uyawazi Umsebenzi KaNkulunkulu"

South African Gospel Song "Uyawazi Umsebenzi KaNkulunkulu"
I
Umsebenzi kaNkulunkulu esenyameni awumangalisi, futhi awumboziwe yimfihlakalo.
Ungokoqobo futhi uyiqiniso, njengokuthi okukodwa nokukodwa kuba okubili;
awucashile futhi akunabuqili.
Konke abantu abakubonayo kuyiqiniso,
linjalo neqiniso nolwazi abalutholayo.
Lapho umsebenzi ufika ekugcineni kwawo, ulwazi lwabo Ngaye luyovuselelwa.
Futhi imicabango yalabo abamfuna ngeqiniso iyobe isiphele yonke.
Lokhu akuwona nje umthelela womsebenzi Wakhe kubantu baseShayina,
kodwa ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu,
ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu.
II
Ngoba le nyama, umsebenzi Wakhe, nakho konke Okwakhe
kuzuzisa umsebenzi Wakhe wokunqoba ukwedlula konke okunye.
Kuzuzisa umsebenzi Wakhe namuhla nakusasa.
Le nyama iyonqoba wonke umuntu futhi iyophinda izuze wonke umuntu.
Awukho umsebenzi ongcono kunalo wokuba umuntu abone, alalele futhi aqonde uNkulunkulu.
Futhi imicabango yalabo abamfuna ngeqiniso iyobe isiphele yonke.
Lokhu akuwona nje umthelela womsebenzi Wakhe kubantu baseShayina,
kodwa ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu,
ukhombisa umsebenzi Wakhe wokunqoba wonke umuntu.
umthombo Izwi Livela Lisenyameni

Okwengeziwe: Izingoma zevangeli

7

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

Umuntu Angasindiswa Kuphela Ekuphatheni KukaNkulunkulu

Wonke umuntu ubona sengathi ukuphatha kukaNkulunkulu kuyinto engajwayelekile ngoba abantu bacabanga ukuthi ukuphatha kukaNkulunkulu akuhlangene nomuntu. Bacabanga ukuthi lokhu kuphatha kungumsebenzi kaNkulunkulu yedwa, indaba kaNkulunkulu uqobo, ngakho isintu asikhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ngale ndlela, insindiso yesintu seyiphenduke yangabonakala yaphinde yangaqondakala, futhi manje seyiwubuciko bokukhuluma obuyize kuphela. Nakuba umuntu elandela uNkulunkulu ukuze asindiswe futhi angene esiphethweni esihle, umuntu akakhathazekile ukuthi uNkulunkulu uwenza kanjani umsebenzi Wakhe. Umuntu akakhathazekile ngalokho uNkulunkulu ahlele ukukwenza kanye nendima okufanele ayidlale ukuze asindiswe. Kwaze kwawusizi lokho! Ukusindiswa komuntu akunakuhlukaniswa nokuphatha kukaNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kwehlukaniswe nohlelo lukaNkulunkulu. Kepha umuntu akacabangi lutho mayelana nokuphatha kukaNkulunkulu, futhi uyenyukela kakhulu ukuqhelelana noNkulunkulu. Ngenxa yalokho isibalo esikhulayo sabantu baphenduka abalandeli baNkulunkulu abangazi ngezinto eziqondene kakhulu nokusindiswa komuntu njengokuthi indalo iyini, kuyini ukukholwa kuNkulunkulu, uNkulunkulu ykhonzwa kanjani, njalo njalo. Okwamanje, kufanele sixoxe ngokuphatha kukaNkulunkulu, ukuze umlandeli ngamunye azi ngokucacile ukubaluleka kokulandela uNkulunkulu nokukholwa Nguye. Bazokwazi futhi ukukhetha indlela okufanele bahambe ngayo ngokuqondile, esikhundleni sokulandela uNkulunkulu kuphela ukuze bazuze izibusiso, bagweme isidumo noma baphumelele.

Nakuba ukuphatha kukaNkulunkulu kungabonakala kujulile kumuntu, akunzima kumuntu ukukuqonda, ngoba wonke umsebenzi kaNkulunkulu uxhumene nokuphatha Kwakhe, uphathelene nomsebenzi wokusindisa umuntu, futhi umayelana nempilo, nokuphila kanye nesiphetho sesintu. Umsebenzi uNkulunkulu awenzayo phakathi kwesintu nakuso isintu, kungathiwa, obonakalayo futhi onenjongo kakhulu. Ungabonwa umuntu, ungezwiwa umuntu, futhi ukude ekubeni yinto ecatshangwayo nje. Uma umuntu engakwazi ukwemukela wonke umsebenzi uNkulunkulu awenzayo, kuyini ukubaluleka kwalo msebenzi? Futhi ukuphatha okunjalo kungaholela kanjani ensindisweni yomuntu? Abaningi abalabo abalandela uNkulunkulu bazihlupha ngokuthi bangazithola kanjani izibusiso noma bagweme isinhlekelele. Uma kuphathwa umsebenzi nokuphatha kukaNkulunkulu, bayathula nya bangabe besaba nendaba kwakona. Bakholelwa ukuthi ukwazi imibuzo eyisinengiso njengaleyo ngeke kuzithuthukise izimpilo zabo noma kube usizo oluthile, ngakho nakuba bezizwile izintshumayelo ngokuphatha kukaNkulunkulu, baziphatha ngokunganaki. Futhi abaziboni njengezinto eziyigugu ezidinga ukwamukelwa, kungasaphathwa ukuthi bazemukele njengengxenye yezimpilweni zabo. Abantu abanjalo banenhloso elula nje ekulandeleni uNkulunkulu: ukuzuza isibusiso, futhi bavilapha kakhulu ukunaka noma yini engaphathelene nale nhloso. Kubo, ukukholwa kuNkulunkulu ukuze uthole izibusiso, iwona mgomo ofanele ngokomthetho kunayo yonke kanye nokubaluleka kwangempela kokholo lwabo. Abathintwa yinoma yini engeke ifeze leyo njongo. Isimo sinjalo eningini lalabo abakholwa kuNkulunkulu namhlanje. Inhloso nentshisekelo yabo ibukeka ifanelekile, ngoba ngaleso sikhathi bekholwa uNkulunkulu, bayazikhandla ngoNkulunkulu, bayazinikela uqobo lwabo kuNkulunkulu, futhi bayawenza umsebenzi wabo. Banikela ngobusha babo, bashiye imindeni nemisebenzi, futhi baze bachithe iminyaka bematasatasa kude namakhaya. Ngenxa yomgomo wabo ekugcineni, bashintsha ngisho izinto abazithandayo, bashintshe indlela ababuka ngayo impilo, baze bashintshe ngisho amabombo lapho befuna ukuya khona, kepha abakwazi ukushintsha inhloso yabo yokukholwa kuNkulunkulu. Baya le nale belungisela ukuphathwa kwemiqondo yabo abayiphokophele; akunandaba ukuthi yinde kangakanani indlela, noma ngabe bungakanani ubunzima neziphazamiso endleleni, bayaphokophela bayaqhubeka babe nesibindi bengasabi ukufa. Ngamaphi la mandla abenza baqhubeke nokuzinikela ngale ndlela? Unembeza wabo? Isimilo sabo esihle nesiqotho kakhulu? Ukuzimisela kwabo ukulwa namandla obumnyama kuze kube sekugcineni ngci? Ukukholwa kwabo okubenza bafakazele uNkulunkulu ngaphandle kokufuna umklomelo? Ukuthembeka kwabo okwenza bazimisele ukunikela ngakho konke ukwenza intando kaNkulunkulu? Noma umoya wabo wokuzinikela obenza badele izidingo ezimoshayo zesiqu sabo? Ukuthi abantu abangakaze bazi ngomsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha banikele ngokungaka, impela nje kuyisimanga esikhulu! Okomzuzwana nje, ake singakhulumi ngokuthi la bantu banikele kangakanani. Ukuziphatha kwabo, kepha, kufanelekela kakhulu ukucubungula kwethu. Ngaphandle kwezinzuzo ezihlobene nabo kakhulu, kungaba khona esinye isizathu laba bantu abangakaze baqonde uNkulunkulu ukuthi banikele kangaka Kuye? Kulokhu, sithola inkinga ebingabonakalanga ekuqaleni: ubudlelwano bomuntu noNkulunkulu kumane kumayelana nokuzihlenga yena siqu kuphela nje. Kubudlelwano phakathi kowemukela izibusiso nophisana ngezibusiso. Ukukubeka ngokusobala, kunjengobudlelwano phakathi kumqashi nomsebenzi. Umsebenzi usebenzela ukuthola imivuzo ayinikwa ngumqashi. Ebudlelwaneni obunjalo, alukho uthando, kukhona isivumelwano kuphela; akukho ukuthanda nokuthandwa, ukuphana nomusa kuphela; akukho ukuqonda, kuphela ukuduba nenkohliso; akukho ukuzwana, kuphela igebe elingenakuvalwa. Uma izinto sezifika lapha, ubani ongasihlehlisa lesi simo esiqhubekayo? Futhi bangaki abantu abakwazi ukuqonda ngempela ukuthi lobu budlelwano busesimweni esibucayi futhi esiqeda ithemba? Ngikholwa ukuthi abantu uma bezicwilisa enjabulweni yokubusiseka, abekho abakwazi ukucabanga ukuthi ubudlelwano obunjalo noNkulunkulu budala amahloni futhi abubukeki kangakanani.

Into edabukisa kakhulu ngenkolelo yesintu kuNkulunkulu ukuthi umuntu uyaziphatha ngokwakhe phakathi komsebenzi kaNkulunkulu futhi akakhathali ngokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuhluleka okukhulu komuntu kulele ekutheni, ngesikhathi efuna ukuthobela uNkulunkulu amkhonze, umuntu uzakhela esakhe isiphetho asithandayo futhi uyabala ukuze abone ukuthi angasithola kanjani isibusiso esikhulu kakhulu kanye nesiphetho esihle kunazo zonke. Ngisho noma abantu bangaqonda ukuthi badabukisa, bazondeka, futhi babanga umunyu kangakanani, bangaki abashiya ngokushesha le miqondo namathemba abo? Futhi ubani okwazi ukuma nse ezindleleni zabo futhi ayeke ukuzicabangela yena kuphela? UNkulunkulu udinga labo abazobambisana naye kakhulu ukuze bafeze ukuphatha Kwakhe. Udinga labo abazonikela umqondo kanye nomzimba wabo emsebenzini wokuphathwa Nguye ukuze bazithobe Kuye; Akadingi abantu abakhipha izandla zabo baMuncenge zonke izinsuku; akusaphathwa ukuthi Akabadingi labo abapha kancane bese belinda ukubuyiselwa ngesenzo sabo esihle. UNkulunkulu uyabazonda labo abanikela ngokuncane bese bephumula bezithela ngabandayo. Uyabazonda labo bantu abanesihluku abawucasukelayo umsebenzi wakhe wokuphatha futhi abafuna ukukhuluma kuphela ngokuya ezulwini nokuzuza izibusiso. Unenzondo enkulu nakakhulu yalaba abasebenzisa ithuba elilethwa umsebenzi awenzayo ekusindiseni isintu. Ingoba laba bantu abakaze bazikhathaze ngolokho uNkulunkulu afisa ukukuthola futhi akufinyelele ngomsebenzi Wakhe wokuphatha. Bazihlupha ngokuthi bangasebenzisa kanjani ithuba elivezwa umsebenzi kaNkulunkulu ukuthola izibusiso. Abakhathazekile ngenhliziyo kaNkulunkulu, bazikhathaze ngokuphelele ngekusasa nesiphetho sabo. Labo abacasulwa umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu abangenandaba nakancane ukuthi uNkulunkulu usisindisa kanjani isintu kanye nentando Yakhe, bonke benza okuthandwa yibo, ngokungahambisani nomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu. Ukuziphatha kwabo akukhunjulwa nguNkulunkulu, futhi akunanelwa nguNkulunkulu, kungasaphathwa ukuthi kuthole umusa kuNkulunkulu.

Zingaki izidalwa eziphilayo futhi ezizalanayo ebukhulwini obubanzi bomhlaba nezulu, zilandela umthetho wokuphila ngokuphindaphinda, zibambelele emthethweni owodwa ongaguquki. Labo abafayo bahamba nezindaba zalabo abaphilayo, futhi labo abaphilayo bayaphinda umlando ofanayo onosizi walabo asebefile. Ngakho isintu asikwazi ukungazibuzi: Siphilelani? Futhi kungani kufanele sife? Ubani ophethe lo mhlaba? Futhi ubani owadala lesi sintu? Isintu sadalwa uMama Oyimvelo? Ingabe isintu sizilawulela sona ngempela ikusasa laso? … Isintu sesiyibuzile le mibuzo izinkulungwane zeminyaka, siphindelela. Ngeshwa, lapho isintu sishisekela kakhulu ngale mibuzo, yilapho kukhula kakhulu ukomela kwaso isayensi. Isayensi inika ukwaneliseka okufishane kanye nenjabulo yesikhashana, kodwa ayenele neze ukukhulula isintu esizungwini, umzwangedwa kanye nengebhe ecishe ingafihleki nokungabi namandla okusekujuleni komphefumulo waso. Isintu simane sisebenzise ulwazi lwesayensi olubonakala ngamehlo enyama nalokho ingqondo yaso engakuqonda ukuze kwenze inhliziyo yaso ibe ndikindiki ingabe isezwa, kepha lokhu akusivimbi isintu ukuthi sihlole izimfihlakalo. Isintu asazi ukuthi ngubani oyiNkosi yezinto zonke emhlabeni nasezulwini, kungasaphathwa ukungazi kwaso isiqalo nekusasa lesintu. Isintu simane siyaphila ngokuphoqeleleka phakathi kwalo mthetho Akekho ongaphunyuka kuwo futhi akekho ongawushintsha, ngoba phakathi kwezinto zonke futhi emazulwini kukhona oyedwa osuka phakade kuze kube phakade obusa phezu kwakhe konke. Yilowo ongakaze abonwe ngumuntu, Lowo isintu esingakaze simazi, isintu esingakaze sithembele ebukhoneni Bakhe, kepha Nguye owaphefumulela umphefumulo kokhokho besintu futhi wanika ukuphila esintwini. Nguye onikayo futhi owondlayo isintu ukuze sibe khona, futhi oqondisa isintu kuze kube namhlanje. Ngaphezu kwalokho, Nguye futhi Nguye yedwa isintu esibheke Kuye ukuze siphile. Uphethe ubukhosi phezu kwazo zonke izinto futhi ubusa zonke izinto ngaphansi komhlaba nezulu. Ulawula izinkathi zonyaka ezine futhi Nguye obiza umoya, ungqoqwane, iqhwa, kanye nemvula.Unika isintu ilanga futhi alethe ukuza kobusuku. Nguye owendlala amazulu nomhlaba, wahlinzeka umuntu ngezintaba, amachibi nemifula kanye nazo zonke izinto eziphilayo phakathi kwayo. Isenzo Sakhe sikhona yonke indawo, amandla Akhe akhona yonke indawo, ukuhlakanipha Kwakhe kukhona yonke indawo, negunya Lakhe likhona yonke indawo. Umthetho nomgomo ngamunye uqukethe isenzo Sakhe, futhi yonke iveza ukuhlakanipha kanye negunya Lakhe Ubani ongazikhipha ngaphandle ekubuseni Kwakhe? Ngubani ongazikhipha kumacebo Akhe? Zonke izinto zikhona ngaphansi kwamehlo Akhe, futhi zonke izinto ziphila ngaphansi kobukhosi Bakhe. Ukwenza Kwakhe namandla Akhe kushiya isintu singenakho okunye esingakhetha kukho ngaphandle kokuvuma ukuthi ukhona ngempela futhi uphethe phezu konke. Ayikho enye into ngaphandle Kwakhe engalawula umhlaba jikelele, kungasaphathwa ukuhlinzeka lesi sintu okungenakukhawuka. Akunandaba ukuthi uyakwazi ukubona isenzo sikaNkulunkulu, akusho lutho noma uyakholwa ebukhoneni bukaNkulunkulu, akungabazeki ukuthi isimiselo sakho singaphansi kokumisa kukaNkulunkulu, futhi akungabazeki ukuthi uNkulunkulu uyohlale ebusa phezu kwezinto zonke. Ubukhona negunya Lakhe akumisiwe phezu kokuthi kuyabonwa noma kuyaqondwa ngumuntu. Nguye kuphela owazi isikhathi esiphambilini, isikhathi samanje nekusasa lomuntu, futhi Nguye kuphela ongalawula isimiselo sesintu. Akunandaba noma uyakwazi ukwemukela leli qiniso, kungekudala umuntu uzozifakazela lezi zinto ngamehlo akhe, futhi yileli qiniso uNkulunkulu azoliveza licace. Isintu siyaphila futhi sife uNkulunkulu ebhekile. Isintu siphilela ukuphatha kukaNkulunkulu, futhi uma amehlo akhe evaleka okokugcina, lokho kungenxa yakho lokho kuphatha. Ngokuphindelela, umuntu uyafika futhi ahambe, kuye le nale. Ngaphandle kokukhetha, konke kuyingxenye yokubusa nokuhlela kukaNkulunkulu. Ukuphatha kukaNkulunkulu kuhlale kuya phambili futhi akukaze kukhawuke. Uzokwenza isintu sazi ngokuba khona Kwakhe, sithembe ubukhosi Bakhe, sibone isenzo Sakhe, futhi sibuyele embusweni Wakhe. Uhlelo Lwakhe lolu, kanye nomsebenzi Akade Ewenza izinkulungwane zeminyaka.

Umsebenzi wokuphatha kaNkulunkulu waqala ekudalweni komhlaba, futhi umuntu uyingqikithi yalo msebenzi. Ukudala kukaNkulunkulu zonke izinto, kungashiwo ukuthi kungenxa yomuntu. Ngoba umsebenzi wokuphatha Kwakhe uqhubeke izinkulungwane zeminyaka, futhi awenziwa ngesikhathi esingangemizuzu noma imizuzwana, noma ngokuphazima kweso, noma ngonyaka owodwa noma emibili, kwadingeka ukuthi adale ezinye izinto ezidingekayo ukuze aphile umuntu, njengelanga, inyanga, ngezinhlobo ngezinhlobo zezidalwa eziphilayo, nokudla, kanye nendawo yokuphila yesintu. Lokhu kwabe kuwukuqala kokuphatha kukaNkulunkulu.

Emuva kwalokho, uNkulunkulu wanikezela ngesintu kuSathane, umuntu waphila ngaphansi kokubusa kukaSathane, futhi lokhu kancane kancane kwaholela emsebenzini kaNkulunkulu wenkathi yokuqala: indaba yeNkathi Yomthetho…. Eminyakeni eyizinkulungwane eziningi yeNkathi Yomthetho, isintu sajwayela ukuqondiswa kweNkathi Yomthetho, futhi baqala bakuthatha kalula, futhi kancane kancane, bakushiya ukunakekelwa nguNkulunkulu. Ngakho, ngesikhathi benamathele emthethweni, bakhonza izithixo futhi benza izinto ezimbi. Babengavikelwe nguJehova, futhi babemane bephila izimpilo zabo phambi kwethempeli. Empeleni, umsebenzi kaNkulunkulu wabe usubashiyile kudala, nakuba abakwa-Israyeli babebambelele emthethweni, futhi bekhuluma ngegama likaJehova, futhi ngokuziqhenya besakholelwa ukuthi kwabe kuyibo bodwa abantu baJehova futhi babengabakhethiweyo baJehova, inkazimulo kaNkulunkulu yabalahla buthule…

Uma uNkulunkulu enza umsebenzi Wakhe, uyayishiya buthule indawo ethile kodwa abe enza umsebenzi omusha ngokuthulile, uqala kwenye indawo. Lokhu kubukeka kungakholeki kubantu, abasala bendikindiki. Abantu selokhu benza igugu lokho okudala, futhi babuke izinto ezintsha, ezingajwayelekile ngobutha, noma njengohlupho. Ngakho, noma imuphi umsebenzi omusha uNkulunkulu awenzayo, kusukela ekuqaleni kuze kufike ekugcineni ngci, umuntu ungowokugcina ukwazi ngawo phakathi kwezinto zonke.

Njengoba kwakuhlale kwenzeka, emuva komsebenzi kaJehova ngeNkathi Yomthetho, uNkulunkulu waqala umsebenzi Wakhe wesigaba sesibili: wathatha inyama—wathatha isimo somuntu iminyaka eyishumi, amashumi amabili—futhi ekhuluma futhi enza umsebenzi Wakhe phakathi kwamakholwa. Kepha, ngaphandle kokukhetha, akekho owayazi, futhi bambalwa abantu abemukela ukuthi wayenguNkulunkulu othathe isimo senyama emuva kokuthi iNkosi uJesu ibethelwe esiphambanweni futhi yavuswa. Njengenkinga, kwavela owayebizwa ngoPawulu, awazibeka ebutheni obunokufa noNkulunkulu. Ngisho emuva kokuthi eshaywe phansi waphenduka umpostoli, imvelo kaPawulu endala ayizange ishintshe futhi wahamba indlela yokuphikisa uNkulunkulu. Ngesikhathi esebenza, uPawulu wabhala izincwadi eziningi; ngeshwa, izizukulwane eziza ngemuva zathokozela izincwadi zakhe njengamazwi kaNkulunkulu, ngendlela yokuthi zafakwa eTestamenteni Elisha futhi zadideka namazwi akhulunywa nguNkulunkulu. Lokhu yihlazo elikhulu impela selokhu kwaqala imiBhalo! Futhi leli phutha alenzekanga ngenxa yobuwula bomuntu na? Kuncane ababekwa ngokuthi, emibhalweni yomsebenzi kaNkulunkulu eNkathini yoMusa, izincwadi kanye nomibhalo yangomoya yabantu kwakungafanele nje ibe khona ukuthatha indawo yomsebenzi namazwi kaNkulunkulu. Kodwa lokhu kuseceleni, ngakho masibuyele esihlokweni sethu sokuqala. Kwathi lapho isigaba sesibili somsebenzi kaNkulunkulu sesiphelile—emuva kokubethelwa esiphambanweni—umsebenzi kaNkulunkulu wokukhipha umuntu esonweni (okungukuthi, ukukhipha umuntu ezandleni zikaSathane) wafezeka. Ngakho, kusukela kulowo mzuzu kuqhubeka, isintu sase sidinga ukwemukeka iNkosi uJesu njengoMsindisi ukuze izono zaso zithethelelwe. Ngokubuka, izono zomuntu zabe zingasesona isithiyo ekutholeni kwakhe insindiso futhi ukuza phambi kukaNkulunkulu futhi zabe zingaseyona into uSathane ayengasizakala ngayo ukumangalela umuntu. Yingoba uNkulunkulu uqobo Lwakhe wayenze umsebenzi ngempela, wayefike efana nenyama yesono, futhi uNkulunkulu uqobo Lwakhe wabe engumhlabelo wesono. Ngale ndlela, umuntu wahlika esiphambanweni, ehlengiwe futhi esindisiwe ngenxa yenyama kaNkulunkulu, umfanekiso wale nyama yesono. Ngakho, emuva kokuthunjwa nguSathane, umuntu wasondela kakhulu ekutheni emukele insindiso phambi kwaNkulunkulu. Impela, lesi sigaba somsebenzi kwabe kungukuphatha kukaNkulunkulu okwabe kuyisinyathelo esinyukelayo ukusuka eNkathini Yomthetho, futhi kwabe kusezingeni elijulile kuneNkathi Yomthetho.

Kunjalo ukuphatha kukaNkulunkulu: ukunikezela isintu phezu kukaSathane—isintu esingazi ukuthi uyini uNkulunkulu, ukuthi uyini uMdali, ukhonzwa kanjani uNkulunkulu, nokuthi kungani kunesidingo sokuthobela uNkulunkulu—futhi ukunika inkululeko enkohlakalweni kaSathane. Isinyathelo ngesinyathelo, uNkulunkulu uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, aze umuntu akhonze uNkulunkulu ngokuphelele futhi ashiye uSathane. Lokhu ukuphatha kukaNkulunkulu. Konke lokhu kuzwakala sengathi indaba eyinganekwane, futhi lokho yingoba abazi nhlobo ukuthi zingakanani izinto ezehlele umuntu kule minyaka eyizinkulungwane eziningi eyedlule, kungasaphathwa izindaba ezenzekile emhlabeni jikelele. Futhi, ngaphezu kwalokho, yingoba abakwazi ukuqondisisa izwe elishaqisayo, elifaka ukwesaba kakhulu elikhona ngaleya kwalo mhlaba esiwubonayo, kodwa amehlo abo enyama ayabavimba ukuthi bawubone Kuzwakala kungaqondakali kumuntu, futhi lokho yingoba umuntu akakuqondi ukubaluleka kokusindisa kukaNkulunkulu isintu kanye nokubaluleka komsebenzi kaNkulunkulu wokuphatha, futhi akaqondi ukuthi uNkulunkulu ufisa isintu sibe njani ekugcineni. Isintu esifana no-Adamu no-Eva, abangakonakaliswa nguSathane? Cha! Ukuphatha kukaNkulunkulu kwenziwa ukuzuza iqembu labantu abakhonza uNkulunkulu nabamthobelayo Yena. Lesi sintu sonakalisiwe nguSathane, kodwa asisamboni uSathane njengobaba waso; siyabubona ubuso obubi bukaSathane, futhi siyabukhahlela, futhi sifike phambi kwaNkulunkulu ukwemukela isahlulelo nokusola Kwakhe. Uyazi uthi yini embi, nokuthi injani uma uyiqhathanisa nalokho okuyingcwele, futhi uyabona ubukhulu bukaNkulunkulu nobubi bukaSathane. Isintu esinjalo ngeke sisamsebenzela uSathane, noma simkhonze uSathane, noma simenze isithixo uSathane. Yingoba bayiqembu labantu abazuzwe ngempela wuNkulunkulu. Lokhu ukubaluleka kokuphatha isintu kukaNkulunkulu. Ngesikhathi somsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu lesi sikhathi, isintu siwumenziwa wenkohlakalo kaSathane, futhi ngaso leso sikhathi siwumenziwa wensindiso kaNkulunkulu, kanye nento uNkulunkulu noSathane abayilwelayo. Ngesikhathi enza umsebenzi Wakhe, uNkulunkulu kancane kancane uyamkhipha umuntu ezandleni zikaSathane, ngakho umuntu uba seduzane kakhulu noNkulunkulu…

Kwase kufika iNkathi Yombuso, okuyisigaba somsebenzi esibonakalyo kepha futhi yiso esinzima kakhulu ukuthi umuntu asemukele. Yingoba njengoba umuntu esondela kuNkulunkulu, kusho ukusondela koswazi lukaNkulunkulu phambi komuntu. Kulandela ukuhlengwa komuntu, umuntu ubuyela ngokusemthethweni emndenini kaNkulunkulu. Umuntu wacabanga ukuthi manje yisikhathi sokujabula, kepha uzithola ebhekene nokuhlaselwa okuqhamuka ngaphambili ngomfutho okuvela kuNkulunkulu, uhlobo okungekho muntu oke wakubona ukuthi kuyokwenzeka. Kuyavela, ukuthi lokhu ukubhajadiswa abantu baNkulunkulu ekufanele bakujabulele. Ngaphansi kwempatho enjalo, abantu abanako abangakwenza kodwa ukuthi bame bacabange ukuthi, ngiyiwundlu ebelilahlekile iminyaka eminingi, uNkulunkulu akhiphe okukhulu ukulithenga futhi, ngakho kungani uNkulunkulu engiphatha kanje? Yindlela le yokuthi uNkulunkulu angihleke, angidalule?… Emuva kokuhamba kweminyaka, umuntu useshayekile, usedlule ebunzimeni bokucwengwa nokujeziswa. Nakuba umuntu eselahlekelwe “inkazimulo” kanye “nobumnandi” bezikhathi ezedlule, ngaphandle kokucabanga usefike ekuqondeni iqiniso lokuba umuntu, futhi usekwazi ukwazisa iminyaka yokuzinikela kukaNkulunkulu ukuthi asindise isintu. Umuntu uyaqala ukuzonda ukungaphucuki kwakhe. Uqala ukuzonda indlela anobudlova ngayo, nokungezwani kwakhe noNkulunkulu, nezicelo eziphoqayo ezingenangqondo azenzile Kuye. Isikhathi asinakuhlehliswa; izehlo ezedlule ziba izinkumbulo ezinokuzisola zomuntu, kanti amazwi nothando lukaNkulunkulu luba ngamandla amqhubela phambili umuntu empilweni yakhe entsha. Amanxeba omuntu ayaphola usuku nosuku, amandla akhe ayabuya, futhi asukume abheke ebusweni bukaSomandla … akutholayo nje ukuthi ubelokhu eseduze naye, nokuthi ukumamatheka Kwakhe kanye nobuso Bakhe obuhle buyamthinta kakhulu. Inhliziyo Yakhe isenokukhathazeka ngesintu asidala, futhi izandla Zakhe zisafudumele futhi zinamandla njengoba zazinjalo ekuqaleni. Kungathi-kumuntu ubuyele eNsimini Yase-Edeni, kepha manje umuntu akasalaleli ukuyenga kwenyoka, akasabususi ubuso bakhe kuJehova. Umuntu uyaguqa phambi kukaNkulunkulu, abheke phezulu ebusweni obumamathekayo bukaNkulunkulu, futhi anikele ngomhlatshelo wakhe oyigugu kunayo yonke—O! Nkosi Yami, Nkulunkulu Wami!

Uthando nozwelo lukaNkulunkulu lugcwele kuyo yonke imininingwane yomsebenzi Wakhe wokuphatha, futhi akunandaba noma abantu bayaqonda izinhloso ezinhle zikaNkulunkulu, ngokungakhathali, usawenza umsebenzi ahlose ukuwufeza. Ngaphandle kokubheka ukuthi abantu baqonda kangakanani ukuphatha kukaNkulunkulu, izinzuzo nosizo lomsebenzi owenziwe nguNkulunkulu lungathakaselwa inoma ngubani. Mhlawumbe, namhlanje awukaze uzwe inoma iluphi uthando noma impilo ehlinzekwa nguNkulunkulu, kodwa inqobo uma ungamlahli uNkulunkulu, futhi ungadeli ukuzimisela kwakho ukufuna iqiniso, kuyohlale kukhona usuku lapho ukumamatheka kukaNkulunkulu kuyovezwa kuwena. Ngoba inhloso yomsebenzi wokuphatha kukaNkulunkulu ukubuyisa isintu esingaphansi kwamandla kaSathane, ukungasilahli isintu esonakaliswe nguSathane futhi saphikisana noNkulunkulu.

Mandulo 23, 2005

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla

7

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

Ukwazi Umsebenzi kaNkulunkulu Namhlanje

Ukwazi umsebenzi kaNkulunkulu kulezi zikhathi, esikhathini esiningi, ukwazi ukuthi iyini inkonzo esemqoka kaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina, nokuthi uzokwenzani emhlabeni. Ngishilo ngaphambili emazwini ami ukuthi uNkulunkulu ufike emhlabeni (ngezinsuku zokugcina) ukuzokwenza isiboniso ngaphambi kokuthi ahambe. UNkulunkulu usenza kanjani lesi siboniso? Ngokukhuluma amazwi, ngokusebenza nokukhuluma ezweni lonke. Lo nguumsebenzi kaNkulunkulu ezinsukwini zokugcina; Uyakhuluma kuphela, ukuze umhlaba ube ngumhlaba wamazwi, khona wonke umuntu ezohlinzekwa futhi akhanyiselwe ngamazwi akhe, futhi khona umoya womuntu uzophaphama futhi acacelwe ngemibono. Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu osesimweni somuntu ufike emhlabeni ikakhulukazi ukuze akhulume amazwi. Lapho uJesu efika, wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini, futhi wafeza umsebenzi wokuhlengwa ngokubethelwa. Waletha isiphetho seNkathi Yomthetho, futhi wachitha zonke izinto ezindala. Ukufika kukaJesu kwaqeda iNkathi Yomthetho futhi kwaletha iNkathi Yomusa. Ukufika kukaNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina sekulethe isiphetho seNkathi Yomusa. Ufike ikakhulukazi ukuzokhuluma amazwi akhe, ukusebenzisa amazwi ukuphelelisa umuntu, ukukhanyisa nokukhanyisela umuntu, nokususa indawo kaNkulunkulu ongaqondakali enhliziyweni yomuntu. Lokhu akusona isigaba somsebenzi owenziwa nguJesu ngesikhathi efika. Lapho uJesu efika, wenza izimpawu eziningi, wasindisa abagulayo futhi wakhipha amadimoni, futhi wenza umsebenzi wokuhlenga ngokubethelwa. Ngenxa yalokho, emicabangweni yakhe, umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu kufanele abe njalo. Ngoba ngesikhathi uJesu efika, akawenzanga umsebenzi wokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu; lapho efika, wabethelwa, wasindisa abagulayo waphinde wakhipha amadimoni, futhi wasabalalisa ivangeli lombuso wasezulwini. Ohlangothini olulodwa, ukuthatha kukaNkulunkulu isimo somuntu ezinsukwini zokugcina kususa indawo ephethwe nguNkulunkulu ongacacile emicabangweni yabantu, ukuze ungabe usaba khona umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Ngamazwi nomsebenzi wakhe uqobo, ukuhamba Kwakhe kuzo zonke izindawo nomsebenzi ongokoqobo nojwayeleke ngokumangazayo awenza phakathi kwabantu, wenza ukuthi umuntu azi ubunjalo bukaNkulunkulu, futhi asuse indawo kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Kolunye uhlangothi, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhulunywa inyama Yakhe ukwenza umuntu aphelele, nokufeza zonke izinto. Lona umsebenzi uNkulunkulu azowufeza ezinsukwini zokugcina.

Okufanele nikwazi:

  1. Umsebenzi kaNkulunkulu awukho ngaphezu kwemvelo, futhi ningabi nemicabango ngawo.

  2. Kufanele niqonde umsebenzi osemqoka uNkulunkulu osesimweni somuntu afike ukuzowenza ngalesi sikhathi.

Akafikanga ukuzosindisa abagulayo, noma ukukhipha amadimoni, noma ukuzokwenza izimpawuliso, futhi akezile ukuzosabalalisa ivangeli lokuphenduka, noma ukuhlenga umuntu. Yingoba uJesu usewenzile lo msebenzi, uNkulunkulu akawuphindi umsebenzi ofanayo. Namhlanje uNkulunkulu uze ukuzophetha iNkathi Yomusa futhi alahle lokhu kwenza kweNkathi Yomusa. UNkulunkulu ongokoqobo uze ikakhulukazi ukukhombisa ukuthi ukhona ngempela. Ngesikhathi uJesu efika, wakhuluma amazwi ambalwa; Ikakhulu wenza izimpawu, wenza izimpawu nezimangaliso, futhi wasindisa abagulayo wakhipha amadimoni, noma okunye wakhuluma iziphrofetho ukuze enze umuntu, akholwe futhi nokwenza umuntu ukuthi abone ukuthi wabe enguNkulunkulu ngempela futhi uNkulunkulu ozithibayo. Ekugcineni, wawuqedela umsebenzi Wakhe wokubethelwa. UNkulunkulu wanamhlanje akakhombisi izimpawu nezimangaliso, futhi akasindisi abagulayo aphinde akhiphe amadimoni. Ngesikhathi uJesu efika, umsebenzi awenza wawumele ingxenye eyodwa kaNkulunkulu, kodwa kulesi sikhathi uNkulunkulu ufike ukuzokwenza isigaba somsebenzi esisele, ngoba uNkulunkulu akawuphindi umsebenzi; unguNkulunkulu ohlale emusha ongakaze aguge, ngakho konke okubonayo namhlanje ngamazwi nomsebenzi kaNkulunkulu ongokoqobo.

UNkulunkulu osesimweni somuntu wezinsuku zokugcina ufike ikakhulukazi ukuzokhuluma amazwi Akhe, ukuchaza konke okudingekayo empilweni yomuntu, ukukhombisa lokho umuntu okufuneka angene kukho, ukukhombisa umuntu izenzo zikaNkulunkulu, ukukhombisa umuntu ukuhlakanipha, ukuba namandla onke kanye nokumangalisa kukaNkulunkulu. Ngezindlela eziningi uNkulunkulu akhuluma ngazo, umuntu ubona ukuphakama kukaNkulunkulu, ubukhulu bukaNkulunkulu, kanye, ngaphezulu kwalokho, ukuthobeka nokufihlakala kukaNkulunkulu. Umuntu uyabona ukuthi uNkulunkulu unobukhosi, futhi uthobekile, futhi ucashile futhi angaba omncane kunabo bonke. Amanye amazwi akhe akhulunywa ngeso likaMoya, amanye amazwi akhe akhulunywa ngeso lomuntu, futhi amanye amazwi akhe akhulunywa ngeso lomuntu wesithathu. Kulokhu kuyabonakala ukuthi umsebenzi kaNkulunkulu uyehluka kakhulu futhi uvumela umuntu ukuthi awubone ngamazwi. Umsebenzi kaNkulunkulu ngezinsuku zokugcina ujwayelekile futhi uyiqiniso, ngakho iqembu labantu bezinsuku zokugcina lifakwa ezivivinyweni ezinzima kunazo zonke. Ngenxa yokujwayeleka kanye nokuba wuqobo kukaNkulunkulu, bonke abantu sebengene ekuvivinyweni okunjalo; ukuthi umuntu usehlele ezivivinyweni nguNkulunkulu kungenxa yokujwayeleka neqiniso likaNkulunkulu. Ngesikhathi sikaJesu, kwakungekho micabango kanye nezivivinyo. Ngoba umsebenzi omningi owenziwa uJesu wenziwa ngokuhambisana nemicabango yomuntu, abantu bamlandela, futhi babengenayo imicabango ngaye. Izivivinyo zanamhlanje ngezinzima kakhulu ukudlula zonke umuntu ake abhekana nazo, futhi uma kuthiwa labantu baphume osizini olukhulu, yilolu sizi okukhulunywa ngalo. Namhlanje, uNkulunkulu ukhuluma ukwakha ukukholwa, uthando, ukubekezela kanye nokulalela kulaba bantu. Amazwi akhulunywe nguNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina ahambisana nengqikithi yemvelo yomuntu, ahambisana nokuziphatha komuntu, futhi ahambisana nalokho umuntu okufanele angene kukho namhlanje. Indlela yakhe yokukhuluma[a] eyangempela futhi ijwayelekile: Akakhulumi ngekusasa, futhi akabheki kokwayizolo; Ukhuluma kuphela ngalokho okufanele kungenwe kukho, kwenziwe, futhi kuqondwe namhlanje. Uma, njengamanje, kungavela umuntu okwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, akhiphe amadimoni, asindise abagulayo, futhi enze izimangaliso eziningi, futhi uma lo muntu ethi unguJesu obuyile, ngabe lokhu kuyinkohliso yemimoya emibi, kanye nokulingisa kwakhe uJesu. Khumbula lokhu! UNkulunkulu akawuphindi umsebenzi owodwa. Isigaba sikaJesu somsebenzi sesivele siqediwe, futhi uNkulunkulu ngeke abuye enze lesi sigaba somsebenzi.Umsebenzi kaNkulunkulu ngeke uhambisane nemicabango yabantu; njengesibonelo, iTestamente Elidala labikezela ngokuza kukaMesiya, kodwa kwenzeka ukuthi uJesu afike, ngakho kungaba yiphutha ukuthi omunye uMesiya afike futhi. UJesu usefikile kanye, futhi kungaba yiphutha uma uJesu ubengeza futhi manje. Kunegama elilodwa enkathini ngayinye, futhi igama ngalinye lifuza inkathi. Emicabangweni yomuntu, uNkulunkulu kufanele njalo enze izimpawu nezimangaliso, kufanele njalo asindise abagulayo futhi akhiphe amadimoni, futhi kufanele njalo abenjengoJesu, kepha manje uNkulunkulu akanjalo neze. Uma, ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu wayesenza izimpawu nezimangaliso, futhi esakhipha amadimoni futhi asindise abagulayo—ukuba ubenza njengoJesu uqobo—uNkulunkulu ubengabe uphinda umsebenzi ofanayo, futhi umsebenzi kaJesu ubungeke ube nokubaluleka nosizo. Ngakho uNkulunkulu wenza isigaba esisodwa somsebenzi kuzo zonke izinkathi. Uma isigaba somsebenzi wakhe sesiphelile, silingiswa yimimoya emibi ngokushesha emuva kwalokho, futhi emuva kokuthi uSathane eqalise ukulandela uNkulunkulu eduzane, uNkulunkulu uguqukela endleleni ehlukile. Uma uNkulunkulu eseqede isigaba somsebenzi wakhe, ulingiswa imimoya emibi. Kufanele nicacelwe yilokhu. Kungani umsebenzi kaNkulunkulu namhlanje uhlukile kunomsebenzi kaJesu? Kungani uNkulunkulu engenzi izimpawu nezimangaliso, engakhiphi amadimoni, futhi engasindisi abagulayo? Uma umsebenzi kaJesu wawufana nalowo owenziwa ngeNkathi Yomthetho, wayengammela uNkulunkulu weNkathi Yomusa? Wayengakwazi ukufeza umsebenzi wokubethelwa? Uma, njengaseNkathini Yomthetho, uJesu wayengene ethempelini futhi wagcina iSabatha, wayengeke ahlushwe unoma ubani futhi wayeyokwamukelwa yibo bonke. Uma lokho kwakunjalo, wayengabethelwa? Wayengawuqedela umsebenzi wokuhlenga? Kwakungaba nalusizo luni ukuthi uNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina enze izimpawu nezimangaliso, njengoJesu? Kungesikhathi kuphela uNkulunkulu enza enye ingxenye yomsebenzi Wakhe ngezinsuku zokugcina, leyo emele ingxenye yohlelo lwakhe lokuphatha, lapho umuntu engazuza ulwazi olujule kakhulu ngoNkulunkulu, futhi kungaleso sikhathi kuphela lapho uhlelo lukaNkulunkulu lokuphatha luyofezeka khona.

Ngezinsuku zokugcina, uNkulunkulu ufike ikakhulukazi ukuze akhulume amazwi akhe. Ukhuluma ngokweso likaMoya, ngokweso lomuntu, futhi nangokweso lomuntu wesithathu; Ukhuluma ngezindlela ezehlukene, esebenzisa indlela eyodwa ngesikhathi esithile, futhi asebenzise ezinye izindlela zokukhuluma ukuguquka imicabango yomuntu kanye nokususa umfanekiso kaNkulunkulu ongacacile enhliziyweni yomuntu. Lokhu iwona umsebenzi osemqoka owenziwa nguNkulunkulu. Ngenxa yokuthi umuntu ukholwa ukuthi uNkulunkulu ufike ukuzosindisa abagulayo, ukukhipha amadimoni, ukwenza izimangaliso, kanye nokuletha izibusiso eziphathekayo kumuntu, uNkulunkulu wenza lesi sigaba somsebenzi–umsebenzi wokusola nokwahlulela—-ukuze asuse izinto ezinjalo emicabangweni yomuntu, ukuze umuntu azi ubunjalo kanye nokujwayeleka kukaNkulunkulu, futhi ukuze umfanekiso kaJesu ususwe enhliziyweni yakhe futhi indawo yawo ithathwe umfanekiso omusha kaNkulunkulu. Ngokushesha uma umfanekiso kaNkulunkulu kumuntu uba mdala, uphenduka isithixo. Ngesikhathi uJesu efika futhi enza leso sigaba somsebenzi, wayengamele ukuphelela kukaNkulunkulu. Wenza izimpawu nezimangaliso ezithile, wakhuluma amazwi athile, futhi wagcina ngokubethelwa, futhi wamela ingxenye eyodwa kaNkulunkulu. Wayengeke amele konke okungokukaNkulunkulu, kodwa wamela uNkulunkulu ngokwenza ingxenye eyodwa yomsebenzi kaNkulunkulu. Lokhu yingoba uNkulunkulu mukhulu kakhulu, futhi uyamangalisa kakhulu, futhi akaqondakali, futhi ngoba uNkulunkulu wenza ingxenye eyodwa yomsebenzi wakhe enkathini ngayinye. Umsebenzi owenziwa nguNkulunkulu kule nkathi owokuhlinzeka ikakhulukazi amazwi empilo yomuntu, ukuvezwa ingqikithi yemvelo yomuntu kanye nesimo esonakalisiwe somuntu, ukususa kwemicabango yezenkolo, ukucabanga kwasemandulo, ukucabanga osekuphelelwe isikhathi, kanye nolwazi namasiko omuntu. Konke lokhu kufanele kunekwe obala futhi kuhlanzwe ngamazwi kaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi, hhayi izimpawu nezimangaliso, ukuphelelisa umuntu. Usebenzisa amazwi akhe ukudalula umuntu, ukwehlulela umuntu, ukusola umuntu futhi nokuphelelisa umuntu, ukuze emazwini kaNkulunkulu, umuntu aze abone ukuhlakanipha nobuhle bukaNkulunkulu, futhi aze abone isimo sikaNkulunkulu, ukuze ngamazwi kaNkulunkulu, umuntu abone izenzo zikaNkulunkulu. NgeNkathi Yomthetho, uJehova wahola uMose wamkhipha eGibhithe ngamazwi Akhe, futhi wakhuluma amazwi athile kuma-Israyeli; ngaleso sikhathi, ingxenye yezenzo zikaNkulunkulu yenziwa yacaca, kodwa ngenxa yokuthi izinga lomuntu lalilinganiselwe nje futhi yayingekho into eyayingenza ukuthi ulwazi lwakhe luphelele, uNkulunkulu waqhubeka wakhuluma futhi wasebenza. NgeNkathi Yomusa, umuntu waphinde wabona ingxenye yemisebenzi kaNkulunkulu. UJesu wakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, ukusindisa abagulayo nokukhipha amadimoni, futhi wabethelwa, kwathi emuva kwezinsuku ezintathu wavuka wavela kubantu esenyameni. Abantu babengazi lutho olunye ngaphandle kwalokhu. Umuntu wazi kuphela lokho akukhonjiswa nguNkulunkulu, futhi ukuba uNkulunkulu wayengakhombisi lutho oluthe xaxa kumuntu, umuntu wayengagcina kulelo zinga lokuqonda uNkulunkulu. Ngakho, uNkulunkulu uyaqhubeka ukusebenza, khona ulwazi lomuntu ngaye lungaya lujula, futhi ukuze aye ngokuya efinyelela ekwazini ubunjalo bukaNkulunkulu. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu usebenzisa amazwi akhe ukuphelelisa umuntu. Isimo sakho esonakele sivezwa amazwi kaNkulunkulu, kanti nemicabango yakho yenkolo ithathelwa indawo yiqiniso likaNkulunkulu. UNkulunkulu osesimweni somuntu ezinsukwini zokugcina ufike ikakhulukazi ukugcwalisa amazwi athi “uLizwi waba yinyama, uLizwi ufika enyameni, futhi uLizwi uvela esenyameni,” futhi uma ungenalo ulwazi oluphelele ngalokhu, uzolokhu ungakwazi ukuma uqine. Ezinsukwini zokugcina, uNkulunkulu ufuna ikakhulukazi ukufeza isigaba somsebenzi lapho uLizwi evela esenyameni, futhi lokhu ingxenye yohlelo lukaNkulunkulu lokuphatha. Ngakho, ulwazi lwenu kufanele lucace; akukhathaleki ukuthi uNkulunkulu usebenza kanjani, uNkulunkulu akavumeli umuntu ukuthi amchaze. Ukuba uNkulunkulu ubengawenzi lo msebenzi ngezinsuku zokugcina, ulwazi lomuntu belungeke luqhubeke. Benizokwazi ukuthi nje uNkulunkulu angabethelwa futhi angabhubhisa iSodoma, kanye nokuthi uJesu angavuswa ekufeni futhi avele kuPetru…. Kodwa ubungeke uthi amazwi kaNkulunkulu angafeza konke, futhi anganqoba umuntu. Kusekuzizweleni amazwi kaNkulunkulu kuphela lapho ungakhuluma ngolwazi olunjalo, futhi ngokwanda komsebenzi kaNkulunkulu ongawuzwa, ulwazi lwakho ngaye lungaluhle kakhulu. Yilapho kuphela uyoyeka ukunciphisa uNkulunkulu ngemicabango yakho. Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngokuzizwela umsebenzi wakhe, futhi ayikho enye indlela elungile yokwazi uNkulunkulu. Namhlanje, baningi abantu abangenzi lutho kodwa abalinda ukubona izimpawu nezimangaliso nesikhathi senhlekelele. Ukholwa kuNkulunkulu noma ukholwa enhlekeleleni? Uma ulinda kuze kufike isinhlekelele, siyobe sesikushiyile isikhathi, futhi uma uNkulunkulu engasithumeli isinhlekelele, akayena-ke uNkulunkulu? Ukholwa ezimangeni nezimangaliso noma ukholwa kuNkulunkulu uqobo? UJesu akazange azenze izimpawu nezimangaliso lapho ehlekwa usulu ngabanye; wayengeyena uNkulunkulu? Ukholwa ezimangeni nezimangaliso noma ukholwa engqikithini kaNkulunkulu? Imicabango yomuntu ngokukholwa kuNkulunkulu akulungile! UJehova wakhuluma amazwi amaningi ngeNkathi Yomthetho, kepha nanamhlanje amanye awo awakagcwaliseki. Ungathi uJehova wayengeyena uNkulunkulu?

Namhlanje, kufanele kucace kinina nonke ukuthi, ezinsukwini zokugcina, into esemqoka iqiniso lokuthi “uLizwi waba yinyama” elifezwa nguNkulunkulu. Ngomsebenzi wakhe woqobo emhlabeni, wenza umuntu ukuthi amazi, nokuthi asebenzisane Naye, futhi ukubona izenzo Zakhe uqobo. Wenza umuntu ukuthi abone ngokucacile ukuthi uyakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso futhi kunezikhathi lapho engakwazi ukukwenza lokho, futhi lokhu kuncike enkathini. Ngalokhu uyabona ukuthi akukhona ukuthi uNkulunkulu akakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, kodwa kunalokho, uyakuguqula ukusebenza kwakhe ngokuhambisana nomsebenzi wakhe, nangokuhambisana nenkathi. Kulesi sigaba somsebenzi Wakhe wamanje, akazikhombisi izimpawu nezimangaliso; ukuthi wakhombisa izimpawu nezimangaliso eziyingcosana ngenkathi kaJesu yingoba umsebenzi wakhe kuleyo nkathi wawuhlukile. UNkulunkulu akasawenzi lowo msebenzi namhlanje, futhi abanye abantu bakholwa ukuthi akakwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, noma uma kungenjalo bacabanga ukuthi uma engakhombisi izimpawu nezimangaliso, akayena uNkulunkulu. Akuyona into engekho leyo? UNkulunkulu uyakwazi ukukhombisa izimpawu nezimangaliso, kodwa usebenza enkathini ehlukile, ngakho akawenzi umsebenzi onjalo. Ngenxa yokuthi yinkathi ehlukile lena, nangenxa yokuthi yisigaba esihlukile somsebenzi kaNkulunkulu lesi, izenzo ezenziwa obala nguNkulunkulu nazo zihlukile. Ukukholwa komuntu kuNkulunkulu akukhona ukukholwa ezimpawini nezimanga, noma ukukholwa ezimangalisweni, kodwa ukukholwa emsebenzini wakhe wangempela ngale nkathi entsha. Umuntu ufinyelela ekwazini uNkulunkulu ngendlela uNkulunkulu asebenza ngayo, okungukuthi, futhi lolu lwazi lwakha kumuntu ukukholwa kuNkulunkulu, okungukuthi, ukukholwa emsebenzini nasezenzweni zikaNkulunkulu. Kulesi sigaba somsebenzi uNkulunkulu uyakhuluma ikakhulu. Ungalindi ukubona izimpawu nezimangaliso; ngeke uzibone! Ngoba awuzalwanga ngeNkathi Yomusa. Uma wawuzalwe ngaleyo nkathi, wawungazibona izimpawu nezimangaliso, kodwa uzalwe ngezinsuku zokugcina, ngakho ungabona kuphela ubuqiniso nokujwayeleka kukaNkulunkulu. Ungalindeli ukubona uJesu ongaphezulu kwemvelo ngezinsuku zokugcina. Ukwazi ukubona uNkulunkulu osesimweni somuntu obonakalayo, ongahlukile kunoma yimuphi umuntu ojwayelekile. Enkathini ngayinye, uNkulunkulu wenza izenzo ezithile zibe sobala. Enkathini ngayinye, ubeka obala ingxenye yezenzo zikaNkulunkulu, futhi nomsebenzi wenkathi ngayinye, umele ingxenye eyodwa yesimo sikaNkulunkulu, futhi umele ingxenye eyodwa yezenzo zikaNkulunkulu. Izenzo azenza zicace zihlukahlukana ngenkathi asebenza kuyo, kodwa zonke zinika umuntu ulwazi olujule kakhulu ngoNkulunkulu, nenkolo kuNkulunkulu ezithobile futhi eyiqiniso kakhulu. Umuntu ukholwa kuNkulunkulu ngenxa yazo zonke izenzo zikaNkulunkulu, nangenxa yokuthi uNkulunkulu uyamangalisa kakhulu, mkhulu kakhulu, ngoba unguSomandla, futhi akanakuqondakala. Uma ukholwa kuNkulunkulu ngoba ekwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso futhi ekwazi ukusindisa abagulayo, nokukhipha amadimoni, umbono wakho uyiphutha futhi abanye abantu bazothi kuwe, “Imimoya emibi ayikwazi nayo ukwenza izinto ezinjalo?” Akukhona lokhu ukudida umfanekiso kaNkulunkulu nomfanekiso kaSathane? Namhlanje, ukukholwa yomuntu kuNkulunkulu ingenxa yezenzo zakhe eziningi kanye nezindlela eziningi asebenza futhi akhuluma ngazo. UNkulunkulu Usebenzisa amazwi Akhe ukunqoba umuntu nokumphelelisa. Umuntu ukholwa kuNkulunkulu ngenxa yezenzo Zakhe eziningi, hhayi ngoba ukwazi ukwenza izimpawu nezimangaliso, futhi umuntu umqonda kuphela ngoba ebona izenzo Zakhe. Kungokwazi izenzo zikaNkulunkulu zoqobo kuphela, ukuthi yiziphi izindlela ezihlakanipjile azisebenzisayo, ukuthi ukhuluma kanjani, nokuthi umenza kanjani umuntu apheleliswe—ngukwazi lezi zingxenye kuphela—okungenza uqonde iqiniso likaNkulunkulu futhi uqonde isimo Sakhe, wazi lokho akuthandayo, akuzondayo, ukuthi usebenza kanjani kumuntu. Ngokuqonda izinto azithandayo nangazithandi uNkulunkulu, ungakwazi ukwehlukanisa phakathi kwalokho ukuhle nokubi, futhi ngolwazi lwakho ngoNkulunkulu kunenqubekela phambili empilweni yakho. Kafushane, kufanele uzuze ulwazi ngomsebenzi kaNkulunkulu, futhi kufanele uqondise imibono yakho ngokukholwa kuNkulunkulu.

Imibhalo yaphansi:

a. Embhalweni wokuqala kuthiwe “khona”

Umthombo: IBandla LikaNkulunkulu Usomandla